zulu.731.biscuits
Ingosi
yokupheka
74 BONA ZULU – October 2005
Izeluleko zekhishi likaBONA
QAmaresiphi amaningi esengiwabonile adinga u-anyanisi osashukela. Ngingawenza kanjani?
AHlanganisa izipuni ezintathu ze-vegetable oil noma i-olive oil epanini nezipuni ezimbili zebhotela nezinkomishi ezine zika-anyanisi oqotshiwe. Thosa u-anyanisi imizuzu engu-30 uthele i-teaspoon likashukela uma usuphakathi nokupheka. Faka ibinzana likasawoti. U-anyanisi uzoba nombala o-caramel ube njimbilili njengojamu.
QUma ngizama ukufaka i-icing ekhekheni ayinamatheli.Sengake ngazama ukuyishubisa kodwa ikhekhe lavele lavuthuka ngesikhathi ngiyifaka. Ungangisiza?
AUkuze i-icing ingasuki ekhekheni, zama ukulivuvuzela nge-icing sugar noma i-corn starch ngaphambi kokufaka i-icing. I-icing yakho izonamathela kahle.
QNgingenzenjani ukuze ikhekhe linganamatheli ethinini uma sengilikhipha?
AYiba nesineke uma ubhaka. Uma usubhakile, khipha ikhekhe kuhhavini ulibeke ngaphandle imizuzu engu-15. Sebenzisa ummbese noma i-spatula ukuzungezise emachosheni ethini ukuze ikhekhe lingabambeleli. Liyeke eminye imizuzu engu- 10 bese ulibeka kwi-rack. Lipholise cishe imizuzu engu-30 ngaphambi kokufaka i-icing sugar.
QKuthiwa ubhontshisi asiwucwilise ubusuku bonke ngaphambi kokuwupheka. Kodwa lokho akwenzeki kalula kwabanye bethu. Ngabe ikhona indlela elula esingayisebenzisa?
AFaka ubhontshisi endishini enkulu enamanzi (amanzi azowuvokomalisa) uwufake kwi-microwave ubile. Uyeke emanzini abilile ihora elilodwa bese uyawupheka. Lokhu ungakwenza kunoma yiluphi uhlobo lukabhontshisi.
QNgikhonze ukusebenzisa ushukela onsundu emaresiphini ami kodwa uyaqina emva kwesikhathi ngiwubekile. Ngingakugwema kanjani lokhu?
AUkuze ushukela uthambe, ufake endishini enocezu lwe-apula. Mboza nge-clingwrap uwufake kwi-microwave cishe imizuzwana engu-45.[z]
nguGLADYS MHLONGO
amaresiphi nokuhleleka kwawo ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Bonke abantu bayawathanda amabhisikidi, kodwa ayabiza. Zibhakele awakho uwenze abe maningi wonge imali...
Apricot Jam Biscuits
Kubiza: R11,49
Kuphuma cishe angu-100
Izithako
4 izinkomishi (1 000ml) i-cake flour
2 izinkomishi (500ml) ushukela
1 1/2 ama-teaspoon (7ml) i-bicarbonate of soda
1 inkomishi (250ml) imajarini
1/2 inkomishi (125ml) i-smooth apricot jam
2 amaqanda
Indlela yokwenza
1. Endishini sefela ndawonye ufulawa, ushukela ne-bicarbonate of soda. Khuhlela phakathi imajarini usebenzisa iminwe.
2. Kujeke, shayela ndawonye amaqanda nojamu ukufake engxubeni kafulawa.
3. Kubumbe kube amabholana bese uwabeka ethreyini lokubhaka eligcotshiwe. Acindezele ngemfoloko abe yizicaba.
4. Bhaka kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC noma kuze kube nsunjwana (cishe imizuzu engu-10).
Instant Pudding Biscuits
Kubiza: R15,37
Kuphuma cishe angu-150
Izithako
2 izinkomishi (500ml) ushukela
1 inkomishi (250ml) imajarini
2 amaqanda
500g i-self-raising flour
1 iphakethe i-instant pudding mix (noma enambitheka kanjani)
Indlela yokwenza
1. Endishini phehla ndawonye ushukela nemajarini. Faka amaqanda, ufake elilodwa ngesikhathi, ulokhu uphehla emva kokufaka iqanda.
2. Faka ufulawa nengxube ka-pudding bese ukuhlanganisa kube yinhlama.
3. Kubumbe amabholana ukubeke ethreyini lokubhaka eligcotshiwe.
4. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC imizuzu engu-15 kuze kube nsunjwana.
Iseluleko: Cindezela ama-cherries enziwe ohhafu, amaswidi amancane noma ama-raisins kumabhisikidi ngaphambi kokubhaka. Futhi ungakuvuvuzela nge-chocolate vermicelli noma ama-hundreds nama-thousands ngaphambi kokukubhaka.
Ginger Snaps
Kubiza: R25,60
Kuphuma cishe amabhisikidi angu-130
Izithako:
2 izinkomishi (500ml) ushukela omnyama
500g imajarini
2 izinkomishi (500ml) i-golden syrup
1,2kg i-cake flour
1 i-teaspoon (5ml) i-mixed spice
4 ama-teaspoon (20ml) u-ginger ogayiwe
4 ama-teaspoon (20ml)
i-bicarbonate of soda encibilikiswe ku-1/4 inkomishi (60ml) ubisi
Indlela yokwenza:
1. Epanini ncibilikisa ushukela, imajarini ne-syrup.
2. Bondela phakathi ezinye izithako ezisele. Kubeke eceleni kuphole.
3. Kubumbe amabholana angagcwala isipuni uwabeke ethreyini eligcotshiwe. Cindezela isithupha kancane ebhisikidini ngalinye. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-200oC imizuzu engu-12 kuze kube nsunjwana. Kukhiphele kwi-cooling rack bese ukufaka esitsheni esivalekayo.
Peanut Cookies
Kubiza: R16,67
Kuphuma cishe angu-60
Izithako
3 izithako (750ml) ufulawa
1 i-teaspoon (5ml) i-bicarbonate of soda
1 inkomishi (250ml) imajarini
2 izinkomishi (500ml) ushukela
2 amaqanda
250g amakinati anosawoti aqotshiwe
Indlela yokwenza
1. Endishini, sefela ndawonye ufulawa ne-bicarbonate of soda.
2. Kwenye indishi, phehla imajarini noshukela. Shaya amaqanda, elilodwa ngesikhathi.
3. Faka ingxube kafulawa, ufake amakinati ukuhlanganisise.
4. Kubumbe amabhola amancane bese uwabeka kwi-baking sheet egcotshiwe. Wenze isicaba, uwabhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-180oC cishe imizuzu engu-15 noma kuze kube nsunjwana.[z]
Izikhwama zamabhisikidi
BONA ZULU – October 2005 75
Instant Pudding Biscuits.
