zulu.934.sonny
Ukuhaya
Uzakhela igama
Akahayeli ukuthola imali kodwa ukholwa wukuthi izinkondlo zingashintsha umhlaba
U-SONNY Holworthy Motsamai uneminyaka engu-27 kanti ufakazela ukuthi ukuhaya izinkondlo kuhle. Wazalelwa eTumahole, eFree State, wawina imiklomelo emincintiswaneni yasekhaya neyaphesheya kanti wamela elaseSA kwi-12th annual International Rendezvous Poetry Festival eHarlem eNew York ngonyaka odlule.
Ngo-2006, wamela elaseSouth Africa eTokyo, eJapan emncintiswaneni weWorld Arts And Culture.
NgokukaSonny ubumbongi awubufundi ezincwadini zesikole.
"Ubumbongi busegazini lami!" kusho yena. "Kuyithuluzi ongalisebenzisela ukwazisa, ukufundisa nokujabulisa abantu.
"Ngiba neqholo lokuziqhenya uma ngimele elaseSouth Africa," kuqhuba yena.
U-Sonny ohlala eRandburg manje, waqala ukubhala izinkondlo ngo-1998. Uyimbongi ngokugcwele kanti wukuthanda amagama okumkhuthazayo, akajahile ukuthola imali ngakwenzayo.
Nakuba esewine imiklomelo eminingi usathwele kanzima ngasezimalini.
Ngo-2005, wawina i-American Poetry Award kodwa wangaba nawo amandla okukhokhela izindleko zokuya eWashington DC lapho ayezothola khona umklomelo wakhe.
Kodwa iSandton Youth Development Forum iyamxhasa uma eya phesheya.
"Ngonyaka odlule ngabhekana nenye inkinga ngatakulwa yiForum ngakwazi ukumela izwe lami phesheya," kusho yena.
U-Sonny uhaya izinkondlo zakhe ema-restaurants, emakilabhini, kumathiyetha nasezitolo - kanti uhlose ukuba abantu baluthande lolu hlobo lobuciko. [z]
BONA ZULU - September 2007
U-Sonny Motsamai oyimbongi uhayela abantu izinkondlo - uzihaya eSA nasemhlabeni wonke.
kusegazini lami!
indaba nesithombe nguSIDWELL GUDUKA
BONA - August 2007
