zulu.899.bec events
Kumenywa abafundi baseRustenburg ukuba bajoyine uBONA
I-BONA Empowerment Club izoba ne-forum yokuqala ngqa eRustenburg ngoNovember. Njengenjwayelo, kuyogxilwa ekukhuthazeni abafundi ukuba bazisungulele amabhizinisi abo besebenzisa izeluleko ezitholakala kuma-forums eBEC.
Ingqikithi kaNovember ithi: Izimayini; Amathenda kaHulumeni; Umhlaba woKhokho nabaLimi Abasafufusa.
UMhleli weBONA, uForce Khashane, uyojoyinwa yiMeya uM.P. Pilane, oyokwethula inkulumo ekhuthazayo ngengqikithi yale nyanga.
Zivulele ibhizinisi
THENGA obhulankethi be-Aranda babe baningi ngesaphulelo bese uyabadayisa uthole inzuzo. Ukuze ufunde ukuthi ungabadayisa kanjani, hambela i-forum noma i-workshop yeBONA Empowerment Club uthole imithetho ephathelene nebhizinisi nefomu yoku-oda.
Qala uzitholele amakhasimende uxhumane nabantu ongase ubadayisele emphakathini, kuma-spaza shop noma ezikoleni.
Uma ungeke ukwazi ukufika emcimbini shayela uJerminah Tseise ucingo kwa-Aranda kule nombolo: 011-693-3721 ngezikhathi zomsebenzi umcele akuthumelele imininingwane nge-fax.
Uma ufuna ukuba bafike bazokhombisa amalungu estokfela sakho, shayela oyiRevue Liaison kule nombolo ethi 011-883-8829 ukuze ubhuke.
BONA ZULU – December 2007
Ngena egiyeni ngeSasko Flour
UMA senicula izingoma zikaKhisimusi, nabelana ngezipho nikanye nabangani nomndeni, nize ningakhohlwa wukuzibusisa nge-Easy Sticky Toffee Pudding yakwaSasko Flour.
EASY STICKY TOFFEE PUDDING
(Yanela abangu-6)
I-Mageu Number 1 yethule iBig Boy
225g iSasko Self-raising Flour esefiwe
250g ama-date, aqotshiwe
5ml iMoir’s Bicarbonate Of Soda
250ml amanzi abilayo
80g ibhotela elithanjisiwe
130g ushukela o-brown
5ml iMoir’s Vanilla Essence
2 amaqanda
50g i-pecan nuts eqotshiwe
I-Toffee Sauce
200g ushukela o-brown
120g imajarini
375ml ukhilimu
1. Endishini, hlanganisa ama-dates ne-bicarbonate of soda. Thela amanzi abilayo ngaphezulu, kuyeke imizuzu engu-20 kuze kuthambe ama-date.
2. Hlanganisa ibhotela, ushukela ne-vanilla essence endishini kuze kube sakhilimu.
3. Shayela amaqanda phakathi, elilodwa ngesikhathi ufake isipuni esisodwa sikafulawa uma ingxube ibukeka ihlakazekile.
4. Thela ufulawa osele, i-pecan nuts nengxube yama-date.
5. Beka ingxube endishini esetshenziswa kuhhavini engu-20 x 30cm, bhaka ku-180oC imizuzu engu-30-40. Kukhiphe kuhhavini.
6. I-Toffee Sauce. Epanini elincane, hlanganisa zonke izithako, gxabhisa. Pheka imizuzu emihlanu, thela kwi-pudding. Seva nokhilimu noma no-ice-cream.
I-MAGEU Number 1, exhase iMageu Number 1
Business Start-up Awards eyingxenye yeBONA Empowerment Club, seyethule elinye ikhathoni.
Manje iMageu Number 1 isitholakala ngekhathoni elingu-2 litre ngenxa yokuba yintandokazi kwayo emakhasimendeni ayiphuzayo nakwabayidayisayo.
Leli khathoni elibizwa nge “Big Boy” liphatheka kalula, lishibhile, liyavaleka kanti alikho ikhathoni elifana nalo. Ikhathoni leMageu Number 1 elingu-2 litre ungalithola ngesinongo sikaBhanana noKhilimu.
Uma lingekho ikhathoni leBig Boy esitolo esiseduze nawe, cela imenenja yesitolo iku-odele isitokwe.
U-Savells noFairdeal bakunika okuhle ngemali encane
AKUYONA imfihlo ukuthi uSavells noFairdeal bayasebenzisana ukuze amakhasimende abe nesitolo esihle azokwazi ukuthola kuso okuphambili ngemali encane.
Kungenzeka ngakini singabikho okwamanje isitolo sabo esisha, kodwa lokho yinto engeke ithathe isikhathi ukuba yenzeke!
Okwamanje uzohlomula ngokuthola ifenisha entsha, impatho ethokomele nefenisha eyikhwalithi esitolo sakho esiyintandokazi
Bheka esinye sezitolo zabo ezintsha ngakini maduze nje!
Zibusiseni ngeGlenryck esethinini
U-DECEMBER yinyanga yemindeni, yentokozo, yobumbano noxolo kubantu bonke emhlabeni.
I-Glenryck inhlanzi esethinini iyaziqhenya ngokukusiza ukuze utende umndeni wakho ngezibiliboco kulesi sikhathi sentokozo. Ungenza izidlo eziconsisa amathe ngeGlenryck inhlanzi esethinini ebalwa kulezo zidlo ezinomsoco.
Njengoba sekusondele uKhisimusi, zama ukwenza izidlo ezineGlenryck.
I-First Choice yakwaWoodlands Dairy
I-WOODLANDS Dairy yaqala ukukhiqiza imikhiqizo yasemadeleni kusukela ngo-1996. Bheka iFirst Choice Long Life Custard, Butter, Cream and Cheese.
Njengabaxhasi bomkhankaso weBake & Cook for Profit yeBONA, iFirst Choice kufanele kube ngeyokuqala wena oyikhethayo lapho ubhaka, upheka noma unebhizinisi lokuphekela abantu.
Thumela iresiphi yakho kuleli kheli: First Choice/BONA Recipe Competition, Box 1300, Rivonia, 2128, ubhale igama lakho, isibongo, inombolo ye-cell nekheli lakho ukuze sikumeme emcimbini weBEC olandelayo ngakini, ubuye ube sethubeni lokuwina ihampa yemikhiqizo yakwaWoodlands Dairy ebiza R200 kulowo mcimbi!
250g i-broad noodles
125g ama-mushrooms afreshi aqotshiwe
2 izigaxa ugaligi ogxotshiwe
2 u-anyanisi ocwecwe waqotshwa
50ml imajarini
5ml i-mixed herbs
usawoti nophepha wokunonga
1 x 410g ithini likatamatisi
425g iGlenryck Pilchards In Tomato Sauce
I-White Sauce
50ml imajarini
50ml ufulawa
200ml ubisi
usawoti, uphepha ne-paprika yokunonga
350g ushizi iCheddar egreythiwe
1. Pheka ama-noodles uwacwenge uwabeke endishini enkulu ye-casserole egcotshisiwe. 2. Thosa ama-mushrooms, ugaligi no-anyanisi kwimajarini. Nonga ngama-mixed herbs, usawoti nophepha. 3. Bonda utamatisi (nojusi wawo), faka engxubeni yama-mushroom. Thulula inhlanzi, yifake epanini, pheka imizuzu embalwa. Yikha ingxube uyibeke phezu kwama-noodles. 4. I-White Sauce. Ncibilikisa imajarini epanini, thela ufulawa nobisi ugovuze ukuze kungabi yizigaxa. Nonga. Faka ushizi, hlanganisa kahle. Thela i-sauce kuma-noodles, vuvuzela ngoshizi osele ne-paprika. 5. Bhaka ku-160oC kushise. Seva ne-mixed salad nama-rolls e-wholewheat.[z]
Glenryck Pilchard Lasagne
Kwanela abangu-6
BONA ZULU – December 2007
Umcimbi ka-December
Izimayini, Umhlaba woKhokho, Abalimi Abasafufusa namaThenda kaHulumeni
Indawo: Orion Safari Lodge,
Donkerhoek Road, kubhekene neRustenburg Kloof eRustenburg
Usuku: ULwesine mhlaka 29 November 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6.30pm ukuze siqale ngo-7pm
Indlela yokugqoka: Bukeka kahle ngemvunulo yesintu
Imali: R30 umuntu emunye
(Sekuhlangene neyedina nezipho)
Umuntu uyozithengela e-bar.
Kukhokhwa emnyango.
UMhleli kaBONA, uForce Khashane.
UKUZE UBHUKE: Shayela uPuleng ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi (8.30am-5pm phakathi nesonto)
Bake & Cook For Profit Workshop
Indawo: Orion Safari Lodge,
Donkerhoek Road, kubhekene neRustenburg Kloof.Usuku: ULwesihlanu mhlaka 30 November 2007
Isikhathi: 9 ekuseni
kuya ku-1 emini
Imali yokungena: R20 umuntu emnyango
UKUZE UBHUKE: Shayela uPuleng ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi
(8.30am-5pm phakathi nesonto)
U-Vicky Kubheka.
