zulu.912.health
Ezempilo
Phefumula umoya ofreshi
Uma ingane yakho inobunzima ekuphefumuleni noma esifubeni buza udokotela wakho noma umhlengikazi ukuthi akusiyo yini i-asthma - kusho uDkt Mike Levin wezifo zabantwana e-University of Cape Town.
"I-asthma yisifo esivame kakhulu ezinganeni zaseSA - eyodwa kwezingu-10 isuke inayo. Nasemaphandleni lokhu sekuvamile ekubeni kwakungenjalo," kusho yena.
"Sekutholakele ukuthi ukubulawa yi-asthma kuvame ezindaweni zemiphakathi ehluphekayo - kanti iSA ingeyesihlanu emazweni anesibalo esiphezulu kwababulawa yi-asthma emhlabeni. Ngakhoke ngeWorld Asthma Day ngomhlaka 2 May khuthaza ukuhlolelwa lesi sifo - ngoba imithi yokuselapha ikhona kwabayidingayo."
Yeka ukubhema
Lena iyonanto okufanele ikubuse emqondweni ngale Anti-Tobacco Month okuyinyanga kaMay. Ngesikhathi idolobha elincane laseMelika livala ukubhema kuzo zonke izindawo zomphakathi, isibhedlela sendawo sakhombisa ukuthi izinga lokuhlaselwa yisifo senhliziyo laba ngu-60 percent ezinyangeni zokuqala ezingu-6. Ngesikhathi lo mthetho uhoxiswa, izinga lesifo senhliziyo lakhuphuka futhi ngokushesha.
IQINISO:
BONA ZULU - May 2006
Ngaphandle kwe-oxygen, umqondo ungakhubazeka ngemizuzu emine.
Isinyathelo esihle
NgoMay 7 iHealth Day - cishe u-40 percent wezingane ezenza uGrade 4 no-5 azikutholi ukuzilolonga okwanele okudingwa wumzimba ngenxa yokuthi u-90 percent wezikole azinazo izinto ezifanele zokuqhuba ezemidlalo kanti ezemidlalo azikho ezinhlelweni zokufundisa.
UMnyango weMfundo uzimisele ngokuku-lungisa lokhu ngase-kupheleni konyaka ozayo, kodwa ama-primary school angu-10 angahlomula ngokuwina izinkundla zebhola ezibiza ngaphezu kuka-R1 million emncintiswaneni oxhaswe ngabakwa-Omo ovala ekupheleni kukaMay.
Izikole kufanele ziqoqe izigqebhezane zamaphakethe
e-Omo amaningi - ngakhoke uma isikole sengane yakho sinazo izinto zokuqhuba ezemidlalo, isigqebhezane sephakethe lakho unganikelela isikole esidinga okokudlala.
Zithande mama!
NgeMother's Day imindeni kufanele ikhuthaze omama ukuba banakekele izimpilo zabo ukuze baphile isikhathi eside.
"Iningi labesimame seliyakunakekela ukuhlola amabele ukuthi awanazigaxa yini," kusho udokotela wezithinta ucansi waseCape Town u-Alan Alperstein, "kodwa bambalwa abaziyo ukuthi kufanele babheke nabakudlayo bazivocavoce. Namuhla owesimame oyedwa ufa ngomdlavuza webele ekubeni abahlanu bafa ngesifo senhliziyo."
Thatha ishansi ekudlaleni
IQINISO:
Hlola abazali bakho
Phakathi kwamaphesenti angu-40 nangu-70 esisindo sethu nobude lokho kulawulwa ama-genes ofuzo esawathatha kubazali bethu. Ngakhoke bheka abazali bakho nogogo nomkhulu ubheke ukuthi bakusiphi isimo semizimba - nawe uqale uzivocavoce.
Izingane ezincane yibona bantu abalala kakhulu. Ukulala kungabafikela emizuzwini emihlanu kuya kwengu-10 - kulokho kulala amaphesenti ako angu-95, zisuke zibuhhuqa ngempela ubuthongo.[z]
Hlale uphilile ngoPatricia McCracken
isithombe ngabeGREAT STOCK!
BONA - August 2005
