zulu.666.comment
Masiyeke ukungabaZA
u-2010!
SIYAPHAWULA
UTHANDA ungathandi - baningi abayobe begcwele imigwaqo bejabula ngesikhathi kuqala imidlalo yeWorld Cup eSoccer City.
Labo bantu bayokube beyingxenye yabantu abayobe benegalelo ekuphumeleleni kweWorld Cup. Balinganiselwa ku-5 000 abangamavolontiya abazokwenza umsebenzi ukuze abadlali bakwazi ukuya kalula emabhasini abo nokuba bahambe ngokukhululeka beya kuma-changerooms.
Njengoba abanye balaba bantu abazinikele kumanje sebethola ukuqeqeshelwa le midlalo emikhulu kunayo yonke emlandweni wakuleli, kodwa akekho owaziyo ukuthi kuyohamba kanjani. Akekho owaziyo futhi ukuthi iyoba nkulu kangakanani le nto.
Kodwa kukhona labo abacabanga ukuthi ngeke ize ibe khona le midlalo - abacabanga ngokwehlukile kunabantu abathanda izwe labo - abahlale becabanga ngezinto ezimbi zezibhicongo noma mhlawumbe ukuthi iWorld Cup izothathwa iyodlalelwa kwenye indawo.
Okumangazayo, wukuthi ngesikhathi umongameli weFIFA uSepp Blatter ethi le World Cup kungenzeka idlalelwe cishe kwenye indawo - labo bantu babona lokhu kungokunye ukuphumelela ngeyabo indlela.
Lena ngenye yezinto ekhathazayo ngale World Cup ezayo. Umuntu onjani kodwa ohlale ecabanga izinto ezimbi ngezwe lakhe.
Kukhona ngisho nabanye abayingxenye yemboni yabezindaba ababukeka beluthakasela lolu hlelo lwePlan B. Kwenzeka kanjani bacabange ngazo zonke izinto ezingaphusile bekhombisa ukungayithakaseli imizamo yabantu abafana noDanny Jordaan nabo bonke abasebenza kanzima ukuze sibe nalo mqhudelwano omkhulu kangaka emhlabeni.
Lena yinto embi!
Okubuhlungu wukuthi abekho kwabezindaba abasikhuthaza basichazela ukuthi kwakungekho okubi kokwakhulunywa nguBlatter.
Ngisho ngabe iWorld Cup izodlalelwa kuphi, kodwa kuyohlale kunendawo ebekiwe engadlalelwa kuyo uma konakala kweyokuqala.
Lokhu akusiyo inkomba yezwe okuzobanjelwa kulo le midlalo, kodwa yingxenye yezinhlelo zale midlalo.
Isitatimende sikaBlatter sasetshenziswa ukubukela phansi noma ukuhlekisa ngawo wonke umsebenzi omuhle osuwenziwe.
Ukwenza isibonelo, kumaSummer Olympics ngo-1972 eWest Germany, amaphekulazikhuni abulala abasubathi bakwa-Israel abangu-11 kodwa imidlalo yaqhubeka ngenhloso yokuhlonipha abafayo.
Ngesikhathi sineRugby World Cup ngo-1995 kuleli, wonke umuntu wayezitshela ukuthi kuzokuba khona isibhicongo - kodwa kwenzekani? Yahlanganisa izwe.
Manje sekuyisikhathi sebhola nokuyilapho abasigxekayo befuna kubukeke sengathi iSA yenze esikhulu isono esingenakuxolelwa.
Ngisazimisele ukuphinde ngibone lokho kuhleka kwenjabulo - okwami kuyoba ngokwalokho okukhulu kunakho konke... [z]
Pule wa Sekano
Asazi ukuthi umuntu ocabanga izinto ezingezinhle nezingakhi ngezwe lakhe ngumuntu ocabanga kanjani...
