zulu.770.yourman_fashion
Shintsha
ukugqoka
USTHEMBISO SANGWENI (26) ongumsizi wasehhovisi emnyangweni wezezimakethe, uhlala ematasa eqinisekisa ukuthi imicimbi ihamba kahle. Akazwani nokuswenka kanti uthanda ukugqoka amateku, i-jean nezikibha.
IFESHINI YABESILISA
Kuqala
1. Ijakhethi ende
Amajakhethi ungaziswenkela ngawo noma uwagqoke ungaswenkile. Khetha amnyama, a-grey, a-beige na-navy ahlala esesitayeleni. Ungawagqoki nezigqoko ezivulekile ukuze ungabukeki njengesigelekeqe.
2. I-waistcoat
I-waistcoat akufanele uhlobe ngayo emicimbini yasebusuku noma emishadweni kuphela. Ikunika isithunzi uma uyigqoke nokokuswenka, ibukeke kahle uma uyigqoke ne-jean.
3. Umbala
Umbala o-grey ukahle uma ufuna ukuhlukana nombala omnyama noma o-navy othandwa kakhulu. Lo mbala uba muhle uma uwuxube neminye imibala.
IZINGUBO
USthembiso ugqoke: Ishethi elinemigqa e-grey nemhlophe (R250), Markhams; i-waistcoat emnyama nothayi (inani libuze khona), Roberto Sistina at John Craig; ibhulukwe eli-grey (R350), Markhams; ijakhethi e-grey (R550), Markhams; izicathulo ezimnyama (R1 790), Europa Art Shoes.
Ngabe usukhathele yindlela ogqoka ngayo- Ngabe ubona kufanele ukuba ushintshe- Nazi izeluleko zendlela owesilisa angagqoka ngayo
MANJE
U-ISAAC NYATHI (46) usebenza enkampanini eshicilela amaphephandaba namaphephabhuku. Uma esemsebenzini ugqoka ama-overalls, aqhubeke agqoke ngaleyo ndlela ngisho noma esekhaya.
Umgqokisi: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
(Imithombo: www. men.style.com; www.mensflair.com.)
IZITOLO: Markhams: 021-938-1911 John Craig: 0800-116-009 Europa Art Shoes: 011-883-5354
Kuqala
1. Isikhafu
Izikhafu ziyazigqamisa izingubo zasebusika. Kodwa ziyakuvikela emakhazeni zibuye zibe yindlela yokugqoka esefeshinini. Uma ucabanga ukuthi sizokwenza ubukeke njengomuntu wesimame, khetha esinombala ozothile esingahlotshisiwe.
2. Isudi emnyama
Isudi emnyama ikhomba ukugqokela impumelelo. Eyikhwalithi ingamba eqolo, kuye nangokuthi uyithengephi kodwa ikahle ngoba ungayigqoka nanoma yini, noma kuphi. Isudi emnyama ungabuye uyigqoke nanoma yimaphi amashethi anombala.
3. Isikhwama
Akusibo bonke abantu besilisa abathanda ukuphatha isikhwama kodwa ungabukeka usesitayeleni uma uphethe esikahle. Uma unamahloni asikho isidingo sokuphatha isikhwama nsuku zonke - siphathe uma uvakasha. Khetha esimnyama uma ufuna ukuthi singagqami.
4. Izicathulo
Bonke abesilisa abasebenzayo kufanele babe nepheya lezicathulo ezimnyama zokuswenka, kube ezesikhumba ezinezintambo. Zigqoke uma uya emsebenzini, kwi- interview, emshadweni nasesontweni. Uma uzigqoka nsuku zonke, ubuye uhambe amabanga amade, thenga ezinezithende zerabha. Ungacela abakhanda izicathulo bakufakele izithende zerabha ezicathulweni.
IZINGUBO
U-Isaac ugqoke: Isikhafu esiluhlaza esinithiwe (R99), Markhams; ishethi elinemigqa elimnyama nokusiliva (R299), Markhams; isudi emnyama (R1 599), Pierre Cardin at John Craig; izicathulo ezimnyama (inani libuze khona), Polo at John Craig; isikhwama esimnyama (R299), Markhams.[z]
MANJE
