zulu.730.G-upmilk
Siza ingane yakho ikhule iphilile futhi inamandla
Imiqondo ephilile yemizimba ematasa
ezentengiso
NAKUBA ubisi lungabalulekile kakhulu ezinganeni ezisanda kuzalwa njengoba lubalulekile ezinganeni esezikhulile, kodwa lusadlala indima ebalulekile ekukhuleni kwazo. Kungakhoke ochwepheshe bezempilo begunyaza izingxenye ezimbili kuya kwezintathu (400-600ml) zobisi ngosuku.
Ngalokhu emqondweni, abakwaPurity sebelethe iPurity Growing-up Milk yezingane ezisanda kuzalwa kusukela onyakeni owodwa kuya kwemithathu, nokuyiyo enika izakhamzimba eziningi ngaphezu kobisi lwenkomo. Esinye isakhamzimba esengeziwe sitholakala ngendlela yamavithamini, ama-minerals nama-fatty acids abalulekile - kanti aqinisekisa ukuthi izingxenye ezimbili ngosuku zizonika amaphesenti angu-50 ezidingo zosuku zamaphrotheni, i-calcium, ama-vitamin A, C, E, B2, B12 ne-pantothenic acid.
AbakwaPurity sebephinde babhekana nenkinga evamile ye-anaemia ngokwengeza u-vitamin C ukuze usize ngokumunceka kwe-iron. Ama-fatty acids engeziwe asiza ekuthuthukiseni umqondo nokwenyusa izinga lokubona emehlweni, ekubeni i-calcium engeziwe yenza amathambo namazinyo aphilile.[z]
