zulu.672.jjcomp
Nakekela ingane yakho
UWINE
Ngabe ingane yakho imamathekiswa wukuhlala iphilile ithokozile? Uma kunjalo, iJOHNSON'S® Baby Healthy Baby Initiative ingeyakho. Funda konke ngayo uyingenele namuhla!
BONA ZULU - July 2007
ka-R10 000!
imiklomelo
Omama babalulekile kwaJOHNSON'S® Baby. Phela benza umsebenzi omqoka wokunakekela isizukulwane esizayo sabantu baseSA abaphila kahle, abathokozile nabaphumelelayo.
Miningi imiklomelo abesimame abakwezamabhizinisi, ezobuciko nesayensi abayitholayo kodwa umsebenzi onzima kakhulu wokukhulisa izingane wona awunakwa.
I-JOHNSON'S® Baby Healthy Baby Initiative isungulwe ngokubambisana nemitholampilo ukuze kukhuthazwe, kubongwe, kuklonyeliswe omama abanakekela izingane ukuze ziphile ngokomzimba, ngokomqondo nangokomoya.
Akusiwo umncintiswano wonobuhle lona: kodwa owezingane eziphila kahle ezithokozile!
Ngokubambisana nabaxhasi bethu, uBONA ne-The Baby Company, ngalo mncintiswano bahlose ukunikhuthaza banibonge ngokuba wuhlobo lomama eniyilo nangokunakekela kwenu izingane zenu kahle kangaka.
Simema omama abanezingane eziphakathi kuka 0 no-6 izinyanga 7 no-12 izinyanga 13 no-18 izinyanga
Ongakuwina
Ngaphandle kokuvotelwa njengomama onengane ephila kahle, uzobuye uwine imiklomelo emihle yenani lika-R10 000, nalokhu:
Amahampa emikhiqizo yengane nomndeni wonke, kwakwaJOHNSON'S® Baby.
Imikhiqizo nezinto zengane okuphuma kwi-The Baby Company.
Ukungenela
Ingu-150 imitholampilo ebambe iqhaza kulo mncintiswano ka-August 2007. Xhumana nomtholampilo wangakini ukuze uthole ukuthi yimuphi umtholampilo ongawungenela kuwona. Ungashayela nakule nombolo: 0860-410-032 (imali yokushaya ucingo ejwayelekile).
Emtholampilo ozowungenela kuwona bazokunika ifomu bakutshele nokuthi yini efunwa amajaji. Lokho kuzobandakanya izinto ezisemqoka ezinjengalezi:
u ukuthi usuye kangaki emtholampilo
u ukudla nesisindo sengane
u ukugonywa kwengane
u isimo sesikhumba sengane nokuthi ihlanzeke kangakanani.
QAPHELA!
Ukuze ube yingxenye yalo mncintiswano, phatha ikhadi lakho lasemtholampilo.
®Trademark of JOHNSON & JOHNSON © J & J (Pty) Ltd 2007.
Ngeminye imininingwane shayela ku-0860-410-032. [z]
BONA ZULU - July 2007
