zulu.794.cabbages
N
OKUMNANDI
geklabishi
Zongele imali
CABBAGE AND SAUSAGE TART
Iklabishi libiza kancane, kodwa ligcwele ukunambitheka futhi ungalisebenzisa ekwenzeni izidlo eziconsisa amathe...
CABBAGE AND SAUSAGE TART
* 4 izipuni (60ml) imajarini
* 1/2 iklabishi eliqotshiwe
* 2 izigaxa zikagaligi ezigxotshiwe
* 2 amaqanda ashayiwe
* 1/2 inkomishi (125ml) ufulawa
* 2 utamatisi osikwe izingcezu
* 1 u-anyanisi oqotshiwe
* 4 amasosiji (Russians, frankfurters) noma 8 amaVienna asikwe izingcezu
* 1 inkomishi (250ml) ushizi ogreythiwe
1. Epanini thosa iklabishi nogaligi kuze kuthambe ukugudluze emlilweni.
2. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-180ºC. Shayela amaqanda engxubeni yeklabishi, ufake ufulawa ukucindezele kwi-ovenproof dish. Kubhake imizuzu engu-10. Kugudluze kuhhavini.
3. Faka utamatisi, u-anyanisi, amasosiji noshizi esinqeni seklabishi. Kupheke kuhhavini imizuzu engu-30 kuze kube nsunjwana.
CABBAGE CURRY
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 2 u-anyanisi oqotshiwe
* 2 izipuni (30ml) u-curry powder
* 1 i-teaspoon (5ml) i-cumin (ngokuthanda kwakho)
* 1 iklabishi elicwecwiwe
* 4 amazambane aqotshiwe
* 2 izinkomishi (500ml) amanzi
* 2 i-beef noma i-chicken stock cubes
1. Epanini thosa u-anyanisi. 2. Faka u-curry powder, cumin, iklabishi, amazambane, amanzi nama-stock cubes.
3. Kumboze ukupheke imizuzu engu-20-25. Kuseve nophuthu noma nerayisi.
MUTTON AND VEGETABLE STEW
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 1kg i-stewing mutton
* 2 u-anyanisi oqotshiwe
* 1 iklabishi
* 3 amazambane acwecwiwe
* 3 ukherothi oqotshiwe
* 1 i-leek esikwe izingcezu
* 1 isixha se-celery
* 3 izinkomishi (750ml) i-mutton stock
* 2 ama-bay leaves (ngokuthanda kwakho)
* usawoti nophepha
1. Epanini thosa i-mutton ize ibe nsunjwana. Faka u-anyanisi ukupheke kuze kuthambe.
2. Qoba iklabishi ushiye iziqu. Faka wonke ama-veg, i-stock bese ukunonga.
3. Kumboze ukupheke i-mutton ize ithambe - 1-1 1/2 amahora.
CABBAGE AND POTATO BAKE
* 1 iklabishi eliqotshiwe
* 2 izipuni (30ml) uwoyela
* 2 izigaxa zikagaligi ezigxotshiwe
* 6 amazambane asikwe izingcezu
* 1 iphakethe le-cream of onion noma i-chicken soup
* 1 1/2 izinkomishi (375ml) amanzi abilayo
* 1/2 inkomishi (125ml) ushizi ogreythiwe iCheddar
1. Bilisa iklabishi emanzini anosawoti lize lithambe.
2. Epanini thosa ugaligi uze uthambe. Faka iklabishi ukunonge. Kukhiphele kwi-oven-proof dish egcotshiwe, undlale amazambane ngenhla.
3. Kujeke hlanganisa isobho eliyimpuphu namanzi ukuthele eklabishini namazambane ukuvuvuzele ngoshizi.
4. Kubhake kuze kuklamuzele - cishe imizuzu engu-30.[z]
Amaresiphi nezindlela zokuhlela: Gemini Food Promotions
Izithombe: Kim Thunder
CABBAGE CURRY
►
Okunika umsoco
■ Iklabishi wumthombo omuhle ka-vitamin C, fibre, iron, calcium ne-potassium.
■ Iphunga lalo uma liphekiwe lidalwa yi-sulphur ekulo nokuyiyo esiza imizimba yethu ilwe namagciwane.
Ukukhetha nokubeka iklabishi
■ Bheka eliqinile elinesisindo. Zama ukuba ungathengi eselisikiwe ngoba kungenzeka ukuthi selilahlekelwe izakhamzimba. (Uma wenza i-coleslaw ilungise ngaphambi kokuphaka.)
■ Iklabishi ungaligcina cishe amasonto amabili efrijini. Lifake kupulasitiki noma kwi-paper bag ebhotshoswe izimbobo ukuze kungene umoya.
◄
MUTTON AND VEGETABLE STEW
BONA ZULU March 2009
POTATO AND CABBAGE SOUP
* 8 amazambane aqotshiwe
* 1 ilitha yamanzi
* iklabishi eliqotshiwe
* 1 iphakethe likabhekeni (ubeke imicu emithathu eceleni, eminye uyiqobe)
* uwoyela wokuthosa ubhekeni osele
1. Bilisa amazambane emanzini. Uma sekuthambe kakhulu, kushiye emanzini amancane bese ukubhucuza kuze kube bushelelezi.
2. Faka iklabishi nobhekeni ukubilise imizuzu engu-30. Uma isobho lishube kakhulu, faka amanzi kancane.
3. Epanini shisa uwoyela uqobe omunye ubhekeni uwuthose. Hlobisa isobho ngaphambi kokuliseva.
POTATO AND CABBAGE SOUP
CABBAGE AND POTATO BAKE
