Zulu.844.yourceleb_10ques
IMIBUZO
kaRonnie Nyakale
UPapa Action USITSHELA NGOTHANDO LWENDODAKAZI YAKHE, nangomehluko phakathi kokudlala indawo yesigebengu kwi-tv nokuyiphila leyo mpilo
1. Indawo owayidlala eyakwakhela udumo ekaPapa Action kwiYizo Yizo. Lokho kwakunjani"
Ngesikhathi iYizo Yizo iphuma, ngangiwusathane. Izigebengu zazidubulana phambi kwami ngoba zifuna ukungikhombisa ukuthi ziyizigebengu ezingcono kunami!
2. Usuzakhele igama ngokudlala indawo yezigelekeqe. Iyiphi enye ocabanga ukuthi ungayidlala"
Eyokuba ngumfundisi. Ukudlala ezinye izindawo kwenza abantu babone ukuthi kukhona umehluko phakathi kwami nendawo engiyidlalayo.
3. Imuphi umsebenzi wokudlala izithombe ofisa sengathi wawuthola"
Kwi-Rhythm City bangihlola ikhono eminyakeni embalwa edlule, ngathola indawo kodwa ngosuku olwalandulela ukuba ngisayine isivumelwano somsebenzi, yangilahlekela leyo ndawo. Sekuvela indawo kaSylvester, ngabona ukuthi UNKULUNKULU Wangenza ngayilinda le ndawo, yabhuntsha kanjalo eyeRhythm City.
4. Iyiphi indawo yakho enkulu elandelayo"
Ngenza umdlalo wamahlaya iStiff nokuyilapho ngidlala indawo yomuntu ojwayelekile.
5. Yikuphi ukunconywa osuke wakuthola ngokudlala kwakho"
Ngesikhathi ngidlala kwiPlace Called Home, omunye wathi uPapa Action wumlingiswa engamenza iqhawe eminyakeni elishumi eyedlule kangangoba akekho osasondela khona - pho ubani ofanelwe wukudlala ekaSylvester"
6. Yini ongayikhumbula kakhulu uma ungase ube sejele"
Indodakazi yami uKagiso (8). Naye ngiyabona ukhamba lufuze imbiza ngoba waqala ukudansa esanda kuhamba.
7. Yini engezwakala emculweni womdlalo wempilo yakho"
Yingoma efuze ekaRandy Crawford ethi Knocking On Heaven's Door nanoma iyiphi futhi kaTupac.
8. Ngasekugqokeni, iyiphi ilebuli oyithandayo"
Angisiye umuntu wamalebuli, kodwa ngiyayithanda iLacoste ngoba nginayo leyo ngwenya ngaphakathi kimina!
9. Wagcina nini ukufaka isudi"
Nganginomhlangano nothishanhloko bezikole Ekhuruleni mayelana nezinkulumo zami ezakhayo - ngafaka ibhulukwe elihle, izicathulo nebhantshi. Wonke amakhanda aphenduka nami.
10. Uma abantu bekwazi wena siqu sakho, yini engabamangaza"
Angiphuzi kakhulu. Mhlawumbe utshwala ngibuphuza ka-4 ngonyaka.[z]
Nihlanganiselwe nguPatricia McCracken
Isithombe: Peter Whitfield
SIXOXA NESIHLABANI
