zulu.868.yourceleb_township
Kuba khona inhlokomo kudanswe uma esedlala izingoma zakhe eNew York, eLondon nase-Europe esiqhingini saseSpain esibizwa nge-Ibiza. Kodwa uDJ Tira akakhohlwa wukuya ekhaya lapho azalelwa khona
Ukuya e-sphaza sekulula kakhulu manje kuTira njengoba esekhulile!
Siphole noDJ Tira
ILOKISHI LAMI, ISIHLABANI SAMI
INDAWO YENKUNGU
"Ngiyakuthanda ukuvakashela kwaHlabisa kanti ave kumnandi ukuhlangana namagenge engakhula nawo sikhumbuzane ezakudala," kusho uDJ Tira. "Ubabona ebusweni ukuthi kuyabajabulisa ukubona umuntu abakhule naye ebalwa kosaziwayo abadumile emhlabeni."
Nomkakhe uLale Ngcobo, oliqhamukisa eNewlands eThekwini, uyayithanda le ndawo.
ZAZIMNANDI LEZO NSUKU
U-Tira wabhabhadiselwa eLuthela ibandla elikhona kule ndawo. Wayeya naku-sunday school ecula ekhwayeni. Wayejabula kakhulu uma kuwusuku lwakhe lokushaya insimbi yesonto eneminyaka engaphezulu kuka-100.
Wayevame ukuthengela umama wakhe isinkwa eSizabantu Tea Room. Uma ebe nenhlanhla, kwakusala ushintshi wokuthenga iChampion - uswidi oseyintandokazi namanje!
ULWAZI LUYAKUKHULULA
U-Tira uneziqu kwi-social sciences azithola e-University Of Natal. Esikoleni ayefunda kusona eSibani Higher Primary School, wayebizwa ngoMthokozi Khathi kanti isifundo ayesithanda kakhulu kwakuyisiNgisi.
"Othisha babenolaka kabi. Uma ubanga umsindo ekilasini kwakuthunywa omunye enifunda naye kuthiwe akakhe induku ushaywe," kusho yena.
U-Tira waqala ukuzwana nefeshini esemusha. Ezinweleni zakhe wayenza isitayela esasenziwa nguDoctor Khumalo ibhulukwe aligqoke alibeke okhalweni.
"Wayengehlula ngezintombi," kusho umngani wakhe u-Andile Maphumulo ofundisa esikoleni sabakhubazekile kule ndawo.
"Sasishiyana ngezinyanga ezimbalwa enewoza woza ezintombini."
ENGAKAQALI KWI-KWAITO
Ngaleso sikhathi uTira wayengavunyelwe ukuthinta i-record player yakubo yeminyaka yo-1980.
"Kodwa wayethanda ukucula enekhono," kusho umama wakhe u-Abigail. Esemncane wayethanda isicathamiya wagcina esethanda umculo we-pop.
"Udadewethu omncane uNtombi wayemthengela amakhasethi," kusho uMama uKhathi. "Eyokuqala amthengela yona eyeBoyzIIMen ethi The End Of The Road. Wayeyidlala kakhulu abantu baze bambiza ngoBoyzIIMen!"
Manje unguphrojusa nomculi ovelele onebhizinisi.
UKUSHAYWA KUKA-TIRA!
UMama uKhathi uthi wake wamshaya kanye uTira.
"Yena nabangani bakhe kanye nomfowabo omncane uNipho babethanda ukudlala ibhola ntambama," kusho yena.
"Ngangithe kubona ihora lesihlanu kufanele libashayele ekhaya - abakwenzanga lokho! Ngabashayake."
Wamangala ngoba abafana bakhe abazange bakhale. UNipho wabuza kumama wakhe wathi: "Usishayelani? Senzeni? Kumnandi ukudlala ibhola emva kwehora lesihlanu."
"Ngagcina ngiweqile umgomo wami," kusho yena.[z]
Indaba: Patricia McCracken
Izithombe: Brett Florens
U-Tira uthi babeshaywa esikoleni - kodwa wagcina ethole iziqu zase-varsity kanye nebhizinisi.
Wazalelwa impumelelo - uTira eneminyaka emine.
U-Tira, umama wakhe u-Abigail nobaba wakhe uThemba bexoxa bezibusisa ngokudla okuphekwe ngumama!
Kukhunjulwa ezakudala - uTira (phakathi nendawo) edlala nabangani bakhe oMusa Zungu no-Andile Maphumulo (kwesokudla).
IZIKHATHI EZINZIMA
Into ebuhlungu eyehlela uTira kwaba wukushiya indawo yakwaHlabisa eseyofunda e-boarding school kwaNongoma eneminyaka engu-13.
"Ngakhala kakhulu. Nganginesizungu kanti kwaze kwaba ngcono emva kwezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha," kusho uTira.
Wagcina esenguDJ wezingane zesikole! Wajoyina nekilabhu ye-karate wawina izinkomishi ebholeni ngoba wayengumgadli onethalente.
"Izikole ezazakhele elakwaNongoma zazisidlalisa kabi ngoba zazicabanga ukuthi abafundi base-boarding school abalazi ibhola," kusho yena.
"Babengazi ukuthi ukudlala ibhola ngakufunda kwaHlabisa singenabo onompempe - imidlalo yethu yayiphetha ngempi!"
