zulu.936.bec events
BONA ZULU – March 2007
UFikiswa usebe nelikhulu igalelo ezinhlanganweni eziningi ezithuthukisa umphakathi njengosonhlalakahle owaba nguRegional Director for Pietermaritzburg Social Welfare and Development njengoba manje eyi-Head of the KZN Department of Works. Umnyango wakhe usewakhe kakhulu ukuze kube yihhovisi elinentuthuko kakhulu ngaphansi kwezemiSebenzi yoMphakathi.
Kusithokozisa kakhulu njengoba ezokube esinika isikhathi sakhe, esicobelela nangamakhono nolwazi - ikakhulu abangamalungu e-BONA Empowerment Club. UBONA uzimisele ngokuba unibone nonke eThekwini.
NGO-MARCH i-BONA Empowerment Club izobe ihlangene eThekwini. Isiqubulo sale nyanga, ukuthunga, izimboni zokuthunga, ama-design, ifeshini yase-Africa, izimpahla zakuleli eziyiswa kwamanye amazwe kanjalo nomsebenzi wezandla.
Izindaba ezinhle kubo bonke abasiki bengqephu bakuleli wukuthi umsebenzi wakuleli udingeka kakhulu emazweni angaphandle.
Ngisho ngabe ibhizinisi lakho usanda kulisungula, ziningi izindlela ongenza ngazo umehluko, sizokukhombisa lezo zindlela kulo mcimbi wale nyanga.
I-BONA Empowerment Club isiza amalungu ayo ukuba athole izindlela zokucobelelana ngamakhono awo nabantu bakuleli nabasemhlabeni jikelele.
Sifuna ukukukhuthaza ukuze uphumelele.
U-BONA uzizwa uhloniphekile ngokwamukela uDkt Fikiswa Beatrice Madlopha, ongumphathi woMnyango wezeMisebenzi eKZN njengesikhulumi sosuku kulo mcimbi waseThekwini.
BAKE YOUR BEST WITH SASKO FLOUR
NJENGABAXHASI abakhulu bama-workshop e-2007 BONA Bake and Cook for Profit, uSasko Flour usiphathele usiko oseludonse iminyaka engu-70 ekubeni sebeqalile ukucobelelana ngolwazi namalungu uwasiza hhayi ekubeni ababhaki abaphambili nje kuphela, kodwa futhi abe ngosomabhizinisi abaphambili besimame.
Wonke umuntu uyakuthanda okumnandi okubhakiwe, ngisho ngabe amakhasimende akho noma abomndeni wakho - ngakhoke thembela kwiSasko Flour ukuze ukhombise ukuthi konke kwenzeka kalula kanjani. I-Sasko Flour ikhukhumala ngokukhulu ukushesha kanti yenza amaresiphi akho anambitheke kamnandi.
Hlanganyela nathi kuma-workshop eBONA Bake and Cook for Profit ukuze uthole ithuba lokufunda okuningi odinga ukukwazi ngeSasko Flour.
Ufulawa wakwaSasko wenziwe waba ngowekhwalithi eliphambili kuleli kanjalo nokolo osezingeni eliphezulu wakwamanye amazwe.
Bukela uhlelo olusha lweSasko Flour kumabonakude lwezihlabani kuSABC 2 njalo ngoLwesithathu ebusuku nokuluhlelo oluqala ngo-6 ntambama. Lolu hlelo lwaziwa ngokuthi yiMara And Friends kanti lwethulwa yisihlabani somdlalo uMuvhango uMara Louw.
Hlanganyela noMara nezihambeli zakhe njengoba bezobe bekhuluma ngesikhathi bethokozela okwehla esiphundu okubhakwe ngeSasko Flour.
Sasko Flour makes your baking better tasting
WUNGENELEA UWINE IMALI
IMIKLOMELO yabe-Mageu Number 1 Business Start-Up Awards ka-2007 isiqalile ngakhoke kubo bonke abanomdlandla ngakwezamabhizinisi, ningakhohlwa wukuthola amafomu emicimbini yethu noma nivakashele i-Website yethu ethi: www.empowermentclub.co.za.
Kuzokhethwa futhi abangu-12 abayofinyelela kowamanqamu emabhizinisini ehlukene esikhathini esingangonyaka kuthi emva kwalokho abathathu abayophumelela bayomenyezelwa kuthi umuntu ngamunye kubona athole isitifiketi, umklomelo ofrenyiwe nemali engu-R15 000,
R7 000 no-R4 000 ngokulandelana kwabo.
Abawina ku-2006 Mageu Number 1 Business Start-Up Awards bazokhishwa oshicilelweni lukaBONA olulandelayo, ngakhoke hlale uqaphile!
ZISUNGULELE IBHIZINISI NABAKWA-ARANDA
UNGABATHENGA obhulankethi bakwa-Aranda babe baningi ngesaphulelo bese ubadayisa uzitholele inzuzo. Uma lokhu ufuna ukukwenza phambi kwabantu abaningi, shayela iRevue Liaison kule nombolo: 011-883-8829 ukuze ubhuke.
Okufanele ukwenze:
1. Iya kwi-workshop yeBONA Empowerment Club. 2. Thola ifomu enemithetho onga-oda ngayo kunoma yimuphi umcimbi wethu. 3. Funa amakhasimende ongawadayisela.
Uma ungeke ukwazi ukuya emicimbini shayela uJerminah Tseise wakwa-Aranda ku-011-693-3721 ngezikhathi zomsebenzi ucele ukuba akuthumelele imininingwane nge-fax.
Kulo nyaka abakwa-Aranda nabeBONA Empowerment Club bazobe bethula ama-workshop ebhizinisi lokuthengisa obhulankethi.
CRAMMED FULL OF GOODNESS
INHLANZI esemathinini iGlenryck - igcwele ukunambitheka kanti inothiswe ngamafutha e-Omega 3 - okungamafutha abalulekile ekukunikeni impilo enhle nokufanele kuhlale kuyisithako kuzo zonke izidlo zakho ozithandayo. Usungakuthokozela ukunambitheka kweGlenryck noma kunini ngisho ngabe ukuphi ngoba isivalo sayo esisha esivuleka kalula siyenza kube lula ukuyisebenzisa.
Inhlanzi esemathinini iGlenryck yiyona ndlela eyiyo yokugcina umndeni wakho namakhasimende akho ethokozile futhi ephilile.
Ukuze lokhu kube lula kuwena, abeGlenryck sebenze amaresiphi amaningi atholakala kalula kwiWebsite yabo. Vakashela ethi: www.nola.co.za uthole i-lasagna okulula ukuyenza, ama-fishcakes, amasaladi noma inhlanzi elungiswe no-toast. Ngisho ngabe ikwiSpicy Chilli noma kwiTomato Sauce yoqobo, ukunambitheka okuthandayo akukashintshi nakancane.
Ukudla okunika impilo okugcwele ukunambitheka kulula ukukwenza ngenhlanzi esethinini iGlenryck.
SavellsFairdeal
AKUYONA imfihlo ukuthi abakwaSavells noFairdeal sebehlangene ukuze amakhasimende abo abe nesitolo esisodwa lapho ezothola khona okungcono ngemali ephansi. Nakuba zingekho ezinye zalezi zitolo eziphambili ngakini, lokho ngeke kuthathe isikhathi eside.
Okwamanje usazolokhu uthola usizo lokuthengiselwa oluphambili nolusezingeni oluphezulu ongalulindela esitolo sakho sefenisha.
Uma uthenga kwaSavellsFairdeal, uzobe uthola okuphambili kwazo zombili lezi zitolo.
U-SavellsFairdeal eKhayelitsha yiwo obe ngowokuqala ukuba wenziwe ubukeke kahle ezitolo zakwaSavellsFairdeal kanti kulo nyaka ka-2007 ziningi izitolo esizozibona zivulwa ezweni lonkana.
Bheka esinye sezitolo zethu endaweni yangakini maduze-nje.
BONA ZULU – March 2007
Bake & Cook Workshop
Indawo: The Score Head office, 1 Piet Street, City Deep, Johannesburg
Usuku: ULwesihlanu mhlaka 30 March 2007
Isikhathi: 2 ntambama
Imali yokungena: R20 umuntu
Shayela kule nombolo: 011-883-8829 ukuze ubhuke [z]
Iminini-ngwane yomcimbi
Indawo: Tropicana Hotel, Durban
Usuku: 29 March 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6 ntambama ukuze siqale ngo-6.30
Imali yokungena: R30 umuntu
(kukhokhwa emnyango)
Imali yokudla ibaliwe. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE, SHAYELA KULE NOMBOLO: 011-883-8829
NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI
Ingqikithi: Sewing, Textiles, Design, African Fashions, Exports nomsebenzi wezandla
Izikhulumi zosuku
MC: Thokozani MaMkhize-Ndlovu, woKhozi FM.
UDkt Fikiswa Beatrice Madlopha, Head of Department of Public Works.
Oyobe esithokozisa nguPinkie Mtshali
UForce Khashane – UMhleli OMkhulu kaBONA.
