zulu.927.purity
U-Sis Purity uthi...
B2999/06
U-Sis Purity, oyilungu lethimba lakwaPurity elingochwepheshe kwezokondliwa kwabantwana uphendula imibuzo yakho ngokudla kwabantwana
Q: UThabiso, ingane yami enezinyanga eziyisithupha ayikufuni ukudla okuqinile. Uncela ubisi lwebele kuphela. Sengike ngazama ukumnika ama-cereals axubile kodwa uyaqunjelwa. Ngenzenjani?
A: Qala ngokumnika i-cereal kakolo yodwa. I-Purity Rice Cereal iyona kuphela i-cereal yerayisi esinayo eSouth Africa. Ama-cereals axubile awagayeki njengalawo ahamba ngawodwana. Uma ingane yakho ingayithandi i-cereal oyikhethile, thela ubisi lwebele ephalishini – noma uthele olwezingane.
Qala ngokumnika izipuni ezintathu kuya kwezine. Makangasuthi kakhulu – isisu sikaThabiso sisadinga ukukujwayela ukudla okuqinile.
Uma eqhubeka equnjelwa, mnike izithelo noma ama-veg abondiwe (noma izithelo nama-veg akwaPurity anguStage 1). KwaPurity babuye babe nama-prunes asemabhodleleni abo asizayo – mnike i-teaspoon elilodwa noma amabili emva kokudla i-cereal noma uwafake kwi-cereal yakhe ukuze kwehle ukuqunjelwa. (Khumbula ukufaka iPurity esivuliwe efrijini uyisebenzise engakapheli amahora angu-48 – ungasifaki isipuni obufunza ngaso ingane ebhodleleni ngoba amathe angamanzisa ukudla.)
Q: Ngithole ukuthi abakwaPurity bengeze i-iron, i-zinc ne-selenium kuma-cereals ezingane esezikhulile. Ngabe lokho kuzomsiza ngani uThabang ingane yami enezinyanga ezingu-10.
A: Kuyangithokozisa ukuthola ukuthi uyawafunda ama-label. Kusemqoka ukuthi umama abe nolwazi ngomsoco ngoba ingane yakho ikhula ngamandla kanti iyawadinga ama-minerals anjenge-zinc, i-iron ne-selenium ukuze ikhule kahle kuqine namasosha ayo omzimba.
Ezinyangeni ezine kuya kweziyisithupha, ingane isuke isine-iron eyanele emzimbeni wayo. Kodwa iyakudinga ukudla okune-iron emva kwezinyanga eziyisithupha. Ungayinika amaconsi ayo owathola emtholampilo noma uyinike ukudla okuthasiselwe nge-iron. I-iron isiza ekwakhekeni kobuchopho iyisize noma isifunda ingane. U-vitamin C usiza ngokumunca i-iron ngakho bheka ukuthi i-cereal oyinika uThabang inawo yini uVitamin C.
UThabang usenolwazi lokuthi ukudla kunambitheka kanjani, ukuma kwako nombala wako, ukushisa nokubanda kwako, ukusebenzisa isipuni nokunye. Qiniseka ukuthi ukudla omnika kona kuyamsuthisa kunomsoco.
Ama-cereals akwaPurity akahle kumama ofuna ukondla ingane yakhe ngokunempilo. Qala ngama-cereals ane-iron (rice, maize ne-sorghum) kuye kwaxubile anezithelo. KwaPurity banokuningi ongakhetha kukona okuhambisana nezigaba zokukhula.
AbakwaPurity banochunge lwama-cereals ane-iron alungele izingane enziwe kwabhekwa izidingo zayo, isigaba sokukhula kwayo nokunambitheka kwawo. AbakwaPurity banama-cereals angu-17 agayeka kalula analokhu:
• Anothiswe nge-calcium
• Angenama-preservatives, imibala noma ama-artificial flavours
• Anama-vitamin nama-mineral
nanezinga eliphezulu likaVitamin
A noB1, i-iron, phosphorus ne-zinc.
Kuma-cereals esinawo, amahlanu awanayo iGluten okusho ukuthi enzelwe ukuvikela ingane kwi-allergy. Amane adinga ukuxutshwa namanzi ngoba uwathola esefakwe ubisi oluyimpuphu, ayisishiyagalombili adinga ubisi ovele ulunika ingane yakho.[z]
Ama-cereals anempilo akwaPurity, ochwepheshe ekondleni abantwana
BONA ZULU – August 2006 77
ezentengiso
