zulu.723.triviajun
amakhasi
BONA ZULU - June 2007
AMAGOBOLONDO amaqanda aqinile. Cabanga ukuthi lingaba njani iqanda elinegobolondo elithambile" Zama lokhu okulandelayo...
Okudingayo:
1 iqanda elivuthwe kakhulu
1 inkomishi u-vinegar
ujeke noma ingilazi
Okufanele ukwenze:
Thela inkomishi ka-vinegar kujeke
Faka iqanda uliyeke ku-vinegar usuku olulodwa
Likhiphe ulithinte.
Okwenzekile:
Amagobolondo amaqanda anokubizwa ngokuthi yi-calcium carbonate. Yilokho okuwaqinisayo.
U-vinegar uyi-acid ebizwa nge-acetic acid.
Uma i-calcium carbonate (igobolondo) ne-acetic acid (u- vinegar) kuhlangana, kwakheka ama-chemical akhipha i-carbon dioxide (i-gas).
Kungenzeka ukuthi uwabonile amabhamuza ngesikhathi ufaka iqanda ku-vinegar - lawo mabhamuza ayi-carbon dioxide.
Ama-chemical akheka kuze kusebenze yonke i-carbon eseqandeni - lokho kuthatha usuku.
Uma ukhipha iqanda ku-vinegar lisuke lithambile ngoba kuphuma yonke i-carbon eqandeni ibe yilawo mabhamuza amancane.
Zama lokhu...
Beka lelo qanda etafuleni usuku lonke, lithinte. Seliqinile futhi!
I-calcium esale egobolondweni ithathe i-carbon ebikwi-carbon dioxide esemoyeni esiwuphefumulayo.
Noma lokhu...
Aqiniswa yini amathambo ethu" Aqiniswa yi-calcium carbonate eqinisa igobolondo leqanda.
Zama lokhu - ubamangaze ngempela abangani bakho...
Thatha amathambo enkukhu uwafake ku-vinegar usuku lonke. Azothamba njengegobolondo leqanda.
Emva kwalokho usungawabopha kalula njengentambo.
Wabeke etafuleni. Uzowathola eseqinile futhi!
Wathathe uye nawo esikoleni ubone ukuthi abangani bakho bazobona yini ukwenze kanjani lokhu!
Batshele bafunde uBONA!
MANGAZA ABANGANI!
elama-lobster libhlu.
IGAZI lezilwane ezincelisayo libomvu...
elezi-nambuzane liphuzi...
kaBONA athokozisayo
GREAT STOCK!
Intaba ende e-Africa
I-Kilimanjaro yintaba esentshonalanga-mpumalanga yeTanzania. Yadalwa yintaba-mlilo emandulo kanti indawo ephakeme kuyona ibizwa nge-Uhuru Peak.
Yinde kunazo zonke e-Africa njengoba ukuphakama kwayo kungu-5 895m. Abaqwala le ntaba bahlangabezana nazo zonke izimo zezulu ezikhona eMhlabeni ngenxa yendawo ekuyona nokuphakama kwayo.
Zingu-1 470 izinhlobo zezitshalo ezitholakala eTable Mountain - zingaphezulu kwezitholakala e-United Kingdom.
Konke...
...ngemvubu
Igama elithi "hippopotamus" (imvubu) lisuselwe kwelesiGreek elisho "ihhashi lasemfuleni."
Izimvubu zihlala zibe ngamaqoqo angu-40. Kukhona eyeduna, eyensikazi namawundlu. l Izimvubu ziphila iminyaka engu-40-50.
Ubude bezimvubu bungu-3,5m, obamahlombe azo bungu-1,5m isisindo sazo singu-3 200kg.
Phezu kobukhulu bazo, zinejubane eledlula elomuntu uma zigijima kanti zingagijima 30km/h.
Izimvubu zinamehlo, amadlebe nekhala ogebhezini lwekhanda. Lokho kwenza ukuba zikwazi ukufaka umzimba usuku lonke ngaphansi kwamanzi ukuze ziphole kahle zingashiswa yilanga.
Isikhumba sazo sibuye sibe nokwemvelo okubomvu okuzivikela elangeni. Lokhu akusilo igazi noma umjuluko.
Izimvubu zidla izitshalo ezingu-50kg ebusuku.
Izimvubu zifakwe ohlwini olubizwa nge "Red List" olwabhalwa yiWorld Conservation Union ngoMay 2006. Okusho ukuthi zisengozini yokuncipha ngokwesibalo.
UTHI UBUWAZI" Kuze kwaba ngu-1985 ochwepheshe bezemvelo befanisa izimvubu nezingulube. Kodwa kunobufakazi bokuthi zifana nemikhomo namahlengethwa!
Beka ngokuyikho
GREAT STOCK!
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
BONA ZULU - June 2007
I-Canary Islands ayizange iqanjwe ngenyoni. Leli gama yigama lesimanje elithi Canariae Insulae okuyisiLatin - Island Of Dogs.
Ingwe iyona kuphela emndenini wamakati engakwazi ukufihla izinzipho zayo emhlabeni.
amakhasi
BONA ZULU - June 2007
IBANGA ELIDE!
Ibanga elide elagxunywa yiselesele yibanga lika-10,3m. Leli banga lenziwa yiselesele laseSA elalinekhala elicijile okuthiwa nguSantjie emncintiswaneni owawusePaulpietersburg ngoMay 21, 1978.
AmaMulti-Game
Okukathisha wakho
EMAZWENI anjengeMelika, i-apula elibomvu elipholishiwe liba yisipho sikathisha wakho. Lo mkhuba waqala nge-18th Century. Ngaleso sikhathi othisha babengaholi kahle kanti abazali babebaxhasa ngokudla. Njengoba ama-apula ayeyisitshalo esasandile ngaleso sikhathi, abafundi babephathela othisha obhasikidi abanama-apula. Emva kokuba sebekhushulelwe imali, babanika i-apula elilodwa njengendlela yokubabonga.
kaBONA athokozisayo
GREAT STOCK!
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo nokuthi yini igama lento oyibonayo.
U-Lord Byron owayeyimbongi yeNgisi kwamphatha kabi ukufa kwenja yakhe ayeyithanda waze wabhala lamagama etsheni lethuna layo: "Ubuhle obungabuni, amandla angapheli, isibindi esingenadlame, nakho konke ukulunga kwendoda engenabantu abayisekelile."
I-anaconda, enye yezinyoka ezinkulu emhlabeni, iyazala ayiwabeki amaqanda.
Isisindo sama-thambo ejuba singa-phansi kwese-zimpaphe.
Bheka ukuthi mangaki amagama anezinhlamvu ezine nezinhlanu esiNgisi ongawakha usebenzisa izinhlamvu zamagama ezisezikhaleni. Uhlamvu lwegama oluphakathi nendawo (kwesibomvu) kufanele lisetshenziswe kuwo wonke amagama. Emva kwalokho bheka ukuthi ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu lwegama ngalinye lungasetshenziswa kanye.
Yakha igama
I-Puzzle Yezithombe
GREAT STOCK!
Umkhomo obhlu yisilwane esinomsindo ukwedlula zonke eMhlabeni. Ubanga umsindo ofinyelela ku-188 decibels. Lo msindo omkhulu ongajwayelekile ungezwakala ebangeni elingamakhilomitha ayinkulungwane ngaphansi kwamanzi
BONA ZULU - June 2007
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho.
