zulu.685.legal aid
UMBONO WETHU: “Ukwakha iSA lapho amalungelo oMthetho-sisekelo wethu ekhuthazwa, ahlonishwe avikelwe abuye agcwaliswe khona ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathola ubulungiswa.”
I-Legal Aid Board
I-Legal Aid Board of South Africa yinhlangano yezomthetho ezimele eyasungulwa ngaphansi kweLegal Aid Act (Act 22 of 1969) neLegal Aid Amendment Act (Act 20 of 1996). Injongo yayo wukunika abantulayo usizo lwezomthetho ngezindleko zikahulumeni njengoba kubekwe kuMthetho-sisekelo waseSA (Act 108 of 1996), othi bonke abantu mabasizakale ngezobulungiswa.
YINI ESIFUNA UKUYIFEZA?
Konke esikwenzayo kusekelwe kuMthetho-sisekelo. I-Legal Aid Board iyingxenye ebalulekile yoMthetho-sisekelo waseSA edlala indima enkulu ekuqinisekiseni ukuthi siphila emphakathini wentando yeningi ezinzile nezwe elivikela ligcine umthetho.
UBANI OTHOLA USIZO LOMMELI KAHULUMENI?
Sibheka lokhu okulandelayo ukuze uthole usizo lommeli:
– Siqhathanisa umholo wakho nesimo somndeni wakho.
– Sibheka onakho okungadayiswa ukuze kukhokhelwe izindleko zommeli.
I-Legal Aid Board igunyazwe ukusiza:
Izingane; Abesimame; Abangenamhlaba – abasuswe ngenkani emhlabeni wabo, ezindlini nabasebenza emapulazini; Idlanzana labantu – lapho icala elilodwa lingasiza khona abantu abaningi; Bonke abantu abathweswe amacala abangenamandla okuthola ummeli; Iziboshwa – abantu abazohlala ejele kuze kufike isikhathi sokuqulwa kwamacala abo noma asebegwetshiwe abafisa ukuba amacala abo aqulwe kabusha.
SIQINISEKISA KANJANI UKUTHI ABANTU BATHOLA USIZO OLUFANELE?
Izinjongo zethu zokuqinisekisa ukuthi sinika abantu usizo lomthetho olusezingeni eliphezulu zibandakanya:
– Ukunika abampofu nabangenamandla okuzilwela usizo lwezomthetho.
– Ukwakha izingcitha-buchopho ezizoqinisekisa ukuthi sinika abantu usizo olusezingeni eliphezulu.
– Ukuthatha izinyathelo ezisheshayo ekunikeni izingane usizo lomthetho kanye
– Nokusabalalisa usizo lomthetho nokwakha izindlela ezinqala zokusingatha lowo msebenzi.
KUYILUNGELO ELIKUMTHETHO-SISEKELO UKUTHOLA USIZO LWETHU
Ngokomthetho-sisekelo bonke abantu banelungelo lokuba nenkululeko yokungacwaswa nelungelo lokuphila. I-Legal Aid Board yasungulelwa ukuqinisekisa ukuthi le mithetho iyahlonishwa. I-Legal Aid Board ikunika usizo uma ungenamandla okukhokhela ummeli wakho.
Umgomo wethu owokuqinisekisa ukuthi uma uthweswe icala liqulwa ngendlela egculisayo. Unelungelo lokuthula uma uboshwa noma uthweswa icala. Awukwazi ukuphoqwa ukuba wethule ubufakazi obungasetshenziswa ecaleni lakho.
Kufanele uvele enkantolo ngokushesha engakapheli amahora angu-48 uboshiwe noma kuphele usuku inkantolo isebenza emva kokuba ubanjiwe.
Kufanele ubekwe icala noma uchazelwe ngokuboshwa kwakho ngosuku lokuqala uvele enkantolo.
IZINGANE ZINAMALUNGELO
I-Legal Aid Board isiza izingane uma amalungelo azo engahlonishwa. Izingane zinamalungelo akhethekile. Izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 zinelungelo:
– Lokuba negama nobuzwe;
– Lokunakekelwa abazali noma umndeni noma uhulumeni uma zingenabazali;
– Lokuthola ukudla, ikhaya, usizo lwezempilo, lwemfundo nolwezenhlalakahle;
–Lokuvikelwa ekuphathweni kabi, ukunganakwa nokuhlukunyezwa;
– Lokuvikelwa ekwenzeni umsebenzi okungesiwo owezingane;
– Lokungaboshwa, ngaphandle uma kungekho okunye okungenziwa, kanti uma iboshwa ayihlaliswe nezinye izingane;
– Lokuba nommeli ozoyimela uma ivela enkantolo ngamalungelo anjengokutholakala kwesondlo sezingane, ukuvikelwa, imfundo, ukunakekelwa noma amanye amalungelo.
AMALUNGELO ABESIMAME
Abesimame nezingane yibona abathathwa njengabantu abadinga ukuvikelwa kakhulu. Abesilisa nabesimame bangahlukumezeka emakhaya noma bahlukumeze kodwa abesimame yibona abasengozini kakhulu kanti ziyanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabo. Yingakho nje abaMmeli bakaHulumeni bebathatha njengabantu abangenamandla okuzilwela.
IMINININGWANE YOKUXHUMANA NATHI : Legal Aid Board: 08610 Legal (53425)
Ethics Hotline: 0800 20 44 73 | Vakashela ku-www.legal-aid.co.za
Umbiko wayo
ka-2008 kwaba-
seSA
B4316_12_08
IMINININGWANE YOKUXHUMANA NATHI: Legal Aid Board: 08610 Legal (53425)
Ethics Hotline: 0800 20 44 73 | Vakashela ku-www.legal-aid.co.za
IMIGOMO YETHU: Ukusebenza Ngendlela Egculisayo • Ukuhlonipha Isithunzi Sabantu• Ukuzinikela Nokuzibophezela • Ukusebenza Kahle Nangendlela Enenzuzo • Ukuhlomisa• Ukuphendula Ngezinqumo Ezithathwayo • Ukusebenza Ngobuqotho
INJONGO YETHU: “Wukunika usizo lwezomthetho oluseqophelweni eliphezulu, wukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa bufinyelela kwabampofu nabahlukunyezwayo.”
AMAHHOVISI E-LEGAL AID BOARD
GAUTENG/LIMPOPO REGION:
GAUTENG
Alexandra (011) 786 3603; Benoni (011) 845 4311; Germiston (011) 842 7300; Johannesburg (011) 870 1480; Krugersdorp (011) 660 2335; Pretoria (012) 401 9200; Soweto (011) 988 9011; Tembisa (011) 440 1265; Vereeniging (016) 421 3527.
LIMPOPO
Makhado (015) 519 1100; Modimolle (014) 717 4977; Polokwane (015) 291 2429;
Thohoyandou (015) 962 6206;
Tzaneen (015) 307 3129.
Gauteng/Limpopo Regional Office:
(012) 664 2921.
EASTERN CAPE REGION:
EASTERN CAPE
Aliwal North (051) 633 2530; Butterworth (047) 401 3800; East London (043) 704 4700; Graaff-Reinet (049) 807 2500; Grahamstown (046) 622 9350; King Williams Town (043) 604 6600; Mthatha (047) 501 4600; Port Elizabeth (041) 408 2800; Queenstown (045) 807 3500; Uitenhage (041) 991 1811.
Eastern Cape Regional Office:
(041) 373 8296.
WESTERN CAPE/NORTHERN CAPE REGION:
WESTERN CAPE
Athlone (021) 697 5252; Cape Town (021) 426 4126; George (044) 802 8600; Caledon (028) 212 1815; Stellenbosch (021) 882 9221; Vredendal (027) 201 1030;
Worcester (023) 348 4040.
NORTHERN CAPE
Colesburg (051) 753 2280/3; Kimberley (053) 832 2348; Upington (054) 337 9200.
Western Cape/Northern Cape Regional Office: (021) 886 8653/4/5/6.
FREE STATE/NORTH WEST REGION:
FREE STATE
Bloemfontein (015) 447 9915; Kroonstad (056) 216 4800; Phuthadithjaba (058) 713 4953; Welkom (057) 357 2847.
NORTH WEST
Lichtenburg (018) 632 7600; Mafikeng (018) 384 3503; Potchefstroom (018) 293 0045; Vryburg (053) 927 0095; Ga-Rankuwa (012) 700 1416; Rustenburg (014) 565 5704.
Free State/North West Regional Office:
(051) 447 3636.
KWAZULU-NATAL/MPUMALANGA REGION:
KWAZULU-NATAL
Durban (031) 304 0100; Empangeni (035) 792 4949; Ladysmith (036) 638 2500; Newcastle (034) 328 7100; Pietermaritzburg (033) 394 2190; Pinetown (031) 719 2700; Port Shepstone (039) 688 9600; Umlazi (031) 918 8100; Verulam (032) 533 2654; Vryheid (034) 989 8300.
MPUMALANGA
Ermelo (017) 819 7291; Middleburg (013) 243 5964; Nelspruit (013) 753 2154; Witbank (013) 656 5290.
KwaZulu Natal/Mpumalanga Regional Office: (031) 717 8450.[z]
