zulu.847.jabu
Ingqalabutho yamasiko
Lala ngoxolo, Jabu!
WAYENGUMCULI okholelwa kwa-kucabangayo, indoda eyayingafuni ukubuswa yifeshini. Ngisho abanye bangawathanda amasiko aseMelika nodumo nomcebo, akukho okubi ngalokho kodwa ekugcineni kungaba wumdlavuza ozodla izimpande zemvelaphi kuphele ukuzazi ukuthi ungubani.
UJabu wabambelela ngokwethembeka emasikweni akhe kwaze kwaba sekufeni.
Lo mculi wathola udumo ngenxa yesitayela sakhe sase-Africa, kanti futhi nasemizini yakhe kanokusho ubephila impilo yamasiko. Umuzi wakhe oseDobsonville, ukwenza isibonelo, wawaziwa ngokuthi "Inxiwa," nokuchaza indawo lapho kugcinwa khona amasiko.
Emzini wakhe kukhona ikamelo eliyisipesheli nokuyilapho ayexhumana khona nabaphansi. Lesi sihlabani esadlala emhlabeni jikelele ngisho nasesigodlweni sasebukhosini bakwelaseBrithani imbala, sasikholwa wukuthi impumelelo yaso ingenxa yezibusiso zamadlozi aso.
Inxiwa kwakuyisigodlo sikandlunkulu wakhe noma "unkosikazi wakhe wokuqala", izingane zabo ezimbili nomzukulukazi wakhe. Umakoti kaJabu wesibili wayehlala komunye wemizi kaJabu nezingane zabo ezimbili nomshana.
UJabu wayehlale ephethe ishoba lezangoma uma ecula kanti lalingamphutheli nakancane ithuba lokufaka "usiko" kunoma yini anayo. Izimoto zakhe, ukwenza isibonelo, yizona ezazingumhlambi wezinkomo zakhe.
Ngesikhathi sixoxisana naye uJabu nabomndeni wakhe, umkakhe wokuqala uDaphney wasitshela ukuthi wayeqashiwe esebenza kwaze kwaba yisikhathi lapho ahlangana khona noJabu.
"Wangicela ukuba ngiyeke ukusebenza ngoba omakoti bakwaKhanyile bahlala ekhaya," kusho uDaphney. Lokhu ngokunye kwezinto ezenziwa abantu abakholelwa emasikweni.
UDaphney waphinde wasitshela ukuthi uJabu wazi kahle ukuthi umuntu wesimame uphathwa kanjani. "Wayenesiphiwo esimangalisayo uma kuziwa ngasekunakekeleni umuntu wesimame," kusho yena.
Kwakuthi uma kungusuku lokuzalwa kube khona okuningi akumangaza ngakho. "UJabu wayezithanda izinto ezinhle nokuyizinto ayethanda ukwabelana ngazo nabomndeni wakhe," kusho uDaphney.
Unkosikazi wakhe wesibili uKhululiwe wasidalulela ukuthi uJabu wayekuthanda ukudla kwesintu - njenge-skopo (inhloko yemvu noma yembuzi).
Ngokwawo womabili amakhosikazi akhe, ukube umyeni wabo wayenendlela yokuzenzela, ngabe wayehlale ehamba ngezinyawo.
"Wayengakuthandi ukufaka izicathulo. Ngangize ngimphoqelele ukuba azifake uma siya emicimbini eyayidinga afake isudi," kusho uKhululiwe.
Unkosikazi wakhe wokuqala wengeze wathi: "Esikhundleni sezicathulo wayefaka amateku nama-sandals uma ecula."
Lo mculi wakuvuma ukuthi izicathulo zimenza angazizwa kahle. "Kuthi lapho ngisekhaya, ngizizwe ngikhululekile uma ngingazifakile izicathulo," kwasho yena esitshela esaphila.
Maduze-nje emndenini kaJabu kuzoba khona ozothoba izinhliziyo ezibuhlungu zabalandeli bakhe.
Lowo ngu-Anele indodana kaJabu eneminyaka engu-8 okubukeka izohamba ezinyathelweni zikayise.
Umama wayo uKhululiwe uthi u-Anele ukhombisa elikhulu ikhono kwezomculo. "Kumanje usenezingoma aziqambayo kanti futhi ukukhonzile ukudansa. Mbhekeni!"
UJabu wakhuliswa wu-anti wakhe eDlamini eSoweto ngaphambi kokuyohlala eMofolo nomama wakhe ongamzali.
KuseMofolo lapho aqala khona ukuzibandakanya kwezomculo ngonyaka ka-1974. Ngesikhathi sixoxisana naye wangitshela ukuthi i-albhamu ethi Mbombela, ayidlala neqembu lomculo we-Afro-pop yiyo eyavuselela uthando lwakhe lwezomculo. Mhlawumbe kungaba yindlela enhle nefanele ukukhumbula uJabu Khanyile njengengqalabutho yoqobo yamasiko ethu. Lala ngoxolo! [z]
BONA ZULU - January 2007
Sikhumbula uJabu Khanyile...
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguNOMPUMELELO NGCOBO
NGENHLA: UJabu nomzukulukazi wakhe uLesedi.
KWESOKUDLA: UJabu Khanyile esegumbini ayelisebenzisela ukuxhumana nabaphansi.
NGENHLA KWESOKUDLA: UJabu engaphandle kwelinye lamakhaya akhe.
KUDE KWESOKUDLA: UJabu enenye yezi 'nkomo' zakhe.
NGENHLA: "Wayekwazi ukuthi umuntu wesimame uphathwa kanjani," kusho uDaphney, onguNdlunkulu kaJabu.
NGENHLA: UKhululiwe ongunkosikazi kaJabu wesibili.
BONA ZULU - January 2007
