zulu.699.soccer
Masiyeke ukulokhu sikhala!
EZEBHOLA
Thando Mngomeni
(Isihlabani seMamelodi Sundowns)
Ngifisa impilo enhle nokuzihlalela nabomndeni nabangani sizithokozise. Ngasebholeni, ngifuna ukuzitholela indawo njalo esikimini kwiSundowns, emva kwalokho nakwiBafana.
Kimina ukuthola indawo kwiBafana kukhomba intuthuko kusuka ezingeni lekilabhu.
Doctor Khumalo
(Isihlabani sebhola sakuleli)
Ngifisa ukuzihlalela nomndeni wami. Lokho yiyona into ebalulekile ngaphezu kwezinye izinto.
Angisitholi isikhathi esanele sokuhlala nonkosikazi wami nomndeni phakathi nonyaka, ngakhoke uKhisimusi yisona sikhathi esibalulekile kithina.
Izipho ngaphansi kwesihlahla azichazi olukhulu njengokuba nomndeni!
Gordon Igesund
(Umqeqeshi)
Ngifisa sengathi umndeni wami ngalesi sikhathi sikaKhisimusi ungaba nempilo enhle.
Ebholeni ngifisa ukuqhubeka neMaritzburg United sibe nesizini enhle sikwazi ukuphumelela emakilabhini amakhulu.
Ngiyethemba ukuthi iBafana iyokwenza ngcono ngo-2009. Ngiyathanda futhi ukubona abantu bebambisana ezweni lethu. Kunokumonelana okukhulu okungakhombisi ukuyeseka ngokuphelele iBafana.
IBafana abanakho ukuyihlonipha emhlabeni. Sekuyisikhathi sokuba basihloniphe. Uma singakhombisi ukuzimisela ngeke sikuthole ukuhlonipheka. Silokhu sihlale sikhala.
Gavin Hunt
(Umqeqeshi woshampeni iSuperSport United)
Ngalo Khisimusi ngizimisele ngamanye amaphoyinti amathathu. Ingxenye yokuqala yonyaka ozayo izobe isiqalela ukuphela kwesizini. Laphoke ngethemba ukuthi siyokube sesiphakathi kombango wokuvikela isicoco sethu. Kungakuhle ukuba sidlale ngokwezinga esidlale ngalo phakathi nonyaka odlule. Uma singathola amaphoyinti amabili ngomdlalo, ngingajabula.”
David Thidiela
(Ongumnini weBlack Leopards esisehlathini okumanje isemkhankasweni wokubuyela kwiPSL)
Isifiso sami sesikhathi sikaKhisimusi wukubona abantu bengaphuzi bashayele. Kufanele baqaphele bahloniphe namalungelo abanye okuzijabulisa.
Ngo-2009, ngithanda ukucela bonke abakuleli baseke ibhola. Ngonyaka ozayo sizokuba neConfederation Cup, kulandele u-2010.
Sengathi abantu bangayeseka. Ngicabanga ukuthi baningi abazozuza.
Jerome Damon
(Unondweba wakuleli oyingxenye yethimba leWorld Cup ka-2010)
Sengathi ingane yami yentombazane ingazalwa ngesikhathi sikaKhisimusi njengoba inyanga okufanele izalwe ngayo kunguDecember. Ngiyethemba ngizokwazi ukutholela umndeni wami amathikithi eWorld Cup ukuze bangibuke kulo mqhudelwano. Okunye engikufisayo wukuba yingxenye yeConfederation Cup ngoJune ozayo khona lapha eSA.
Stanley “Screamer” Tshabalala
(Owayengumqeqeshi weBafana manje osekwiSAFA)
Ngesikhathi nifunda lokhu, ngiyethemba ngizokube ngiseMauritius nomndeni wami.
Ngicabanga ukuthi u-2009 uzoqala kahle ngoba iqembu le-U20 seliphumelele ukungenela imidlalo yama-African Youth Championships nokusho ukuthi lizodlala eRwanda ngoJanuary noFebruary.
Abantu balokhu bethi, akukho ukuthuthuka kwebhola kuleli, kodwa ngicabanga ukuthi sibakhombisile ukuthi akunjalo njengoba u-U20 ukhombisile. Sengilindele ukubona ukuthi laba bafana bazokwenza kanjani kowoshampeni bakwelase-Africa.
Pitso Mosimane
(Umsizi womqeqeshi kwiBafana)
Isifiso sami sikaKhisimusi wukuba siqhathwe nabantu esilinganayo nabo eqoqweni lethu emidlalweni yeConfederation Cup, nokuzosinika ukuzethemba ngo-2010.
Isifiso sami sika-2009 wukubona abadlali bethu bephilile kungekho olimele.[z]
Indaba: Mark Gleeson
izithombe: GALLO
Ezinye zezihlabani zethu zebhola zisitshela ngezifiso zazo zikaKhisimusi noNyaka oMusha…
