ZULU.735.people
Yoh yoh yoh!
okwenzeka ezweni
Kumnyama kubomvu, abalandeli bakhuthaza amaqembu abo!
Unomzimba ongajwayelekile
ULEWIS Gordon Pugh odume ngokuthi yi“Human Polar Bear” ukhonze ukubhukuda emanzini abanda qa – usanda kuba sematheni ngokuba ngumuntu wokuqala ukubhukuda ibanga elide kwiNorth Pole.
Ngabe ubhukuda kanjani emanzini abanda ngokwedlulele? Okwakhe kulula – umzimba wakhe uyakwazi ukukhuphula izinga lawo lokushisa, ngaleyo ndlela ahlale efudumele…
BONA ZULU – September 2007
U-Arthur uphinde wawina
U-Arthur Mafokate wayengomunye wababehlonishwa emcimbini weWork Golden Circle Awards owawubanjelwe eJozi. Ngale miklomelo kuhalaliselwa abantu abasha ngemisebenzi yabo. U-Arthur (kwesobunxele) wawina ngegalelo lakhe emculweni we-kwaito…
… i-3Sum (kwesokudla) yawina umklomelo “weqembu eliphethe isitayela.”
I-VODACOM Challenge yaminyaka yonke ehlanganisa iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neqembu laphesheya iTottenham Hotspurs yethulwa e-ABSA Stadium eThekwini.
Kulo nyaka, lo mncintiswano wawusetshenziselwa ukwethula umkhankaso we-Asiphephe okwakuhloswe ngawo ukukhuthaza ukuphepha kwabahamba ngezinyawo emgwaqweni.
Njengokujwayelekile, amaqembu ayebambe iqhaza kule midlalo athola ithuba lokukhangisa ngabadlali bawo abasha kwabemithombo yezindaba. – Dumisani Ntshentshe
u
IMALI,
IMALI, IMALI
Iziphathimandla zaseJapan zisanda kuthola ukushaqeka ngesikhathi kutholakala izimvilophi ezazino-R700 imvilophi ngayinye ezindlini zomphakathi zangasese ezweni lonkana. Ilinganiselwa ku-R106 000 imali osekuphiswane ngayo ngale ndlela. Kuleyo naleyo mvilophi kwakunencwadi eyayibhalwe ukuthi “Sebenzisa le mali ukuthola inzuzo.”
BONA – August 2007
t
OKUMNANDI
u AbakwaScooters Pizza bethule iBucket O’ Pizza. Kulesi sidlo sabo esiconsisa amathe kukhona ama-pizza angu-9 afakwe okumnandi avuvuzelwa ngoshizi iCheddar. Awamnandi ehla esiphundu!
I-Soweto nolwandle?
UKUZE kugujwe ukufika kwehlobo, ibhishi lilethwe ePower Park Dam e-Orlando eSoweto.
Ingqikithi yeSoweto Beach Party yangalo nyaka ithi “Beach Bling Soweto Style.” Abakhonze amaphathi bayozitika ngokudansela izingoma zabaculi abafana noBricks, Kabelo, neMalaika babuye bazidelise ngokubukela izintokazi ezinhle, bathole iziphuzo eziqabulayo kuqhunyiswe neziqhumane.
Lo mcimbi uyothatha izinsuku ezimbili – uMgqibelo, September 29, neSonto, September 30. Amathikithi azobiza u-R75 umuntu emunye ngoMgqibelo, kube u-R50 umuntu emunye ngeSonto.
'NGEMINYE IMINININGWANE:
vakashela kwiWebsite www.minanawe.co.za noma ushayele ku: 011-704-6257.
UTHANDO LOLU…
Inkawu yensikazi yohlobo lwe-orangutan yayinezinyanga ezinhlanu ngesikhathi iqala ukunakekela uSumatran ingwe eyayinezinsuku ezingu-26 izelwe. Leli wundlu lengwe eliyinzalo yezilwane ezisengozini yokushabalala, lingelinye kwamabili azalelwa esibhedlela sezilwane e-Indonesia. Umama wawo wawalahla, inkawu u-Irma wabona kungcono ukuba awakhulise…
BONA ZULU – September 2007
okwenzeka ezweni
Umculi uJae netsha ayifundisa esikoleni sakhe sokufundela ukudansa begubha ukwethulwa kwe-Ifa Lethu Heritage Collection kwiDurban Fashion Week.
SEBEYASAKAZA
I-Soweto Community Television iqale ukusakaza ngoJuly 1 emva kokuthola ilayisensi yokusakaza kwabe-ICASA. Kulesi siteshi kufundwa izindaba, kusakazwe ezemidlalo, ezokuzithokozisa nokwenzeka eSoweto!
