zulu.768.Shoprite
Nantu usizo
Sinethulela usizo lwakamumva lwaba-
kwaShoprite -
lokuthenga nokukhipha imali - ongakwenza kanye kanye!
KUJWAYELEKILE ukuthi njalo ekupheleni kwenyanga ume kolayini abade ukhiphe imali kuma-ATM - angithi uba nokwesaba ucabange ukuthi kukhona okubukayo ushaya i-pin number yakho" Ngaphezu kwalokho, umshini ugwinye ikhadi lakho.
Okuhle wukuthi ukukhipha imali sekuphephile futhi sekulula. Lokhu kungenxa yokuthi usungayikhipha kuma-tills akuzo zonke izitolo zakwaShoprite.
U-cashier onobungani wakwaShoprite uzokusiza. Wena udinga ikhadi lakho ne-pin number yakho. Kuyashesha kulula - akufanele futhi ukhathazeke ngokubanjwa yizigebengu ezibuka abantu kuma-ATM ngoba zizocabanga ukuthi ukhokhela izimpahla ozithengile. Lena yindlela enhle yokukhipha imali uma ukuzonda ukuma kolayini abade noma wesaba ukuthi umshini uzogwinya ikhadi lakho. Okuhle wukuthi akubizi kunokukhipha imali ebhange.
lokuKhipha Imali
KwaShoprite
Kuyashesha Kulula - kusebenza kanjani:
1. Tshela u-cashier ukuthi ufuna ukukhipha imali ngaphambi kokukhokhela izimpahla ozithengayo. U-cashier uzofaka ikhadi lakho emshinini (swipe) akubuze ukuthi ufuna ukukhipha malini nokuthi iyiphi i-akhawunti onayo (eyesheke noma eyokonga)
Kulula. Ungasebenzisa noma yiliphi ikhadi lakunoma iliphi ibhange. Khumbula ukuthi kufanele kube khona into oyithengayo kwaShoprite ukuze ukwazi ukusebenzisa lolu sizo kwi-till.
2. Faka inombolo yakho eyimfihlo (secret pin) (khumbula lokhu kufanele uzenzele ngokwakho, ungayitsheli muntu inombolo yakho ngisho no-cashier imbala)
OKUHLE
KUYASHESHA: - Abekho olayini abade njengakuma-ATM
KUYAKUVIKELA: - Akekho ozokwazi ukuthi ukhipha imali
KUPHEPHILE: - I-till ngeke 'iligwinye' ikhadi lakho
KUSHIBHILE: - Izimali ezibanjwayo ziphansi kunezebhange
3. U-cashier uzokunika imali yakho kanjalo ne-slip esishoyo ukuthi ukhiphe malini. [z]
ezentengiso
B2517/06 izindlela zokuhlela ngupeta-ann stroud izithombe nguchristoph hoffman
