zulu.692.crying
BONA ZULU - March 2006
Ingane ekhala ingaphezi
Uma abaqala ukuthola umntwana bemuzwa ekhala kuyabakhanyela ukuthi kukhona okungahambi kahle.
siqoqelwe nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe ngabeGREAT STOCK!
T
WUKUKHALA kuphela okuyindlela ingane ekutshela ngayo uma idinga usizo ngoba isuke ingakakwazi ukukhuluma. Ngokuhamba kwesikhathi uzogcina usukwazi ukuhlukanisa imisindo ingane eyenzayo - uzokwazi nokuyithulisa uma uyinika usizo ngokushesha.
Uma ikhala, bheka lezi zinto ezilandelayo...
'Ngilambile'
Kungenzeka ukuthi ingane yakho inendlela ekhala ngayo uma ilambile. Uzokubona kalula lokho ngokuhamba kwesikhathi. Ingane elambile ivula umlomo, incele umunwe, noma ifune ukuncela ibele uma uyiphatha. Uzogcina usukwazi ukuyipha ukudla ingakakhali.
'Ngifuna ukubhodla'
Uma ikhala emva kokudla kungenzeka ukuthi isisu sayo sinomoya okudingeka ukuba iwukhiphe. Yincikise ehlombe lakho uyihlikihle emhlane.
'Shintsha inabukeni'
Ezinye izingane zizokutshela uma zidinga ukushintshwa inabukeni kanti ezinye azinandaba nenabukeni elingcolile. Kulula ukukulungisa lokho. Amanabukeni amanzi noma angcolile ayayiqubukisa ingane. Ukuyishintsha inabukeni kungayisiza.
'Ngiyagodola'
Izingane ziyezwana nokuhlale zithokomele. Uma igodola, uzobona ngokuthi ikhale.
Thinta izindlebe, umqala nekhala layo. Uma kubanda kusho ukuthi iyagodola. Kodwa ungayigqokisi kuze kweqe ngoba kungenzeka ukuthi nakho lokho kuyikhalise. Uzobona ngokuthi ijuluke emqaleni noma ngemuva kwezindlebe uma izwela ukushisa.
'Angisathandi'
Nakuba izingane zikuthanda ukunakwa, zikhathala kalula zingabe zisathuliseka.
Iyise endaweni engenamsindo uyithulise ngokuyigona uyihlikihle esiswini noma ezinhlangothini uyiculele. Uma lokho kungayithulisi, zama ukuyigeza ngamanzi afudumele.
'Ngidlalise'
Ngabe ingane enamasonto ayisithupha iyakhathala" Yebo. Ucwaningo lukhomba ukuthi izingane eziphapheme ziyakulangazelela ukuxhumana nabantu. Kungenzeka ukuthi ifuna ukuzibukela wena noma ukushintsha indawo ehleli kuyona. Yiphathe, uyiculele, noma uyibeke kwenye indawo ukuze ibone ezinye izinto.
'Ngiyesaba'
Ukuba kulo mhlaba nje kukodwa kungayesabisa ingane. Izokhala uma kukhona umsindo ewuzwayo. Uzothola ukuthi kukhona nezilwane kanjalo nabantu engazwani nabo. Yiqede ukwesaba ngokuyigona. Ukuba khona kwakho kuzoyenza izizwe iphephile.
'Ngizwa izinhlungu'
Uma ikhala kakhulu kungenzeka ukuthi isezinhlungwini. Bheka indlela elele ngayo ubheke nokuthi ekugqokile noma isipeleti senabukeni asiyihlabi yini, nokuthi akukho ntambo yini ethandeleke emunweni noma ozwanini, nokuthi izingubo aziyimpintshi yini. Uma isakhala, yikhumule ubheke okuyikhalisayo.
Obungakwazi
Usuyiphile ukudla, wayibhodlisa, washintsha inabukeni, wabheka nokuthi ayikhathele yini, noma ayilimele noma ayiguli kodwa isaqhubeka nokukhala. Konakelephi pho"
Uma ingane yakho iqhubeka ikhala phezu kokuba usukwenze konke ongakwenza, kungenzeka ukuthi izwa izinhlungu esiswini. Izingane ezinale nkinga zihlupha ngokukhala.
Lobu buhlungu bungaqala ingane inamasonto amabili kuya kwamathathu izelwe. Okuhle wukuthi izingane eziningi ziba ngcono sezinamasonto angu-16 zizelwe.
Ingane ekhaliswa yilobu buhlungu ikhala imemeze. Kungenzeka iphakamise nemilenze amadolo athinte esifubeni kubonakale nasebusweni ukuthi isezinhlungwini.
Ikhala ngesikhathi esifanayo nsuku zonke. Ngesikhathi ingane ikhala igwinya umoya kanti lokho kungenza ibe ne-gas isisu sayo sivuvukale siqine nokuyinto engenza ingaphatheki neze kahle.
Ezinye izingane ezinale nkinga zizwana nokuboshwa ngezindwangu noma unyakaze nayo.
Ezinye izingane zisizwa ukudla zikhathi zonke noma ukuhlala endaweni efudumele.
Okunye okungasiza wukuyibeletha, uhambe nayo, uyiphathaphathe, uyidlalele umculo opholile noma uyibeke kwenye indawo.
Khululeka
Ukuthulisa ingane ekhalayo kungenzeka kungabaphathi kahle abanye kanti uma uthatha ngamawala isimo ngeke salunga. Izingane ziyezwa uma ungakhululekile zikhale kakhulu kanti nokumemeza kungazethusa. Kuba lula ukuthulisa ingane uma ukhululekile.
Umehluko uzobonakala uma isikhulile ingane kanti uma isinezinyanga ezingu-12 izobe isinezinye izimpawu ekhombisa ngazo uma ingakhululekile. [z]
hula bo!
BONA ZULU - March 2006
u
t
BONA ZULU - March 2006
Ngabe iyagula"
UMA ingane yakho ihlupha ngokukhala kungenzeka ukuthi iyagula.
Kulula ukuyibona uma inomkhuhlane ngoba iba namafinyila ishise. Xhumana nomtholampilo noma nodokotela nibonisane ngongakunika ingane ukuze ilulame.
Ukuqaqamba kwendlebe kungayikhalisa kakhulu ingane. Ukukhala kakhulu kunokujwayelekile nokungalali kahle yizimpawu ezijwayelekile enganeni ephethwe yindlebe.
Uma inezinyanga ezimbalwa izelwe iyayidonsa indlebe. Wukuya kudokotela noma emtholampilo kuphela okungayisiza. Kungenzeka ukuthi ibithola umgomo wayo wokuqala ngaleso sikhathi okungenzeka ungayiphathi kahle.
Ingane iqhumisa uma isinamasonto angu-10 izelwe kanti uma ikhala izama nokuhlafuna into ethile.
Uma isiqhumisa izinsini zayo ziyavuvukala zibe bomvu kanti kungenzeka ithinte indlebe noma ibe nezimpawu zomuntu onomkhuhlane.
Kungenzeka kuphume namathe emlomeni, ikhale ingalali kahle. Yithengele i-gel yokuqhumisa ozoyihlikihla ezinsinini ne-teething ring ezoyiluma, noma uyinike ukherothi noma i-rusk.
Ngabe ukukhala kwayo kuwuphawu lokuthi inenkinga enkulu" Cha, kodwa kungenzeka ukuthi ayiphilile uma ukukhala kuhambisana nemfiva, ukungakuthandi ukudla, ukuphalaza, uhudo, wukuqubuka, ubuhlungu bomqala, wukungaphefumuli kahle, ukhakhayi oluqumbile noma olushone phakathi, ukungazwani nokukhanya, izimpawu ezikhomba ukuthi ayiphilile, ukunganyakazi nokuphelelwa amandla.
Uma ingane yakho inalezi zimpawu, yiphuthumise emtholampilo noma kudokotela ngoba izimpawu zidlondlobala ngokushesha ezinganeni.
