ZULU.68.muthisep (2)
nguFORCE KHASHANE
UKUNCIPHA ngomzimba kuyadingeka kwezinye izindawo emzimbeni, kodwa ukuncipha kakhulu esikhathini esifishane yinto ekhathazayo.
Akubi luphawu nje lokugula kuphela, kodwa kwenza nabantu yize ungaguli, bahlebe ngawe.
Lena yinkinga umfundi waseKZN abhekene nayo. Uneminyaka engu-24, uhlaselwe wukwehla ngomzimba ekubeni nesikhumba sakhe ebusweni sinezindawo "ezimahhadla".
"Sengizame bonke okhilimu bokunakekelwa kwesikhumba kodwa lutho," kusho yena echaza futhi ukuthi namajoyinti akhe uye awezwe ebophekile.
Abanye abaphethwe yilesi sifo behla kakhulu ngomzimba kangangoba ungaze ufunge ukuthi yizipoki eziphilayo. Ungakwazi nokubala izimbambo zomuntu onjalo uma engase akhumule ihembe.
NgesiTswana lesi simo sokugula kuthiwa yi-"setshwabu." kanti ngesiZulu "ucabangweni."
Izimpawu
Izimpawu ziyahluka ngokwehlukana kwabantu.Umfundi waseMount Fletcher, ukhuluma ngobuhlungu obunzima kwesingenhla sakhe "Lobu buhlungu buyedlulela uma ngidla, nokudala ukuba ngehle ngomzimba," kusho yena. "Manje indodana yami eneminyaka engu-10, nayo ikhala ngobuhlungu obufanayo."
"Into engiyicelayo wukuba ungichazele ngalesi sifo esingishiya ngingathokozile futhi ngididekile," kubhala omunye umfundi wesimame osemncane waseKhayelitsha.
"Ngihlale ngifikelwa wukwesaba nsuku zonke. Amajoyinti omzimba wami ayaxega aqaqambe.
"Ngesinye isikhathi ngiye ngizizwe ngiqhaqhazela wukwesaba ngaphandle kwesizathu nokuyinto eyenzeka uma ngiphakathi kwabantu.
"Ngezinye izikhathi umzimba wami wonke uyeluma."
Kukhona futhi omunye umlisa oneminyaka engu-29 owangidwebela ingxenye yangaphakathi esiswini ngenhloso yokungikhombisa ukuthi ubuhlungu ubuzwa kuphi.
Izinkinga zakhe zaqala ngo-1998, kanti incwadi yakhe yangithinta kakhulu.
Wabhala engitshela ngobuhlungu obushisayo esifubeni sakhe nasesiswini.
Obunye ubuhlungu benzeka esandleni sobunxele esifubeni eduze kwenhliziyo nokungubuhlungu obuthatha isikhathi.
Emva kwalokho uzwa into ihamba yehla yenyuka kancane ngakwesobunxele emhlane.
"Kuthi lapho ngigoba, lesi silwane sehle kancane. Uma ngiqonda siyenyuka. Sengiyile kodokotela abaningi kodwa usizo angilutholi."
Indlela yokuselapha
Ungesabi, ucabangweni akusona isifo esithathelana ngokuthintana, kodwa singadlulela kwabanye emndenini ngenxa yofuzo.
Lokhu kwenzeka ngezikhathi ezithile kanti akucaci ukuthi sidalwa yini.
Isifo ucabangweni asidalwa ngumuntu othile onezinhloso zemimoya emibi ngawe nakuba abanye abantu baye bezwe kukhona okuhambayo ngaphakathi esiswini noma esifubeni.
Asitholakali kubantu abadala kuphela, kodwa nasezinganeni kube sengathi yi- "nkaba"
Izimpawu ezinganeni zibandakanya ukufaka kwazo iminwe emakhaleni nasezindlebeni nokoma kwezindebe - ungazibona ziluma izindebe zazo ngoba zifuna ukuba zibe manzi.
Okubalulekile wukuthi ucabangweni luyelapheka.
Kodwa kufanele wenze okungaphezu kokuphuza amakhambi noma intelezi.
Ukuze ukunqobe lokhu kugula, kufanele ogulayo athole usizo lomuntu oqeqeshelwe ukwelapha ngamakhambi noseke wabhekana nale nkinga phambilini.
Ukwelashwa kubandakanya ukugcatshwa esifubeni, kugcotshwe intelezi eyimpuphu ezingcabeni.[z]
34 BONA ZULU - September 2006
Ezemithi yesintu
Ucabangweni
luyelapheka!
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
