zulu.894.kidz puzzle
n Oshaka akufanele bazikhathaze ngokulahlekelwa amazinyo abo - ngoba abuye amile. Lawo angezansi asetshenziselwa ukubamba leyonto ebanjiwe, ekubeni awangenhla asetshenziselwa ukuyisika.
n Njengezinye izinhlanzi, oshaka bathola i-oxygen olwandle lapho idlula kuma-gills abo. Kodwa ngenxa yosayizi babo, badinga i-oxygen eningi kunezinye izinhlanzi eziningi - ngakhoke uma ushaka uyeka ukubhukuda, ngeke uyithole i-oxygen eyanele bese uncisheka umoya.
n Uma ubhekiswe phansi ushaka, ungakhubazeka isikhathi esifishane - kungakho abacwaninga ngoshaka bebabamba ngendlela ephephile.
n Bambalwa oshaka abayingozi kubantu. Cishe ezinhlobeni ezingu-360 zoshaka, bane kuphela abaziwa ngokubulala abantu: i-Great White, i-Tiger, i-Bull, ne-Oceanic Whitetip.
n Oshaka "bahamba emanzini" ngesivinini sejubane esingu-8 kilometres/hour, kodwa uma behlasela bangaye bafinyelele kwelingaphezu kuka-20 kilometres/hour.
BONA ZULU - February 2006
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Oshaka
Beka ngokuyikho
Hlela izinhlamvu zamagama ngokuyikho
Phendula ama-puzzle
EKHASINI 100
Usuyazi manje
I-Puzzle yezithombe
Uma ungasiphethe isambulela, ngabe uba manzi kancane lapho ugijima kunokuba uhamba kancane" UThomas Peterson noTrevor Wallis beNational Climatic Data Center eMelika wenza lolu cwaningo...
Ngelinye ilanga linetha izulu, lawa madoda womabili agqoka ama-sweatsuits awo nezigqoko nokuyizinto abaqala ngokuba bazikale ngaphambi kokuba benze ucwaningo lwabo. Bahamba-ke endaweni engamamitha angu-100. UWallis wagijima; uPeterson wahamba.
Ngesikhathi sebeqedile, baphinde bakala izingubo zabo ukuthola ukuthi sekungene amanzi angakanani. EzikaPeterson zase zingu-200 grams, kanti ezikaWallis zazingu 110-grams.
Uma ugijima unethwa kancane kunokuhamba.
Landela imikhondo ugcwalise izikhala ezingenalutho
BONA ZULU - February 2006
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Kungani sinezinwele"
BONA ZULU - February 2006
AmaMulti-Game
(Kungani futhi sinezinwele eziningi emakhanda kunakwezinye izindawo")
EZINTENDENI zezandla nasezithendeni kulapho izinwele zingamili. Izilwane zinoboya, nathi sinoboya. Eminyakeni eyizigidi ngezigidi eyedlule, babubuningi uboya emizimbeni yethu. Babusenza sifudumale ebusika busipholise ehlobo. Kodwa singcono futhi kunezinye izilwane ngoba sinendlela engcono yokuzipholisa - ukujuluka.
Awucabange ukuthi sasingeke sizizwe sikhululeke kanjani ukube sasinoboya siphinde sijuluke. Kwakuyofana nokugqoka ijezi elimanzi. Ngakhoke uboya emizimbeni yethu baba buncane. Kodwa izinwele emakhanda ethu zisenza umsebenzi obalulekile wokusivikela elangeni. Izinwele ziqala ezimbotsheni ezincane ezisesikhumbeni ezaziwa ngokuthi ama-follicles. Zinama-cells agibelene njengama-tiles ophahla lwendlu. Ngesikhathi zikhula nama-cells eqhela esikhumbeni, ayafa - nokuyinto enhle kanti ukube zazingagundwa, ngabe sibhekene nesimo esibuhlungu. Izinwele ezisemizimbeni yethu zikhula zibe cishe ngokuthathu kwe-millimetre ngosuku kodwa aziqhubeki nokukhula. Ngokushesha ziyayeka, i-follicle "iphumule" cishe izinyanga eziyisithupha. Lokhu yikho okwenza izinwele zethu emizimbeni zibe zimfishane kunalezo ezisekhanda.
Zona zikhula zibe cishe ngu-70 centimetres ngaphambi kokuba ziqale ukuphuma. Zona ziyaqhubeka nokukhula...
Iphela lingaphila izinsuku ezingu-9 ngaphandle kwekhanda lalo ngaphambi kokuba libulawe yindlala
Zihlole ulwazi lolimi. Isithombe sizokukhanyisela - yini igama lalento"
AMA-ALMONDS nama-stachios yiwona makinati kuphela aseBhayibhelini. Ama-Almonds angamalungu omndeni wamapetshisi - yiwo amadala, atshalwa kakhulu nasetshenziswa kakhulu emhlabeni jikelele.
Bheka uFunde
KuyaMANGAZA!
Akulula ukukhotha indololwane.
Qhubeka uzame, ngoba siyazi ufuna ukuzama!
Isithombe ngasinye sikutshela ukuthi yini ozoyibhala ezikweleni ezingenalutho
I-Brazil yilona lizwe
eselike ladlala kuyona yonke imiqhudelwano yeWorld Cup yebhola lezinyawo
BONA ZULU - February 2006
U-1kg kalamula "omuncu" uqukethe ushukela omningi ngaphezu kuka-1kg wama-strawberries "anoshukela"
Umuntu angafa ngokushesha ngokungalali kunokulamba. Ukufa kungenzeka ezinsukwini cishe ezingu-10 ngaphandle kokulala, ekubeni ukulamba kuthatha amasonto ambalwa.
