zulu.950.live
Sixoxisana no-Andile noBonang
Ngabe bangathandana?
SIBABONA kwiTV bebahle kanti izigidi zabalandeli ziyachazeka uma zibabona kwiLive ngoLwesihlanu kusihlwa. Kodwa u-Andile Ncube noBonang Matheba bavele bahleke uma bezwa amahlebezi okuthi bayathandana.
“Anginaso isikhathi sezintombi njengoba ngisebenza,” kugcizelela u-Andile. “Ukuba nginentombi ngabe ihlala ixabana nami ngenxa yesikhathi engisichitha noBonang.”
Uma uBonang ebonakala ezitolo zaseRosebank, amehlo abesimame nawabesilisa ahlala kuyena.
Le ntokazi eneminyaka engu-20 eyenza izifundo ze-marketing eJohannesburg University ime kahle njengomkhangisi wefeshini.
U-Andile wayikhetha ukuze isebenze naye ohlelweni olusha lomculo kuSABC 1, kanti ngenxa yayo, siyanda isibalo sabesilisa ababukela lolu hlelo .
“Ngangifuna ukwethula uhlelo lwabadala kulo nyaka u-Andile wangivulela lowo mnyango,” kusho uBonang.
“Kuyisifiso sethu ukusabalalisa iLive kulo lonke elase-Africa.
“Ngizwana namaphathi. Kungangithokozisa ukuhamba no-Andile kodwa uzwana nokuhlala ekhaya namakhomphyutha akhe.”
“Ngingowesilisa osemusha onenhlanhla yokuba namathuba amaningi kwezikaqedisizungu,” kusho u-Andile.
“Uma ngichitha isikhathi emaphathini, ngeke ngibe nethuba lokugxila ebhizinisini lami. “Kufanele utshale imali emsebenzini wakho ngendlela oyitshala ngayo emzini wakho nasemndenini.”
U-Andile usanda kuvula inkampani yakhe iBlackface Exchange ethuthukisa amathalente abaculi abasafufusa ahlole ama-demo abo awathola nyanga zonke.
Ngesikhathi exoxisana nabakwaBONA, wayesawathola amaCD namaDVD abaculi abanethemba lokuzakhela igama.
Ithalente
“Awukho umculo engingawulaleli,” kusho u-Andile. Baningi abaculi lapha phandle abalambele impumelelo.”
UZam Nkosi osengusomabhizinisi ungomunye wabantu abayizibonelo ezinhle ku-Andile kanti sizomkhumbula ethula izinhlelo zomculo kanti manje usephrojusa izinhlelo zamaTV channels ahlukene.
Eminyakeni emine edlule u-Andile wayenza izifundo ze-drama ngesikhathi eba ngomunye wabethuli be-One ngoLwezihlanu ebusuku.
Wagcina eselushayela yedwa lolu hlelo kanti namuhla uphrojusa iLive aphinde ayethule kanye noBonang “owengeza umfutho.”
“Awukho umnyango engingangqongqozanga kuwona ukuze ngivivinyelwe ukwethula iLive kanti bangihlola kane,” kusho uBonang.
U-Andile uyamcija ezintweni ezinjengendlela okumele abukeke ngayo kwikhamera, indlela okumele axoxisane ngayo nabaculi nangabantu angaxhumana nabo embonini yezomculo.
“Siningi isikhathi esisichitha ndawonye kulezi zinsuku kanti uma nginabangani bami umbuzo wokuqala abangibuza wona othi: ‘Unjani u-Andile? Kwenzekani ngani?’
“Uma ngibatshela ukuthi siyasebenza nje kuphela, umbuzo olandelayo abawubuzayo othi – ‘OK, uyosihlanganisa nini naye?’
“Ngeke ngikwenze lokho! Ngeke ngivume ukuba kungene omunye umuntu phakathi kwethu!”
Ubumnandi
U-Andile uthi uBonang ambiza ngo “B” uyobe eshayela izinhlelo zakhe eminyakeni embalwa ezayo kanti bobabili bathi bathanda ingoma yeFabolous noNe-Yo ethi You Make Me Better. UBonang akamshiyi u-Andile ezintweni asuke ehlele ukuzenza. Kungenzeka abe sezingeni lezihlabani ezinjengoChomee noKelly Khumalo kodwa akayingeni eyamadoda acebile.
“Angizwani nokuhlala ngedwa yingakho nje ngigqoka ngiconse kusihlwa uma ngingematasa ngihamba nabangani siye emakilabhini sizidansele.
“Ngiyazijabulisa emva komsebenzi nokufunda. Izinwele zami nezinzipho ngizicwala masonto onke. Ngethula iLive kanti sisebenza nezihlabani. Angikwazi ukungazinaki. Anginandaba nezinto eziphambili engikufunayo wukuphatheka kahle,” kusho yena. [z]
BONA ZULU – December 2007
Sibabona bebahle befanelene kwiTV, kodwa abazimisele ngokwenza okunye okungahlangene nomsebenzi ngokusho kwabo...
UBonang no-Andile bayafanelana...njengoba sizibonela!
(Izingubo: YDE; izicathulo: Europa Art; umgexo: Piece.)
indaba nguDOUG GORDON
isithombe ngu-IVAN NAUDE
izinwele, i-make-up nokucwala: FAITH SEUOE
i-styling: MARINA WALSH
(Isithombe sekhava: ama-top: YDE; umgexo: Piece; amacici: akaBonang)
BONA ZULU – December 2007
