zulu.803.jika
"Abadansi abancintisana ohlelweni lwethu badansa kahle kanti akufanele sishaye udaka," kusho uMpendulo.
(UThembi: i-top: Rage; ubucwebe: Ruby In The Dust; ibhulukwe, ibhande nezicathulo okwakhe; uMpendulo: ishethi: Woolworths; ibhulukwe namateku okwakhe)
Kulokhu uThembi Seete ubambisene noMpendulo Buthelezi kwezikaqedisizungu kanti abalandeli bayafa ngabo...
UTHEMBI Seete weBoom Shaka uneminyaka engu-30 kanti wethula iJika Majika umncintiswano wokudansa oshisa izikhotha. Useyintandokazi namanje kanti usekhiphe ama-albhamu amabili kusukela iBoom Shaka yahlukana eminyakeni eyisithupha edlule wabuye wazakhela igama ngokudlala kwiYizo Yizo nakwiZone 14.
Ukudlula kukaLebo Mathosa emhlabeni ngonyaka odlule kwamethusa kakhulu. "Ngimkhumbula nsuku zonke uLebo. Ukudlula kwakhe emhlabeni kunginike amandla okulawula umsebenzi wami ngempumelelo njengoba ngicula ngedwa."
Njengamanje ubhala aphrojuse i-albhamu yakhe entsha kanti usanda kuthatha uhambo lwezihlabani lokuya eSpain kanye noDJ Fresh noDJ Sbu.
Watshela abakwaBONA ukuthi kukhona iziqephu zeGenerations ezimbalwa azodlala kuzona.
Kodwa njengamanje simbona kwiJika Majika. Kulolu hlelo oluthandwa yizigidi ngezigidi zentsha esilubona masonto onke kuSABC 1 kudansa abadansi esingabazi.
UThembi kanye noMpendulo Buthelezi ashayela naye lolu hlelo ubabona nabo bedansa kanye nentsha estudiyo.
"Ngivele ngikhumbule ngesikhathi mina noLebo sisadansa emakilabhini sisafunda e-high school. Sazisungulela esethu isitayela sokudansa kanti manje ngike ngibone abanye abadansi kwiJika Majika benza lezo zitayela.
"Uma usemusha awesabi lutho. Ungenza noma yini ukuze ugqame phakathi kwabantu," kusho uThembi.
Uzimisele ngokuhluka. UThembi noLebo bakwenza lokho ngo-1998 ngesikhathi becula iculo lesizwe ngendlela yabo kumaSAMA.
Landela iphupho lakho
UThembi uthi abadansi abadansa kwiJika Majika badansa ngokuzimisela ukuze baphumelele. Ngeke ukufundele ukuba yisihlabani. Yindlela odalwe ngayo eyenza ukuba ithalente lakho ulisebenzise kahle kanti nabantu bakukhumbula ngendlela owenza ngayo umsebenzi wakho," kusho uThembi.
Yingakho nje uMpendulo Buthelezi oneminyaka engu-24 ezizwa ebusisekile ngokusebenza noThembi kulolu hlelo lwakhe lokuqala esebenza kwiTV. U-matric wakhe wawenza eMatseliso High eMeadowlands ngesikhathi iYizo Yizo isazama ukukhombisa intsha ukuthi ingayilawula kanjani impilo yayo.
"Ngangiyibuka iBoom Shaka ngesikhathi ngisafunda ngafuna ukuhamba ezinyathelweni zayo. Manje ngisebenza nomuntu ozongifundisa okuningi masonto onke," kusho uMpendulo.
UMpendulo ulandele igama lakhe ngoba uhlale efuna izimpendulo kusukela athatha isinqumo sokugxila emculweni wangakwenza okwakufunwa abazali bakhe ababefuna ukuba abe ngudokotela noma enze izifundo zomthetho.
"Angikaze ngibe novalo lokufeza amaphupho ami. Kodwa akuzange kube lula ukufinyelela kuleli qophelo engikulona njengamanje," kusho yena.
UMpendulo wafunda ukudansa ngokubukela ama-video kaMichael Jackson kanti umculo wawazi ngokudayisa umculo wakwaGallo Music wamaqhawe e-hip-hop anjengo-Eminem noBusta Rhymes.
Wake wafaka isandla kuma-video abaculi abanjengoNtando, uMzekezeke, uHHP noBrown Dash kanti njengamanje uthuthukisa i-demo yakhe ethi Sweetheart.
Basebenza kahle
"UThembi unjengodadewethu omdala. Uyangifundisa angikhombise ukuthi yikuphi engingakushintsha isonto nesonto kulo msebenzi esiwenzayo ukuze ngiqhakambise ithalente lami kwi-camera.
"Uma ngidansa ngisebenzisa isitayela sami kanti abadansi esiba nabo ohlelweni badansa kahle kakhulu, namike angifuni ukushaya udaka," kusho yena.
UThembi wamvumela. Uhlelo lwakhe lokuqala kwiTV lumvulele ithuba lokukhipha i-albhamu yakhe entsha kanti unamakhonsathi amaningi azocula kuwona kuleli hlobo.
Yileso sizathu esenza ukuba athathe isinyathelo sokuzibambela mathupha emsebenzini wakhe kulo nyaka esikhundleni sokuthi athathelwe izinqumo yizimenenja nophrojusa. "Ngivele ngikhumbule izinsuku zakudala ngisekwiBoom Shaka," kusho yena.
"ULebo ubezojabula ukuba ubesaphila - wayehlala engitshela ukuthi angikhiphe i-albhamu yami. Siseneminyaka engu-14 sasenza okwenziwa abadansi abancintisana kwiJika Majika - sasinomdlandla silambele impumelelo. UThembi enimbona namuhla ulambele impumelelo ayeyilambele esakhula." [z]
indaba nguDOUG GORDON; izithombe ngu-IVAN NAUDE; izinwele ne-make-up: FAITH SEUOE; i-styling: MARINA WALSH; ukudidiyela: PATRICIA McCRACKEN
Ngilambele impumelelo
Uzimisele ngokuhluka
u
"Ngeke ukufundele ukuba yisihlabani," kusho uThembi. "Yindlela odalwe ngayo eyenza ukuba ulisebenzise kahle ithalente lakho."
(UThembi: i-top: Truworths; amacici: Ruby In The Dust; uMpendulo: ishethi: YDE)
t
Bafeza amaphupho abo
Aze amahle ama-boots. . . "Ngiyazithanda izicathulo ezinhle!" kusho uThembi. "Angingabazi ukuthi yizona eziqhakambisa ubuhle bengubo oyigqokile - kanti zingiphatha kahle. Izicathulo ezinezithende ezinde ngiyazidinga ukuze ngibukeke ngimude!"
(Ngenhla nasekhaveni: UThembi: i-top nobucwebe: Ruby In The Dust; uMpendulo; ishethi: YDE)
