zulu.754.lucky
BONA - December 2007
okufanele
UKUBULAWA kukaLucky Dube ekudunweni kwemoto okungaphumelelanga ngomhlaka 18 October kungesinye sezigameko zakamumva zomkhankaso wokuhlukumeza izakhamuzi zakuleli eziwuhloniphayo umthetho. Ngaphambi kwaleso sigameko ngalo lolo suku eduze kwesiteshi samaphoyisa eHillbrow, umlisa mumbe wazama ukuduna imoto eyi-bakkie emva kwalokho wabaleka wadubula ebhekise emaphoyiseni. NgeSonto elalilandelwa yilesi sigameko, ePietermaritzburg abaduni bezimoto badubula babulala owesimame (59) owayeya esontweni. Emva kokushayisa kwemoto yakhe, ababulali bakhe babaleka ngezinyawo baphinde badubula owesimame wesibili naye esemotweni yakhe. Nayo leyo moto yashayisa.
"Ngangizimisele ukufela amantombazane ami amancane," kusho lo mama waseGermiston oneminyaka engu-28 imoto yakhe eyayisizungezwe ngabesilisa ababephethe izibhamu ethi ungena kwi-driveway ekhaya lakhe ngenyanga kaSeptember.
Izicabha zazivaliwe nokuyinto eyamnika isikhathi esanele sokuba athathe umntwana wakhe omncane onezinyanga ezingu-18 watshela nezinye izingane zakhe ezimbili - eneminyaka emine neneminyaka emibili ukuba zehle. Emva kwalokho walala phezu kwazo ezivikela ngomzimba wakhe.
Imoto yakhe yohlobo lwe-4x4 yatholakala cishe ebangeni elingu-500m kusukela endlini nokuyilapho amasela ayeseyishayisile ayishiya khona.
Ubulima
Esihlale sikufunda ngokudunwa kwezimoto, cishe isiphetho siyefana - yinto ebuhlungu eshiya isithombe esingapheli emqondweni.
Ubulima kulokho wukuthi, uma ubheka, abaduna izimoto abavamile ukuphumelela ukubaleka ngemoto abasuke bezama ukuyintshontsha.
Ngokwemiphumela yocwaningo lonyaka wonke oluhlanganiswe ngabeRE/MAX lakhishwa ngo-October, u-52% wokudunwa kwezimoto wenzeka emakhaya abanini bezimoto. U-10% wenzeke abantu besazihlalele bezipholele emapaki ezimoto, u-7% wenzeka emarobhothini, u-5% emagcekeni amabhizinisi kuthi u-4% ubandakanye abashayeli abaphoqwa ukuba baphume emgwaqweni.
Esikhathini olwenziwa ngaso lolu cwaningo - April 2006 kuya ku-March 2007 - indawo yaseGauteng yayinezigameko zokudunwa kwezimoto eziningi (6 951), ilandelwe yiKZN (3 562).
Umbuzo okhona ngokudunwa kwezimoto ngothi, ngabe siphila emseni wezigebengu noma singakwazi ukuzivikela ngokwethu"
Impendulo eyiyo ngethi - singakwazi. Kodwa nakhu okudingekayo...
Yazi inkinga.
Ukudunwa kwezimoto yinkinga yomhlaba wonke - ehambisana nodlame.
Yazi isitha sakho.
"Khumbula ukuthi ubhekene nesilima esithatha izinto ngodlame. Uma ulokhu uphikisana naye noma unenkani, ungagcina udutshuliwe.," kusho uMark MacYoung
Wena usuke ungazelele lutho kodwa umduni wezimoto usuke ezilungiselele ukuzosusa udlame.
Isixazululo salokhu" Zama ukugwema ukuba uzithole usesimweni esifana nalesi...
Zazi izindawo eziyingozi
Njengoba sesibonile, izindawo ezivame ukuba yingozi - yilapho ungena noma uphuma lapho uhlala khona. Eyesibili kulapho ungaphakathi emotweni yakho usamile emarobhothini noma ku-stop sign.
Ngaleso sikhathi kulapho umduni wezimoto egijima eqonda emotweni yakho evula isicabha ekudonsela ngaphandle. Make sibheke izindlela zokuzivikela kulesi simo...
Khiya izicabha zemoto yakho.
Umnyango okhiyiwe awuvimbi ukuba uhlaseleke, ngokusho komunye wochwepheshe. "Kodwa uyakusiza ngokuba ubone ukuthi kukhona ofuna ukukwenza utho nofuna ukukudonsela ngaphandle!"
Faka ibhande lakho.
Lokhu kuhlaselwa kuncika ekutheni uzokwazi yini ukuphuma emotweni ngokushesha. Uma ufake ibhande ukhiye neminyango - lokhu kuzomthena amandla ocabanga ukuduna imoto yakho.
Shiya isikhala.
Njengoba kuvamile ukuthi kube yimoto yokuqala eme emarobhothini evinjwa ngenye, neyesibili nayo isuke isengcupheni - inhloso yalokhu wukuthi, kuthi lapho oduna imoto ekukhipha emotweni yakho, imoto engaphambili izobe isihambile.
Ngokushiya isikhala esanele esifana nokukwazi ukubona amasondo emoto engaphambi kwakho, usuke usuzibeke endaweni lapho uzokwazi ukuba uphunyuke ubaleke.
Uma kuvele kuthi memfu umuntu obungamlindele eduze kwesicabha semoto yakho, ungakwazi ukuba 'unyathele amafutha' uhambe kakhulu uphunyuke.
Qaphela okungakubeka engcupheni
Ekuphunyukeni kwakho, akhona amathuba okuba udutshulwe, kodwa uma niqhelelene kakhulu nobezama ukukuduna, lokho kungakuphephisa - ngokusho kukaMacYoung.
Kodwake amathuba akho okuphila mancane kakhulu uma kukhona okukuvimbele nesigebengu sidubule sibhekise kuwe izikhathi eziningi - kusho uMacYoung.
Bheka eduze kwakho.
Uma ungena kwi-driveway yakho noma uhamba uya emotweni yakho, kufanele ubheke eduze kwalapho ukhona.
Uma ubona umuntu onokusolisa, kungcono wedlule esangweni lakwakho.
kanti noma uhamba uyolanda imoto lapho uyipaka khona ubona umuntu omsolayo futhi, ungabe usaya emotweni yakho ngoba ngeke ukwazi ukuyivula nokungena phakathi kuyona. Angisayibali eyokuyifaka egiyeni ubaleke - ngoba ngeke, isela lizokufica.
Ochwepheshe bathi ungawanciphisa amathuba okuba udunwe ngo-90% uma ufunda ukuqaphela eduze kwalapho usuke ukhona.
Lahla okhiye bemoto yakho.
Uma uhlaselwe ngaphandle kwemoto yakho, lahla okhiye bakho ubajikijele baye ngalapho ungeke wena ubaleke uye ngakhona. Emva kwalokho baleka.
"Isigebengu manje sekufanele sikhethe, wena noma imoto yakho. Uma sifuna imoto yakho, lokho kusho ukuthi umsebenzi waso uzokuba nzima njengoba sekufanele siyobafuna. Uma sicabanga ukukujaha, usuzobona ukuthi besingafuni imoto yakho. Lokhu kukutshela kabanzi ngengozi obhekene nayo," kuphawula uMacYoung.
Banike lokho abakufunayo.
Uma yonke imizamo yakho yokuphepha yehluleka, bakuzuma ungazelele, ungaqophisani nabo, ungalwi ungabi nenkani. Banike okhiye!
Okokugcina...
Qaphela kodwa, nakhu okunye ongakwenza nakuba kungahambisani nalo mthetho...
Ungalokothi ukuvumele ukuthi uphoqelelwe ukungena emotweni yakho nabahlaseli bakho uyiswe kwenye indawo.
Lokho kungehlisa amathuba akho okuphila ngoba kukhomba ngokusobala ukuthi abafuni imoto yakho nezinto zakho kuphela. Empeleni ochwepheshe bathi kuleso simo unamathuba angu-3% okuba uphulukundlele ungalimele.
Ngakhoke uma bezama ukukuphoqa ukuba ungene emotweni, yileso sikhathi sokuba umemeze, ukhahlele, uklwebhe, ngoba uzobe usulwela ukusindisa impilo yakho.[z]
indaba nguJOHN GUMEDE
Bangaki
bafe"
Zivikele kwabaduna izimoto
BONA ZULU - December 2007
u
Empilweni
uLucky Dube ubethathwa njengoMr Reggae wakuleli, enza izimanga lapho ecula. Ezinye zezingoma zakhe singabala ethi Prisoner, Slave, Taxman nethi Together As One, nokuyizingoma ezafana namahubo kulabo ababecindezelwe. Ukufa kwakhe kumenza ukuba abalwe kulabo bantu bakuleli abafa bebulawa yizigebengu ezingenangqondo nezingenandaba nempilo yomunye umuntu...
t
BONA ZULU - December 2007
Ungakuvumeli ukuphoqwa ukuba ungene emotweni yakho nabahlaseli bakho
Silahlekelwe yiqhawe!
Cishe ngezikhathi zo-8 ebusuku bangoLwesine mhlaka 18 October, uLucky Dube wayehlisa indodana yakhe kwamalume wayo eRosettenville, eningizimu yedolobha laseGoli ngesikhathi abalisa ababili beza beqonda emotweni yakhe.
Ngokowazibonela ngamehlo, omunye walawa madoda wavula isicabha wadubula lesi sihlabani esidume umhlaba wonke izikhathi ezimbili. ULucky wakwazi ukushayela abaleke, kodwa imoto yakhe yaphaphalaza yayoshayisa esihlahleni naye washonela khona lapho.
UDube wazalwa ngomhlaka 3 August ngo-1964 e-Ermelo eMpumalanga kanti waqala emculweni ecula umbhaqanga ngo-1979, emva kwalokho wakhipha ama-albhamu amahlanu, wathola isitayela esisha somculo ayesizwa ngaphakathi nesashintsha indlela ayebuka ngayo impilo - i-rregae.
Waba ngomunye wabaculi abadume kakhulu kuleli, emakhonsathini akhe edonsa izihlwele ezingabalelwa ko-50 000 noma kuphi, nakwamanye amazwe omhlaba imbala.
Lapha ekhaya - kuma-albhamu angu-22 awashaya ngezilimi ezihlukene - isiZulu, isiNgisi ngisho nesiBhunu imbala - akazange ayeke ukumangaza abalandeli bakhe.
ULucky ushiye emhlabeni umkakhe uZanele nezingane zakhe eziyisikhombisa - uBongi, Nonkululeko, Thokozani, Laura, Siyanda, Philani noMelokuhle onezinyanga ezintathu nje-vo.
