Isicelo semvume yokufunda
Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo semvume yokufunda
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Ukuthuthela eNingizimu Afrika noma ukuvakashela
Ezokufunda
Isicelo semvume yokufunda
Isicelo semvume yokufunda
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Imvume yokufunda yidokhumende (yincwadi esemthethweni) enikeza abantu bangaphandle ilungelo lokufunda nezikhungo zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika. Yenza isicelo ngokwakho kumahhovisi amanxusa (Embassy) eNingizimu Afrika noma kwi-Mission.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Gcwalisa isicelo kwifomu le-BI-159.
Khipha:
o incwadi esemthethweni noma ubufakazi obukhombisa ukuthi ubhalisile (urejistile) nesikhungo semfundo eNingizimu Afrika o imininingwane maqondana namalungiselelo endawo yokuhlala o ubufakazi bokuthi kunezimali ezanele zokukhokhela imfundo, imali yokuzinakekela kanye nezinye izindleko o isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa (sokungabi namacala) maqondana namazwe ohlale kuwo isikhathi esingaphezu konyaka owodwa. Isitifikedi kumele silethwe kungakapheli izinyanga eziyishumi nambili zokwenziwa kwesicelo, uma singekho ngaleso sikhathi wenza ngaso isicelo o ubufakazi bethikithi lokubuyela emuva noma isiqiniseko sokuthi uzobuyela emuva, lokhu kungenziwa ngemali yediphozithi elingana izindleko zethikithi lendiza yokuya kulelo lizwe obuya kulo noma ohlala kulo, uma kudingeka lokho o incwadi kadokotela ewubufakazi bokuthi umuntu owenza isicelo uphile kahle.
Abenzi bezicelo ngeke bakwazi ukungena eNingizimu Afrika ngaphambi kokuba izicelo zabo zemukelwe.
Abancane ngeminyaka kumele banikeze imininingwane yomuntu waseNingizimu Afrika ozoba ngumgadi (ngumnakekeli). Imininingwane kumele inikezwe ihambisana nencwadi yesiqiniseko, ubufakazi bemvume yokuhlala ebuya kubo bobabili abazali, noma ebuya kumzali oyedwa ongumnakekeli kanye nobufakazi bokuthi unguye yedwa ongumnakekeli.
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Amaviki amathathu.
Phezulu
Izindleko
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
BI-159(Isicelo semvume yokufunda)
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
