zulu.703.Chichi
ISITHANDWA sababhali simi kwelokuthi, “Angifani namantombazane owabona emakhaveni amaphephabhuku. Ngiyintombazane eliqhamukisa e-Alex eyaziyo into eyifunayo nengafuni ukudikibala lingakafezeki iphupho layo,” kusho uChichi.
Indawo kaZandi Msibi ayilingisa kwiGenerations ikhombisa ukudlondlobala kwakhe ukuze kufezeke iphupho lakhe.
UZandi simbone kule-soapie kulo nyaka ezosiza uDJ Siphiwe Phosa (Mandla Hlatshwayo) ongaboni emehlweni. Le ntokazi izokwenza izinto ezizothusa abaningi ezizoba yimbangela yokuthi uSiphiwe, unkosikazi wakhe uLumka noZandi bagcine sebeshiyile kwiGenerations phakathi kuka-2006.
Abalingisi abangoMandla noMmabatho Montsho (Lumka) sebedalule ukuthi sizogcina ukubabona ngoJune kodwa uChichi akashongo ukuthi ugcina nini.
Wavuma ukuthi indawo kaZandi ngeke ithathe isikhathi eside nokuyinto angenankinga ngayo. Le ntokazi eneminyaka engu-24 ihlose ukulingisa ezindaweni eziningi ukuze ikhombise ikhono layo ekulingiseni.
“Ngisakhula ngangivame ukubuka iThe Bold nsuku zonke. Ama-soapie anjengaleyo ayehlukile kwengangikwazi noma kwengangikulangazele. Ngelinye ilanga uRidge wabizela umsizi wakhe ehhovisi - leyo ntokazi yayinsundu. Ngathatha isinqumo sokuthi nami ngiyokwenza lowo msebenzi uma sengimdala,” kusho uChichi.
“Kuyisibusiso ukusebenza nabantu abanethalente ngale ndlela.
“Nami ngisitholile isikhathi sokukhombisa ukuthi ngiphetheni. Uma ngingazimiseli empilweni, abanye bangakwenza kanjani lokho?” kusho yena.
INDAWO ayeyidlala kwiBackstage kwi-e-tv yayingeyinkulu njengalena ayilingisayo ebeke umsebenzi wakhe kwiTV kwelinye iqophelo.
Uqale ukuhlolwa kwiGenerations ekuqaleni konyaka odlule. “Ngahlolelwa ukulingisa indawo yomsizi wasezindlini kodwa ophrojusa bathi ngimuhle kakhulu ukuthi ngingalingisa leyo ndawo,” kusho uChichi.
Emva kwalokho baqhamuka nendawo kaZandi ayemukela ngezandla ezifudumele uChichi.
“Ziningi izinto ezenziwa nguZandi engizwanayo nazo. Ngiyobe sengikulungele ukulingisa kwezinye izindawo uma isiphelile lena engiyilingisayo.”
UChichi akanabi ngempilo yakhe – uthi kuncane angakuphawula ngayo.
Uhlala eSandton nodadewabo uPinky, 21, umfowabo uTumi owenza u-matric kanye nekati lakhe uTuna.
Umthola kwaSABC nsuku zonke kanti kusihlwa usuke efunda i-script sendawo azoyilingisa ngokulandelayo.
UTumi uyakhala ngodadewabo athi usephenduke “inkomo edla yodwa” kanti akaqondi ukuthi kungani engazikhiphi nabesilisa abahlale befuna ukumshayisa ngomoya.
“UTumi ngimtshela ukuthi ngabe ngichitha isikhathi ngokwenza njalo. Angikakulungeli ukuqoma, ngakhoke angisiboni isidingo sokuba ngenze lokho,” kusho yena.
“Akungiphathi kahle ukuthi abesilisa bangithathe njengomuntu ohlale elindele ukukhishwa umuntu omi kahle onemali.
“Ukubeka imali ngikuqale ngisemncane kanti angizwani nabesilisa abangiheha ngemali nezimoto abahamba ngazo.
“Okumele bakwazi wukuthi angisiye umuntu okhonze ubukhazikhazi abacabanga ukuthi nginguye. Ngifisa ukuthola owesilisa okahle engizoshada naye ngelinye ilanga kodwa lokho angikujahile.
UBUDE bakhe bungu-1,6 metres kanti iphimbo lakhe elihoshozelayo lizwakala linothando kodwa izinyanga azichitha ethula uchunge lweWedding Show zenza kwamkhanyela ukuthi kulula kangakanani ukuba konakale usuku lomshado wakho uma amakhamera eTV esewenza ubukhazikhazi nabantu befuna ukuba yingxenye yawo.
“Nami ngiyathanda ukuthola uMr Right ngelinye ilanga ngilungiselele umshado wami,” kusho yena.
“Ngiyintokazi ekhonze izikebhe nezindiza kanti kuyiphupho lami ukuthi kowami umshado kube khona lezo zinto. Siyoshadela esiqhingini. Ngiyofika ngigibele isikebhe, sindize ngebhanoyi uma sesiya kwi-honeymoon yethu.
“Ayobe engekho amakhamera eTV – kuyobe kukhona imindeni yethu nabangani bezogubha bahalalise kanye nathi.” [z]
Akakakulungeli ukuba sothandweni
BONA ZULU – June 2006
Ngithanda izikebhe nezindiza!
“Uma ngingazimiseli empilweni, abanye bangakwenza kanjani lokho?” kusho uChichi. (Ingubo namacici: Ruby In The Dust; izicathulo: Europa Art; indandatho: ekaChichi.)
UChichi Letswalo unezinjongo ezinqala kanti uzifeza ngokushesha...
indaba nguDOUG GORDON
izithombe nguPETER WHITFIELD
i-makeup nezinwele nguNTHATO MASHISHI
izindlela zokuhlela nguMARINA WALSH
izingubo zekhava: ijakhethi namacici:
Vushca Boutique
10 izinto ongazazi ngoChichi
1. Uthanda ukuphuza itiye leLipton i-vanilla ne-caramel.
2. Ocingweni uthanda ukuzwa izwi lomngani wakhe u-Inky ohlala eDetroit.
3. Uthanda umculo we-jazz yoqobo, ama-drum no-bass kanye ne-lounge.
4. Amakha awathandayo iPrada.
5. Uhlala nodadewabo nomfowabo kanti uyaqiniseka ukuthi umbona njalo umama wakhe.
6. Uthanda ukupheka inhlanzi, i-pasta nokhari.
7. Ufisa ukuzingcebelekela emabhishi anama-restaurant, abone abantu nezitolo ezintsha.
8. Njalo ugijima ihora ukuze ahlale engumqemane.
9. Angakuthandi wukushada umuntu angamthandi.
10. Angathandana nomuntu ohlale ehleka oyaziyo intokozo.
—Patricia McCracken
BONA ZULU – June 2006 21
“Angikaku-
lungeli ukuba sotha-ndweni …” (Izingubo nokoku-hloba: Vushca Boutique.)
“Ngifisa ukuthola uMr Right”
t
BONA ZULU – June 2006
