zulu.812.parent
okwabazali
BONA ZULU - March 2008
KULE nyanga yokugubha ezothando, abazali badinga isikhathi sokuba ndawonye bavuselele uthando lwabo. Nazi ezinye izindlela zokuzinika isikhathi sothando phezu kokuba matasa...
Zikhiphe ebusuku. Ngisho ngabe niya kuma-movie noma endaweni yokudla eyisipesheli, thokozelani isikhathi ndawonye. Thola nomuntu othembekile ozokubhekela izingane.
Hlala ekhaya. Ziningi izindlela ongathokozela ngazo uthando usekhaya nomuntu omthandayo nithokozele isidlo sasebusuku ndawonye lapho izingane sezilele. Ngisho nengilazi yewayini neDVD emnandi kungenza ubusuku benu bube mnandi.
Thatha usuku. Zithokoziseni ngaphandle kwekhaya. Cabangani izinto enanijwayele ukuzenza ngaphambi kokuba nibe nezingane kanjalo nezindawo enanizihambela ndawonye. Bekani izinsuku zokuba niphinde nizivakashele futhi.
Bonakalisa uthando lwakho. Cabanga ngophathini wakho ngisho ngabe umatasa kangakanani. Thengelanani izipho ezincane njengoba nisuke nithengela izingane amathoyizi. Hlale uthi "Ngiyakuthanda" njengoba uhlale usho ezinganeni zakho. Izingane zifunda lukhulu kubazali ngisho ngabe kuthokoziwe noma kunosizi.
Zikhiphe nabantu. Mema abangani beze. Ukuzikhipha nabangani kuzokwenza ukuba uphumule uvuseleleke othandweni.
Yisikhathi sothando
Njengomzali impilo yakho igxile kakhulu ezinganeni zakho, ikakhulu lapho zisezincane. Isikhathi sakho nesothando yizinto ezilandelayo, kodwa lokhu kubalulekile ukugcina uthando lwakho luvutha...
Okomama
nobaba...
Ubani ongamcela
Cela abangani, izihlobo ukuba bakubhekele izingane amahora ambalwa noma uqashe umuntu ozokubhekela kodwa kube ngumuntu onesipiliyoni ekugadeni izingane futhi kube ngumuntu onguntanga yakho. Uma izingane usuzihlelele, kuzokuba lula ukuthokozela ubusuku bakho.
Xhumana
nesisu sakho
(Kungani u-24 kuyinombolo yomlingo)
UTHI UBUWAZI: Kusukela emasontweni angu-24 ingane yakho ingalizwa izwi lakho iphinde ilizwe nasemva kokuzalwa - ngakhoke ungacabangi ukuthi wenza into embi uma uziculela lapho uzigezela izitsha noma upheka ukudla kwasebusuku. Kukhona osuke ekulalele!
UTHI UBUWAZI: Kusukela emasontweni angu-24 ingane iyakuzwa ukuthinta kwakho lapho uthinta isisu sakho. Ezinye izingane ziyakuthokozela lokho zikhombise ukukuthakasela ekubeni ezinye ziyaqala zikhahlele.
UTHI UBUWAZI: Imizwa yokunambitha enganeni yakho iqala ukubakhona emasontweni angu-24 nokuyilapho isikwazi ukunambitha izinto ezehlukene ngosizo lwama-amniotic fluid akho. Leli yithuba lakho lokudla okunhlobonhlobo ukuze ingane uyenze ikwazi ukwehlukanisa ukudla okwehlukene. Ucwaningo lukhomba ukuthi lapho isikhulile, nayo iyothokozela lokho kudla.
Azi izinhlamvu zamagama
Ungayisiza kanjani ingane yakho ifunde..
UKUFUNDA ukufunda kungaba yinto engaqala ngokuqala kwengane esikoleni, kodwa kusukela eminyakeni esephansi, kuningi ongakwenza nengane yakho ukuze uyakhele ikusasa eliqhakazile - nokuba uyisize ikwazi ukufunda ngamagama nezinhlamvu zamagama.
Uma ingane izwa izindaba eziningi, ixoxelwa, ibona izithombe futhi idweba - lokho kuyona kubalula ukuqonda ulimi nezinye izindlela zokufunda nokuyinto engaholela ekutheni isithande isikole.
Konke kuqala ngokufunda izinhlamvu zamagama. Nansi eminye imidlalo ethokozelekayo engenziwa ukuze ingane yakho ikhuthazeke ikwazi ukufunda izinhlamvu zamagama njengo-ABC...
Njengoba amakhaya ethu engemakhulu, kuyacaca izingane zethu ziyazazi izinto eziphakathi kuwona. Cela ingane yakho ikhethe uhlamvu lwegama bese nihamba phakathi endlini (nasengadini) nibheka izinto eziqala ngalolo hlamvu lwegama.
Ingane yakho kufanele ikwazi ukubona izinto futhi ikhulume ngazo. Ukukwazi ukuchaza izinto kuzoyisiza lapho isiqalile ukubhala izindaba esikoleni.
KuBONA kulapho ungathola khona izinhlamvu zamagama. Vumela ingane yakho iphenye amakhasi aleli bhuku izikhombele uhlamvu lwegama (mhlawumbe olusesihlokweni ngoba luzobonakala kalula njengoba lulukhulu). Manje cela ingane yakho ukuba icoshe izinto eziqala ngamagama afana nalolu hlamvu. Ukwenza isibonelo, uma ukhethe u-S, ibuze ukuthi yini futhi enye eqala ngo-S...
Ngokuzayo uma usebhishi, cela izingane zakho ukuba zibhale izinhlamvu zamagama esihlabathini. Izingane ezindala zona azibhale amagama.
Qaphela: Izingane ezincane azikwazi ukunaka into eziyenzayo isikhathi eside - ngakhoke lokhu ungakwenzi kwedlule imizuzu engu-10. Uma uzitusa emva kokwenza lokhu, zizokhuthazeka.
BONA ZULU - March 2008
nihlanganiselwe nguTHANDI NXUMALO
u
t
okwabazali
Ukunqoba ukuchama
NAKUBA izingane eziningi ziqeqesheka kalula ekusebenziseni ipowa futhi zivuka kalula ukuyochama kodwa kunezimbalwa ezehlulekayo zigcine ngokuzichamela. Kuyezwakala lokhu uma ukucabanga...
Izingane ezincane azinawo amabhuleki esinyeni nokuyinto eyenza zidinge amanabukeni. Ngesikhathi zikhula zifunda ukusebenzisa ipowa, zazi futhi nokuthi kunini lapho kufanele ziyisebenzise khona.
Lokhu kulula kakhulu emini kodwa ebusuku kuba nzima.
Ukuchama lapho zilele, akusona isifo kodwa kuyingxenye yokukhula. Ezinye izingane zifunda ngokukhulu ukushesha kunezinye - kodwa ekugcineni zonke ziyakwazi ukubamba amabhuleki esinye.
Izingane eziye zifike eminyakeni eyisithupha, ezinye zazo zichamela imibhede ngoba azikakhuli ngokwanele ukukwazi ukubamba amabhuleki.
Ochwepheshe bathi ukukhathazeka ngokomoya kungenza ingane engakaze izichamele iqale izichamele.
Uma ingane yakho iqala futhi izichamela, kungenzeka kube ngenxa yezizathu eziningi. Kungenxa yoshintsho. Mhlawumbe kukhona into engathokozile ngayo empilweni, njengokuya esikoleni. Nina njengabazali mhlawumbe niyadivosa. Noma ukulahlekelwa wumuntu osondelene nayo kakhulu njengombhasobhi wayo noma isihlobo.
Indlela ongasiza ngayo
Ungathethi uma izichamele noma ichamele umbhede - lokhu kuzoyenza izibuze ukuthi kungani. Yikhuthaze ukuba iqaphele esikhathini esizayo.
Sebenzisa amanabukeni ebusuku.
Khumbula - abafana bathatha isikhathi eside ukufunda ukusebenzisa ipowa kunamantombazane, ngakhoke ungalindeli lukhulu ngokushesha.
Sebenzisa amakhava omatilasi abangama-waterproof - kulula ukuwakhipha uwawashe kanti futhi enza ukuba umchamo ungangeni kumatilasi nokwenza kunuke kabi endlini.
Ngaphezu kwakho konke...
Yiba nesineke! Ukuchamela umbhede yinto ezodlula enganeni yakho.
BONA ZULU - March 2008
Ukwazi kanjani ukuthi ingane yakho ihlukumezekile?
IZINGANE yizona ezisengozini enkulu yokuhlukumezeka, ngakhoke kuyisibopho sakho njengomzali ukuqiniseka ukuphepha kwazo. Lokhu kungaba yinselelo nomsebenzi onzima kakhulu ngoba izingane azihlukunyezwa ngokocansi ngabantu abangaziwa, kodwa ngabantu abasondelene nazo.
Ukushaya ingane kuyicala. Ngisho ngabe lokho kwenziwa njengendlela yokukhuthaza inhlonipho kodwa kuseyindlela yokuhlukumeza okuphambene nomthetho wezingane wakuleli. Ingane ingalimala emqondweni ngokunyakaziswa, njengawo wonke umuntu, kanti ingafa ngenxa yokushaywa.
Ukusiza ekuvikeleni izingane zakho nezinye zasemphakathini wakho, bika ukuhlukunyezwa kwezingane esiteshini esiseduze nawe noma emtholampilo. Xhumana nabeSAPS kule nombolo: 10111 noma abeChildline kwethi: 0800-055-555.
Kubalulekile futhi ukufundisa izingane zakho ukuthi zizoluthola kanjani usizo uma ziludinga ngokufunda lezi zinombolo nokwazi ukuthi zingazisebenzisa kanjani.[z]
Okomama
nobaba...
Ukuchama kwengane kuseyibanga lokukhula iningi labantu abangabazali abangafisi ukulibona, kodwa akufanele kukukhathaze...
