zulu.826.muthi
ZONKE izangoma kungenzeka zibukeke ngokufana, kodwa zinezindlela zazo ezehlukene zokusebenza. Ukwengeza kulokho, azibizelwa kulo msebenzi ngendlela efanayo.
Izipho zazo ziyehluka - nokuyizo ezichaza imisebenzi yazo. Le ndlela idinga ukuba yakhelwe ezikoleni zokuqeqesha kanti siswele abazokwazi ukuvumbulula amakhono bakwazi nokubona ukuthi abangamathwasa kukuphi lapho benamakhono khona.
Lena iyonanto okufanele izinhlangano zezinyanga ziyibheke. Kuyiqiniso ukuthi abantu abaningi bayalwesaba lolu bizo ngokwazi ukuthi amadlozi abanike izipho eziyisipesheli.
Laba bantu ukuba yisangoma bakuthatha njengomthwalo onzima. Abanye bayaphoqeka ukwamukela lolu bizo ngenxa yengcindezi njengoba lo msebenzi ubukeka ungaphucukile futhi umdala.
Izipho ezinjalo azihlanganise lutho nendawo ohlala kuyo, izinga lemfundo noma inkolo. Labo abazalelwa bakhulela emadolobheni ngeke bazithathe njengabantu abangangeni kulolu bizo.
Omunye umlisa okhathazekile waKwaZulu Natal oneminyaka engu-24 uthi watshelwa abangani bakhe ukuthi kunezikhathi lapho ebukeka njengekhehla, kokunye afane negcokama lensizwa kanti ngezinye izikhathi ubukeka njengesalukazi.
Lokhu okushiwo yile nsizwa encane kuzwakala kungakholakali kodwa akuyona into engajwayelekile.
Umuntu ongenwe amadlozi ukhuluma, agide aphinde acule ngephimbo lalelo dlozi noma afune ukuba agqokiswe ngendlela efana neyalelo dlozi.
Usuke usungenwe yilowo okunika izipho.
Njengoba lokhu kwenzeka kulo mlisa kodwa engangenwanga yimimoya, kuluphawu lokuthi ubizo lwakhe selusesigabeni esedlulele.
Owesimame waKwaMashu ubhale wathi wabusiswa ngesipho sokuphupha, kodwa ekuseni avuke esekhohliwe.
Ulikhumbula kuphela iphupho lapho sekwenzeka lento ayeyiphupha. Njengoba wayenezinkinga ezingapheli, washiya ibandla lakhe lamaKhrestu wajoyina elamaZayoni.
Zaqhubekela phambili izinkinga. Njengamanje uzwa imisindo exakile. Usefuna ukuba isipho sakhe sokuphupha sibuye kanye nendlela yokuxhumana namadlozi akhe.
Okunye ukubaluleka kwesiko lama-Africa ukuzwana nezihlobo zegazi. Ukuvakashelana njalo nokuxhumana namanye amalungu omndeni asezindaweni ezikude yinto enhle eyenza amadlozi athokoze, nokuyinto ayikhombisa ngokupha lowo mndeni izibusiso.
Ubuhlobo obuhle nobuthokozelekayo emndenini buyasiza ekukwazini ukusho ukuthi yiliphi okuyilona dlozi elikungenile nokuthi yini okufanele uyenze ukuze ubhekane nesimo. Ukukhuluma, isitayela sokugida, ukubukeka nokucula komuntu ongenwe abaphansi kusicacisela kabanzi ukuthi ngabe yiliphi idlozi okuyilo elikunika isipho.
Okunye okungasiza wukuba nezithombe zamalungu omndeni, amadala namancane, zithathwe zigcinwe endaweni ephephile, zibhalwe amagama abantu nomlando omfishane.
Sengike ngaqaphela ngezinye izikhathi lapho isipho sokwelapha siphumela ezinganeni ezincane mhlawumbe ezineminyaka eyisishiyagalombili.
Lezi zingane kungenzeka zigcine sezihambile ziyoqeqeshwa. Lokhu akufanele kuvunyelwe ngoba kuphazamisa ukufunda komntwana.
Kokunye abazali isuke ingekho into abangayenza babone kungcono bayekise ingane esikoleni ngenxa yokuthi ayikwazi ukugxila ezifundweni ngokuphazanyiswa wubizo.
Amadlozi awanalo unya njengoba abanye abantu becabanga. Izicelo zingenziwa emadlozini ukuze alumise ubizo enganeni luze lwenzeke emva kwesikhathi lapho lowo muntu esemdala. Ngokuvamile lokhu kwenziwa ngamasiko ehlukene njengokuhlaba imbuzi nokuphahlela, njengoba kwaziwa ngesiZulu.
Lapha siyabona ukuthi kubaluleke kanjani ukwazi okuthile ngomlando womndeni wakho. Amadlozi awalizondi nakancane isonto kanti futhi awabavimbeli labo abangodokotela bamakhambi ukuba babe amalungu ebandla. Kodwa aba nolaka kubantu abanikwa isipho sokwelapha, kodwa basigweme bacashe ngesonto neBhayibheli. Amadlozi awazivumeli izindlela ezinqamulelayo emsebenzini wawo.[z]
30 BONA ZULU - October 2005
Ezemithi yesintu
nguFORCE KHASHANE
Isipho sokwelapha
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
