zulu.949.purity
B2836/06
ezentengiso
USis Purity uthi...
U-Sis Purity, oyilungu lethimba lakwaPurity elingochwepheshe kwezokondliwa kwabantwana uphendula imibuzo yakho ngokudla kwabantwana.
Q1: Nginengane yomfana ene-zinyanga ezinhlanu encela ibele. Iyalidla iphalishi kodwa umhlengi-kazi wasemtholampilo uthi kumele kwengezwe i-iron ekudleni kwayo.Yikuphi ukudla okuqukethe i-iron?
A: Ingane yakho izothola i-iron eyanele obisini lwebele ize ibe nezi-nyanga eziyisithupha, kodwa kunge-nzeka ukuthi yayingaphilile njengoba wawuye nayo emtholampilo kanti umhlengikazi ufuna ukuqinisekisa ukuthi ngeke ibe nankinga esikhathini esizayo lapho ingane encela ibele isuke isidinga khona i-iron ethe xaxa.
Ngiyabona ukuthi usuqala ukuyilumula ebeleni njengoba isidla iphalishi. Kusemqoka ukuyinika iphalishi elenzelwe izingane eline-iron eyengeziwe. I-iron iyadingeka enganeni ukuze ikhule kahle.
AbakwaPurity banochunge lweBaby’s Soft Porridges olunothiswe nge-iron noVitamin C kanye noVitamin A osiza ngokuphakela ingane nge-iron eyithola kwiPurity Cream of Maize nePurity Mabele Porridge. Njengoba ingane yakho ikhula ngamandla, idinga i-iron ethe xaxa ekudleni kwayo. Isuke isizoqala ukuthokozela izidlo ezihlukahlukene ngalesi sikhathi. Ungafaka i-sauce yenkukhu noma i-gravy ye-mince meat ephalishini layo ngoba inyama ine-iron.
Q2: Umama uthi angiyiphe ukudla okuphekwe ekhaya ingane yami enezinyanga eziyisishiyagalombili. Ngabe kumele ngikupheke kungahlangani nokwethu?
A: Cha asikho isidingo salokho. Nakhu okumele ukukhumbule:
– Yehlisa isikalo sikasawoti.
Usawoti wufake emva kokukhipha ukudla kwengane kwenikuphekile.
– Ama-veg awangavuthwa kakhulu futhi ungawafaki ama-nzi amaningi ngoba lokho kuqeda umsoco. Zama ukupheka nga-
manzi aphuma kuma-veg uma uwapheka.
– Sebenzisa izithako ezifreshi kube ezitholakala kuleyo sizini.
– Ungawacwecwisisi ama-veg ukuze angalahlekelwa wumsoco.
– Qiniseka ukuthi uyinika lonke uhlobo lokudla ingane yakho.
– Sebenzisa izithako ezihlukahlukene ngoba ithola umsoco ewu-dingayo kuleso sithelo nakulelo-veg.
Ungasebenzisa nokudla kwakaPurity okusemabhodleleni ngoba bayayilandela le migomo esiyibale ngenhla ukuqinisekisa ukuthi umkhiqizo wabo unomsoco.
Kuhle ukuba ingane izame
izinongo ezihlukahlukene
nezidlo ezinhlobonhlobo kanti lokho ungakwenza ngokuyiphekela. KwaPurity babuye babe nochunge lwemikhiqizo esiza ngokunika ingane izidlo ezihlukahlukene. Ungahlanganisa izidlo eziphekwe ekhaya nezePurity ukuze ithole izinongo ezihlukahlukene.
BONA ZULU – April 2006
Imibuzo yakho mayelana nokondla ingane ngokudla okuqinile yibhekise kuSis Purity, PO Box 295, Highlands North 2037. Sizokhetha imibuzo sishicilele izimpendulo kuBONA kaJune nokaSeptember. Ungakhohlwa wukulalela uhlelo lukaSis Purity oKhozini FM njalo ngoLwesibili ngo-11h05 kusukela kuMay 16 kuya ku-August 29, 2006.
Isiqalo esihle
Usuku luqale ngokunika ingane yakho isidlo sasekuseni esimnandi sakwaPurity. Khetha ochungeni lwePurity lweBaby’s Soft Porridges olunomsoco nolusuthisayo, lunama-vitamin engeziwe lwanothiswa nge-selenium, zinc ne-iron. Khetha kulezi zinhlobo:
• Strawberry Cream of Maize
• Banana Cream of Maize
• Original Cream of Maize
• New Mabele Instant Baby’s Soft Porridge.
I-calcium engeziwe isiza ngokuqinisa
amathambo namazinyo kanti u-vitamin B1,
B2, B3 noB6 usiza ekwakheni ubucho
pho. Zigayeka kalula lezi zidlo ezenziwe
ngokolo kanti iPurity Baby’s Soft Porridges
iyindlela enempilo yokusuthisa ingane
yakho.
