zulu.713.beautynews
Izindaba
Zihloniphe
Senike nambona uHHP ecula e-rapper ngokuhlonipheka kwesiqedaphunga iStatus kwesinye sezikhangisi, kodwa eningakubonanga yiphathi esezingeni eliphezulu kukhangiswa nangengqephu nokuyilapho uBONA wawumenyiwe.
Izihlabani nomphakathi waseGoli bathutheleka eSandton City ukuzozibonela izidlakela zezinsizwa nosaziwayo abafana noStoan, abafana beKwela Tebza noSizwe Dhlomo bekhangisa ngamasudi eCarducci.
Abale lebuli yodumo asebezakhele igama ngokwenza indwangu kanokusho bahlangane nabesiqedaphunga iStatus emkhankasweni wabo we“Respect”. Lo mkhankaso ukhuthaza abesilisa ukuthi ukubukeka kahle nokunuka amakha amnandi akusikho okwabesimame kuphela.
Kwakunomculo omnandi, ukudla okumnandi, amahampa eStatus kanti nathi saphuma sinokuzethemba nokuhlonipheka.
Sibonga abakwaStatus ngesikhathi esimnandi esaba naso.
OKUTHANDWA NGUMHLELI
Ukusiza isikhumba sakho sivuseleleke ekukhathazekeni okudalwa wukukhulelwa
Ukukhulelwa yisibusiso esiza neminyama nokonakala kwesikhumba. Uchunge lwesikhumba lakwaPalmers olubandakanya i-body lotion, body oil ne-moisturiser lusiza isikhumba sivuseleleke ekukhathazekeni kokukhulelwa. Imikhiqizo iqukethe u-Vitamin E. Thola imikhiqizo yePalmers eBaby City, Clicks nakwaDischem.
UBUHLE BAKHO
zobuhle
UBUSO BODUMO
U-Unathi weMetro FM unokukhulu ukuzethemba - ukhuluma nezigidi ngezigidi zabalaleli nsuku zonke. Ukuzethemba kwakhe kwakhuthazeka lapho ekhethwa ukuba ngubuso bomkhiqizo wesiqedaphunga iShield.
■ IShield kimina…
…wumkhiqizo othembekile. Ngaqala ukuwusebenzisa ngisese-high school. Empeleni ngumama wami owangijwayeza isiqedaphunga.
■ Ukuhamba izinsuku ezimbalwa ngaphandle kweShield... kunzima…
...Ngingumuntu omatasa. Kuningi engangikuhlelile ngesikhathi salo mkhankaso ngingayifakanga iShield - ngaba nenkinga yokungazethembi .
■ Ukuzethemba kimina kumayelana…
… nokuthi ngiziphatha kanjani nokuthi ngixhumana kanjani nabanye abantu. Ngithanda ukuphatha abanye ngendlela nami engingathanda ukuphathwa ngayo. Ngicabanga ukuthi lokho kukhombisa ukuzethemba.
■ Indlela engizilungisa ngayo…
… ayilukhuni. Ngihlanza isikhumba sami ngisiswakamise. Ngiyathanda futhi ukufaka i-mask ebusweni kanye noma kabili ngesonto. Kokunye ngiyaziphaqula uma ngiya emicimbini.[z]
Nihlanganiselwe nguPamella-Rose Mlandu Izithombe ngu-Andrea Caldwell noPeter Whitfield
ISELULEKO:
Ukusebenzisa imikhiqizo eyenzelwe uhlobo lwakho lwesikhumba kuhle. Esikhumbeni esinezisihla namaqhubu, thola imikhiqizo ye-Eucerin eyenziwa ngabakwaBeiersdorf, inika isikhumba impilo. Ibiza kusuka ku-R89,99 ezintweni zokuhlanza isikhumba nakwezokusigqamisa kuya ku-R109,99 i-moisturiser.
Imigudu, izeluleko nemikhiqizo emisha
Osaziwayo ababekhona ephathini yeStatus - kusuka kwesobunxele nguSizwe Dhlomo, Lira, HHP noStoan.
Okumele ube nakho
e-bathroom
Imikhiqizo yesikhumba akufanele nje ilungele isikhumba sakho kuphela kodwa kufanele ibukeke iheha. Le mikhiqizo elandelayo iqinisekisiwe ukuthi ikushiya uzizwa umuhle yenze ne-bathroom yakho ibukeke isesitayeleni:
■ Uchunge lwezobuhle lwakwaJohnsons; Cleansing Bar R8,95, Facial Wash R21,95, Day Cream R26,95 neNight Cream R26,95.
■ Ama-gel amasha asesisefweni sokugeza: i-Protex Deo12 ne-Protex Aloe.
