zulu.716.gogo
ABANTU BAKITHI
Kungenzeka abe ngomunye wabantu abadala kunabo bonke emhlabeni, kodwa lo gogo usabukeka emusha kanti uthi maningi ama-birthday asamhlalele... indaba nezithombe nguSidwell Guduka
SINETHULELA ugogo uMannakoe Makobane ohlala eTambo Section ngaseSenekal eFree State. Ungomunye wabantu abadala kunabo bonke emhlabeni njengoba kade eqeda iminyaka engu-106 ngoJuly kanti uthi usahlalelwe ama-birthday amaningi!
UMannakoe ungumama wabantwana abangu-8, ababili babo asebedlula emhlabeni. Unabazukulu abangu-38 nabazukulwane abangu-46.
Uthi wakwazi ukufinyelela kule minyaka ngenxa yokuhlonipha abantu abadala nokudla ukudla okunempilo njengama-vegetable nama-fruit.
"Ngicela nabantu besizukulwane esisha ukuba benze okufanayo. Ukuhlonipha kuzobenza baphile isikhathi eside," kusho yena.
"Ngithanda ukuBonga UNKULUNKULU ngokungigcina yonke le minyaka. Kungenxa yoThando noBuhlakani Bakhe njengoba ngisaphila nanamuhla - ngisakuthokozela nokuba nesizukulwane sabazukulu bami.
Ugogo Mannakoe akanankinga namehlo akhe nokuzwa, kodwa unenkinga ekuhambeni.
Wazalelwa epulazini eliseduze kwaseWinburg ngo-1902!
Akazange aye esikoleni. Washada noLetsatsi ngo-1933 - owedlula emhlabeni ngo-1993.
"Impilo yayinzima ngeminyaka yo-1930. Saqala ukusebenza kanzima sisebancane siholelwa 'amakinati'," kusho ugogo uMannakoe.
"Isikhathi sobandlululo sasincisha ithuba lokufunda. Angikwazi ngisho ukubhala igama lami, kodwa isizukulwane esisha sisenhlanhleni ngoba siyakwazi ukuya esikoleni sithole nemisebenzi engcono. Sakhula sihlupheka thina!"
UMannakoe uthi akakaze abuthi 'mbibi' nakancane utshwala nokuyinto ebe nesandla ekuphileni kwakhe isikhathi eside.[z]
BONA ZULU September 2008
UMannakoe uthi akakaze abuthi 'mbibi' utshwala - kodwa uyazifela ngoswidi.
Ugogo egubha iminyaka eyikhulu nesithupha azalwa.
