zulu.710.nations
UBONA usihlaziyela eze-African Cup Of Nations
Nakuba uParreira ezosebenzisa lo mqhudelwano ukulungiselela u-2010, ngabe sizowabona amagoli ekugcineni? Ngisho noma kungenzekani, isikhathi sokubeka izaba sesiphelile…
SINETHEMBA lokuthi iBafana Bafana izokwenza okungcono kuneyakwenza emqhudelwaneni we-African Cup Of Nations owawuse-Egypt lapho yaba yizwe lokuqala eminyakeni engu-20 ukuphindela ekhaya ingafakanga ngisho negoli elilodwa.
Ukukhethwa kukaTed Dumitru njengomqeqeshi owayebambile kuleyo midlalo kwethusa kakhulu kwaba nomthelela nasendleleni iqembu eladlala ngayo. U-Carlos Alberto Parreira ongumqeqeshi manje ukhethe abadlali abangadumile kubadlali bakhe abangu-23 abaya eGhana.
Kodwa lo mqeqeshi uthi ufuna ukusebenzisa le midlalo ukuhlola abadlali azobasebenzisa ngo-2010.
I-FIFA nabalandeli bebhola eSA bafuna ukuba iBafana Bafana ibe nabadlali bekhethelo ngo-2010 abasezingeni labadlali baseSouth Korea eyayisingethe iWorld Cup ngo-2002.
Ohlwini lwabadlali uParreira abamemezela ngoNovember, abekho oBenni McCarthy weBlackburn Rovers, Delron Buckley weBorussia Dortmund nengqalabutho enguSiyabonga Nomvete osedlalele iqembu lesizwe izikhathi ezingu-70. Lokho ukwenzele ukunika abadlali azobasebenzisa ngo-2010 ithuba lokudlala.
Kubadlali ababophele ufake u-Excellent Walaza wePirates oneminyaka engu-20 noBryce Moon we-Ajax Cape Town.
Isikhathi semidlalo
Lo mqhudelwano omkhulu e-Africa uzodonsa amehlo omhlaba njengoba abadlali abazakhele igama emhlabeni bezobamba iqhaza kuwona.
Noma kunjalo, abaqeqeshi bamaqembu ase-Europe abaphathekile kahle ngendaba yesikhathi lo mqhudelwano odlalwa ngaso ngoba balahlekelwa abadlali abamqoka ngesizini ebalulekile emidlalweni yeligi.
Lokho kukhomba ukuthi likhulu iqhaza elibanjwe abadlali base-Africa emaqenjini amakhulu e-Europe.
Ngenxa yalokho, amehlo e-Europe azobe ethe njo kwi-African Cup of Nations kanti amaqembu amaningi aphesheya azobheka abadlali abasha kuyona.
Ukubonakala kwabadlali abanjengoDidier Drogba, Samuel Eto’o, Freddie Kanoute noMichael Essien kuzoyenza ibe nesasasa elikhulu.
Isibalo
Sikhulu isibalo sabadlali abadlala emaqenjini amakhulu emhlabeni kanti abadlali abaya emidlalweni yase-Africa bazokwenza ukuthi lo mqhudelwano ube ngohlabahlosile.
Ngale kwabadlali, amazwe adlala kuwona aqeqeshwa ngabaqeqeshi abanegama elihle abanjengoBerti Vogts no-Uli Stielike baseGerman, uHenri Michel, Robert Nouzaret noRoger Lemerre baseFrance – noCarlos Alberto Parreira owake wawina iWorld Cup.
Likhuphukile nezinga lebhola elidlalwa amazwe abenganakekile phambilini njengoba nawo eseshaya amazwe aziwayo ebholeni e-Africa.
Amazwe abekade engomakhonya bekuyiCameroon, Egypt, Ghana, Nigeria neTunisia kanti manje kukhona neCote d’Ivoire, Mali neSenegal.
I-Guinea nayo akufanele siyikhohlwe kanti ilele isithathu ohlwini lweFIFA lwamazwe adlala kahle.
Amalungiselelo
ElaseGuinea lizodlala umdlalo wokuvula kulo mqhudelwano neGhana e-Accra e-Ohene Djan Stadium ebalwa ezinkundleni ezine ezakhiwe kabusha kulungiselelwa le midlalo.
Ukufakwa kweTamale kulezo zindawo ezine okuzodlalelwa kuzona akwehli kahle ngoba inehhotela elilodwa kuphela elisesimweni esikahle kanti lokho kusho ukuthi amaqembu azodlalela kuyona, iziphathimandla zebhola, izintatheli nabalandeli bazogcina bekhosele ezikoleni nasemizini yabantu.
I-Ghana, osekungokwesihlanu isingatha imidlalo yeNations Cup, ibukeka ithwele kanzima ekwenzeni amalungiselelo ngoba amalungu ekomiti labagqugquzeli alwa wodwa kanti kukhona nabafuna ukuba ngogombela kwesabo.
Omakhonya
Amaqembu aseNtshonalanga ye-Africa abukeka ezokhonya kulo mqhudelwano, kodwa kungenzeka kube khona namanye azosimangaza.
I-Ghana iphezulu kuGroup A kanti izodlalela e-Accra. Kulindeleke ukuba ihambe phambili nangokufaka amagoli.
ElaseGuinea lashaywa kuma-quarter-finals eNations Cup e-Egypt kanti lizolwela ukulala isibili kuGroup A njengoba lizobhekana neMorocco.
Abantu bathi uGroup B yi-group ka “wafa wafa.” Kule-group, kukhona amazwe ahlonishwayo anjengeCote d’Ivoire, Mali neNigeria.
ElaseCameroon alibekiwe phezulu kuGroup C kodwa linamandla. I-Egypt engoshampeni iyona ephezulu.
Kulindeleke ukuba ijoyine ama-Indomitable Lions kwi-round elandelayo.
Emazweni akuGroup D azodlalela eTamale kukhona i-Angola, Senegal, South Africa neTunisia kanti wonke lawa mazwe anamathuba amahle. [z]
Excellent Walaza
Bryce Moon
Masifake amagoli!
indaba nguMARK GLEESON
izithombe ngabakwaGALLO
Didier Drogba
Irekhodi leSA kwi-African Cup Of Nations
l 1994 (Tunisia): Alingenanga
l 1996 (South Africa): LAWINA
l 1998 (Burkina Faso) Lahlulwa yi-Egypt kowamanqamu
l 2000 (Ghana/Nigeria): Lashaywa kuma-semi-finals, lawina indondo yethusi
l 2002 (Mali): Lashaywa kuma-quarter-finals
l 2004 (Tunisia): Laphuma kwi-first round
l 2006 (Egypt): Laphuma kwi-first round.
u
Ama-Indomitable Lions ayizimfivilithi
Michael Essien
Izinkundla
u I-Accra: Leli dolobha eliyinhloko-dolobha yaseGhana linenkundla elungiswe kabusha okuzobanjelwa kuyona umdlalo wokuvula nefayineli, kanye nemidlalo emithathu yeBlack Stars. I-Ohene Djan Stadium izobe iyinkundla enkulu eGhana esikhathini esizayo.
u ISekondi: Yinkundla eyaqedwa kuqala kulungiselelwa imidlalo ka-2008 kanti yakhiwa ngo-US$38,5 million yinkontileka yaseChina. I-Essiping Stadium ithatha abalandeli abangu-20 000 kanti inamahhotela nezindawo zokudlela ngaphakathi.
u ITamale: ITamale Sport stadium isanda kwakhelwa lo mqhudelwano kanti ithatha abalandeli abangu- 21 017. Leli dolobha elisenyakatho yeGhana lizobe liqala ukusingatha imidlalo emikhulu.
u IKumasi: Leli dolobha laseGhana lingelesibili kwamakhulu kanti lake lasingatha imidlalo yeNations Cup emibili. I-Baba Yara Stadium isilungiswe kabusha. I-Ghana yakhishwa yiSA eKumasi kudlalwa ama-quarter-finals omqhudelwano ka-2000 owawusingethwe yiGhana neNigeria.
t
NGENHLA: I-Egypt iyona engoshampeni abavikela lesi sicoco, kodwa ikuGroup C, kanye neCameroon ethathwa njengeqembu elinamandla.
angu-4 ayingozi
Lo mdlali waseMali owazalelwa eFrance udume ngokufaka amagoli emaqenjini anjengeWest Ham, neTottenham Hotspur kanti kula masizini amabili edlule ubedlala kwiSevilla.
U-Kanoute ucishe wahamba phambili ngokufaka amagoli eligi eSpain kanti amagoli akhe enze ukuba iqembu lakhe liwine i-UEFA Cup kabili kanye neCopa del Rey ngesizini edlule.
IMali uKanoute ubuye wayifakela amagoli amqoka.
Ungumdlali obalulekile kuleli lizwe laseGuinea elinabadlali abanethalente. U-Feindouno wayefunwa amaqembu amakhulu ngesizini edlule kodwa wakhetha ukuhlala kwiSt Etienne.
Iqembu laseGuinea elibizwa nge “Syli Nationale” lafinyelela kuma-quarter-finals e-Egypt lapho uFeindouno enza khona ezibukwayo kanti kulindeleke ukuba enze okufanayo eGhana.
Lo mdlali onejubane wahlonishwa ngesikhundla sokuba ngusayitsheni embuthweni wezempi waseZambia emva kokuba efake amagoli amathathu bedlala neSA nokwenza iZambia yabalwa kumazwe angu-16 azodlala kwiNations Cup.
Ngesizini edlule wafaka amagoli angu-15 edlala kwiJomo Cosmos ngaphambi kokuba athathwe yiBrondby yaseDenmark phakathi nesizini ngoJanuary – phezu kwalokho wawina umklomelo womgadli ovelele kwiPSL!
U-Obi Mikel ongenagama elitheni ebholeni wadlalela iNigeria kwiNations Cup ngo-2002 wadlala kahle. Manje lo mdlali oneminyaka engu-20 ungumdlali ophambili kwiChelsea kanti ubukeka ezovala isikhala sika “Jay-Jay” Okocha esiswini akhe namathuba angenza ukuba iSuper Eagles iwine iNations Cup okokuqala eminyakeni engu-14.
