zulu.668.metropolitan
Isikhangiso esixhasiwe
UBUSI noMandla kwase kuphele isikhathi esingaphansi konyaka beshadile base bethenga umuzi - emva kwezinyangana ezimbalwa, babusiswa ngomntwana ogama lakhe nguLobanzi.
Phezu kwayo yonke leyo ntokozo - babenenkinga ekuthatheni izinqumo...Ngabe kufanele bathenge imoto entsha" Bazokwenzenjani ngohlelo lokonga imali" Banesifiso sokongela imfundo yomntwana wabo. Kodwa futhi bazimisele ngokwenza izinguquko zokushintsha ikhaya labo...
UBusi noMandla baqhubeka babonisana. UBusi waze wayoxoxisana nomeluleki wezezimali wameluleka ngokuthi kufanele babheke indaba ye-life insurance ene-impairment, disability ne-critical illness.
Ngeshwa uMandla wayengekho ukuze bavumelane nomeluleki wezezimali.
Izinkinga
"Ave ngimatasa emsebenzini. Ungakhathazeki, ayikho into ezokwenzeka kimina s'thandwa," kusho uMandla.
Kwathi emva konyaka, baba neshwa ngesikhathi bephuma kozithokozisa ebusuku sebephindela ekhaya, imoto yabo yashayisana nenye eyayiza ngakubona eyayishaya irobhothi. UBusi walimala kabi.
UMandla washona kuleyo ngozi. Nakuba wehluleka ukugwema ingozi, kodwa ngokwezezinhlelo zezimali, uMandla wabeka impilo yomndeni wakhe engcupheni enkulu.
Kwathi lapho uBusi esekhishiwe esibhedlela, wazithola esebhekene nomthwalo wezikweletu. Kwadingeka ukuba adayise ikhaya lakhe ngenxa yokuthi wayengeke esakwazi ukulikhokhela zinyanga zonke ngeholo lakhe yedwa.
Ukube uMandla wathatha i-life insurance, ikhaya labo ngabe lalizokhokheleka ngokuphelele noBusi noLobanzi baqhubeke bahlale kulona ngoba umshwalensi yiyonanto ekusizayo ezintweni ezifana nalezi.
Vikeleka
Ukuthatha i-insurance kukuvikela ezinkingeni zezimali ezingase zihaqe impilo yakho. Akulula ukuvikela izinto ezimbi ezenzeka kuwena.
Okunye okubi wukuthi, kuthi lapho sifuna ukuzithokozisa ngezikhathi zamaholidi - sizibeke engcupheni yezingozi, yokukhubazeka neyokufa. Lapho usala uzibuza...
tNgabe ukonga kwethu kuzokwanela ukunakekela umndeni wethu izimpilo zethu zonke"
tLizokuba njani izinga lokuphila kwethu"
tNgabe izokuba khona imali eyanele yokufundisa izingane zethu"
tNgabe izokuba khona imali eyanele yemishado nemingcwabo"
Kodwa uma wehlisa izinga lakho lokuba sengcupheni ngosizo lwe-insurance, uzokwenza isiqiniseko sokuthi, izingozi, ukugula nokufa ngeke kukudalele izinkinga ezinkulu zezezimali. Ngakhoke vikeleka - thatha umshwalensi...[z]
NGEMINYE IMINININGWANE: Shayela abeMetropolitan Life Call Centre kwethi: 0860-724-724
BONA ZULU - November 2007
Melana nezinkinga
Ungabhekana kanjani nezingqinamba zempilo - uphumelele!
Iyini i-risk cover"
1. I-Risk cover... kulapho uthatha umshwalensi ngesimo ongeke wasiqagela - njengezingozi, ukugula nokufa okuzumayo. Nge-life cover, izinkampani zomshwalensi zifaka ukukhubazeka (disability), ukugula (critical illness) nezingozi (accident).
2. I-Risk cover... izokusiza ekutheni uphile impilo yakho oyifunayo uma ungasebenzi ngenxa yokukhubazeka ngengozi noma ugula.
3. I-Risk cover ... ukwenza isibonelo, iMetropolitan inomshwalensi we-impairment futhi. Lokhu kusiza uma unokulimala noma ukugula okukushiya ukhubazeke kancane kunomuntu ophile saka.
