zulu.838.ffffgolden cloud
Izithako
3 izinkomishi (750ml) iGolden Cloud Cake Flour
2 ama-teaspoon (10ml) i-baking powder
1 i-teaspoon (5ml) usawoti
1/2 i-teaspoon (2,5ml) i-baking soda
250g imajarini ethanjisiwe
1 1/2 izinkomishi (375ml) ushukela
4 amaqanda
1/2 inkomishi (125ml) ubhanana obondiwe
1/2 inkomishi (125ml) u-cream
1 i-teaspoon (5ml) ujusi kalamula
1/2 inkomishi (125ml) ubisi
1 i-teaspoon (5ml) i-vanilla essence
1/2 inkomishi (125ml) i-strawberry jam
amaconsi ambalwa e-food colouring ebomvu
1/2 inkomishi (125ml) ukhokho oyimpuphu
i-icing sugar yokuvuvuzela
Indlela yokwenza
1. Endishini hlanganisa ufulawa, i-baking powder, usawoti ne-baking soda ukubeke eceleni.
2. Kwenye indishi shaya imajarini ufake ushukela ukushaye kube namabhamuza. Faka amaqanda, elilodwa ngesikhathi bese ukushayisisa.
3. Endishini encane hlanganisa ubhanana, ujusi kalamula, ubisi, u-cream ne-vanilla essence.
4. Faka ingxube kafulawa engxubeni yemajarini ukushaye kuhlangane. Faka ingxube kabhanana kuleyo ngxube.
5. Endishini encane hlanganisa inkomishi yenhlama, i-strawberry jam ne-food colouring ebomvu.
6. Kwenye indishi hlanganisa inkomishi yenhlama nokhokho oyimpuphu. (Uma inhlama iqine kakhulu faka ubisi kancane.)
7. Vuvuzela ufulawa ethinini lokubhaka elingu-20x20x5cm eligcotshiwe.
8. Yikha ingxube yenhlama e-plain ngesipuni uyibeke ethinini. Faka inhlama ye-strawberry, ubeke e-plain ngaphezulu ulandelise ngenokhokho oyimpuphu. Lekanisa inhlama yakho uyindlale kahle. (Uma usebenzisa ithini lokubhaka elingu-13x9x2, ndlala inhlama e-plain ethinini. Yikha inhlama kakhokho oyimpuphu neye-strawberry ngesipuni uyibeke ibe amagquma amancane enhlameni e-plain. Sebenzisa i-spatula sensimbi uyaluzise inhlama ngokucophelela.)
9. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngo-170°C imizuzu engu-50-55 i-skewer noma i-toothpick iphume ingenanhlama uma uyishutheka phakathi nendawo.
Pholisa uvuvuzele i-icing
sugar ngesisefo ekhekheni. [z]
Isikhathi sokulilungisa: 40 imizuzu
Isikhathi sokulibhaka: 55 imizuzu
Kuphuma ikhekhe elilodwa
Rainbow Cake
Leli khekhe likahle uma udayisa izingcezu zalo.
ezentengiso
