zulu.933.maputo
IMBONI yezefeshini eMaputo ikhombisa ikusasa eliqhakazile njengoba abasiki bengqephu bakule ndawo bethaka isitayela sePortuguese-Latin nesakwelase-Africa - kanti nezinkampani ezinkulu seziyakuqaphela lokho.
Into esike yaba yimpumelelo enkulu ngakwezefeshini kuze kube yimanje, yiVodacom Mozambique Fashion Week, njengoba lo mbukiso ususenyakeni wayo wesithathu.
“Inhloso ye-fashion week wukuqhakambisa amakhono aphambili engqephu kule ndawo kanjalo nabakhangisi,” kusho uJunaid Munshi weVodacom Mozambique. “Sifuna ukuthi lombukiso usize ekuthuthukiseni abasiki bengqephu bendawo uqhakambise namakhono okumodela.”
Uphinde wathi le mboni ayikathuthuki ngokwanele njengoba isencane kakhulu ingqalasizinda kanti futhi kunokwentuleka kokuqeqeshwa kulo mkhakha.
Abasiki bengqephu baseMaputo bebejwayele ukuthi baze beqe imingcele beze eSouth Africa ngenhloso yokuzofuna izindwangu nokuyinto esibavuselele kakhulu kulo msebenzi.
Enye yalezi zinto engumphumela walokho, yindwangu icapulana nokuyindwangu emibalabala etholakala eMozambique.
“Icapulana yayilokhu isefeshinini, kodwa thina kwakudingeka ukuba sifunde ukuyithanda nokuyitusa ngokuba silokhu sizama izinto ezintsha ngayo,” kusho umculi wodumo eMozambique uNeyma ofake izingubo zefeshini ephambili ekhaveni yeCD yakhe yakamumva nokuyizimpahla zokugqoka ezisikwe ngumsiki wengqephu oneminyaka engu-21 uTaibo.
Lo mculi onama-CD amahlanu omculo we-pop ukholwa wukuthi ukuthuthuka kwale mboni kule ndawo kudinga ukukhuthazwa.
“Akufanele ukuba silindele ukwenzelwa abantu abafika kuleli, kodwa kufanele sizenzele okwethu,” kusho yena.
“Phezu kwezingqinamba ezikhona, ngicabanga ukuthi ifeshini yaseMozambique isithatha elinye igxathu elimangalisayo.”
Abanye babasiki bengqephu abanekusasa elihle ngoTaibo, Mody Maleiane noLucia Pinto…
Indawo yaseMaputo kubukeka ivuka njengoba abasiki bengqephu bakule ndawo bethatha igxathu lokuyithuthukisa le nhloko-dolobha yaseMozambique
BONA ZULU – July 2007
Okungale kwemingcele
Badlisa
Uthando lukaMody Maleiane lwezefeshini lwaqala ngesikhathi enzela unodoli wakhe izingubo.
Ngemibala
UMody Maleiane
Kusukela ngo-1999 uMody wayelokhu engumdidiyeli wama-shows abasiki bengqephu kanjalo nezitolo zezingubo, kanti usezakhele igama embonini yezefeshini eMozambique.
Uthando lwakhe lwezefeshini lwaqala ngesikhathi eseyintombazane encane, “ngizibandakanye ekucwaleni izinwele nasekuthungeleni unodoli wami izingubo,” kusho yena.
“Emva kwalokho ngahlangana nomthwebuli-wezithombe owangithatha izithombe zombukiso wengqephu owawaziwa ngokuthi yi-The Beauty of Mozambique.”
Bamtshela ukuthi angaphumelela ekubeni ngumkhangisi, kodwa “ngangazi ukuthi ekumodeleni kunezinto ezidingekayo kuqala ekubeni futhi ngangingenabo ubude.”
Waqhubeka wenza umsebenzi wefeshini esika imisiko yakhe yengqephu futhi ehlela nama-shows.
“Ukwenzela ikhasimende i-show kuhambisana nezinselelo ngoba lokho kunomthwalo wezibopho zokuqhakambisa izinhloso zalowo muntu,” kusho le ntokazi.
UMody ukhuthazwa ikakhulu “yintuthuko ebonakalayo” yezefeshini eMaputo. “Sinomdlandla omangalisayo namasu amahle okuzisungulela izinto,” kusho yena.
indaba nguNATALIE NETO
izithombe nguVANESSA GROBLER
UTaibo uneminyaka engu-21 kodwa usewine imiklomelo eminingana kwezefeshini ngenxa yemisiko yakhe kanti usegqokise abesimame abaningi abadumile eMaputo. Kumanje unezinhlelo zokusungula inkampani yakhe yezefeshini, avule isitolo sakhe sokuqala kanye ne-agency yezokumodela.
“Ngazalwa nginesiphiwo sokubona ifeshini,” kusho yena. “Ngiyathanda ukwenza abantu besimame babe bahle nokuthi ngibabone begqoke kahle.”
Ugqozi uluthola ikakhulu emisikweni yefeshini kasaziwayo waseNtaliyane uRoberto Cavalli.
Uthi njengamanje kulula ukuziphilisa ngengqephu yefeshini eMaputo. “Le mboni ikhula ngokukhulu ukushesha. Ukuze sikwazi ukufinyelela emazingeni amazwe aphesheya kufanele sithuthukise ikhwalithi yemisiko yethu ukuze ikhombise ubuchwepheshe.”
Le nsizwa yenza lo msebenzi iphinde yenze izifundo zokuphathwa kwamabhizinisi. Uma ithola isikhathi yenza nezinye izinto ezithandayo ezifana - njengokufunda ngezinkanyezi nokubhala.
UTaibo
Umkhangisi uKetha de Jesus eshaye omunye wemisiko eyenziwe nguTaibo.
ULucia Pinto
ULucia umdlandla wakhe uthi uwuthola ezweni laseMozambique. Phezu kokuba sekuphele iminyaka emine ezibandakanye kwezokusikwa kwengqephu kodwa unomlando omude kule mboni enzela abadansi izingubo kanjalo nabezimboni zemidlalo yasesteji.
“Kade ngaqala ukuzisungulela ngizenzele izingubo. Ezimpahleni zami kunombhalo opendiwe noyindlela yokusayina kwami,” kusho yena. Indlu engemumva kwekhaya labazali bakhe yiyo ayisebenzisa njenge-studio sakhe.
“Sidinga ukubuyela ezimpandeni zethu sizenzele into yethu ngendlela yefeshini,” kusho uLucia. “Manje njengoba sesiyingxenye yamazwe omhlaba kufanele siqhamuke nokwethu okwehlukile kwezefeshini lapha eMozambique,” kusho yena.
BONA ZULU – July 2007
UTaibo nakuba eneminyaka engu-21, kubukeka ezozakhela elikhulu igama kule mboni.
ULucia Pinto uthi ugqozi uluthola eMozambique.
