zulu.631.Loyiso lifestyle
lmpilo yosaziwayo noBONA
ULoyiso izinto anothando lwazo izicathulo, amawashi – nomculo…
BONA ZULU – December 2006
Sisekhaya no-
KUYACACA ukuthi umculi we-kwaito nongumdlali wemidlalo yeTV uLoyiso “Chippa” Mangena akadlali uma ethi unothando lokuqoqa “izinto ezinhle.” Saqala sabala amawashi sathola ukuthi angu-9, imali yawo isukela ku-R5 000 iye ku-R18 000.
Awathanda kakhulu ngele-Raymond-Weil nele-Bulgari.
“Ngizithandela iRaymond ngoba eyeqophelo eliphezulu,” kusho uChippa. Ele-Bulgari kwakuyisipho sosuku lwakhe lokuzalwa asiphiwa yingoduso yakhe uGlodean Kenny ongumeluleki wezezimali ebhange.
Ezicathulweni...lo mculi unamapheya angu-39.
Ngabe uyalithola ithuba lokuzifaka zonke? “Ngathenga ipheya lezibizayo zohlobo lweGucci engingakaze ngizifake,” kusho yena ehleka.
Isicathulo sakhe asithandayo ngamateku ase-Italy amnyama ngombala abiza R5 000.
Izicathulo zikaChippa zihlala phansi kuma-wardrobes emakamelweni amabili. Esinye sezithombe esiqoshiwe esise-lounge sinomuntu okhanda izicathulo.
“Umuntu okufanele nimsole ngokuthanda kwami izinto ezinhle ubaba,” kusho uChippa esikhombisa umuzi wakhe oseningizimu yeGoli.
Ubaba wakhe wayedlala ibhola kanti ungusomabhizinisi ongumhlaziyi webhola kuTV uMike “Sporo” Mangena.
UGlodean noChippa banendodana enonyaka owodwa uLoyiso Junior abambiza ngoLJ. Nakuba lezi zithandani zingeke zihlale ndawonye kuze kube ziyashada, kodwa uGlodean ube nesandla ekuhlotshisweni kwaleli khaya.
“Ngakhetha imibala yasekhishini neyasendlini yokulala, uChippa wakhetha owase-lounge nowefenisha,” kuchaza le ntokazi.
Izicathulo namawashi akuzona kuphela izinto azifela ngazo empilweni yakhe uChippa. “Ngingumuntu onezifiso ezinkulu,” kusho yena.
“Ngingumculi we-kwaito ogxile kakhulu emabhizinisini.” Washiya kwiBackstage ukuze azinike isikhathi esanele samabhizinisi. Kumanje uyi-executive director enkontilekeni yokwakha kanti futhi uzibandakanye nasembonini yezokuthutha.
Useqale nasekukhiqizeni umculo. “Ngifuna ukuzimela ngizisimamise ngokwami,” kusho yena. I-albhamu yakhe asanda kuyikhipha ayibizwa mahhala ngokuthi yiBiznis As Usual.
Izimpelasonto uChippa uzichitha noGlodean noLJ.
Lo mculi nengoduso yakhe bayakuthanda ukupheka ndawonye. “Ngithanda ukupheka ikakhulu ama-lamb chops. Uma uke wezwa ukudla okupheke yimina, noma kanjani ucela impinda,” kusho uChippa.[z]
Chippa Mangena
BONA ZULU – December 2006
1. Lo mculi unamapheya angu-39 ezicathulo.
2. Amanye alawa mawashi abiza ngaphezu kuka-R10 000!
3. “Umuntu okufanele nimsole ngokuthanda kwami izinto ezinhle, wubaba,” kusho lo mculi.
f4. UChippa washiya iBackstage ngoba efuna ukuzinika isikhathi esanele emabhizinisini - nokuyinto esibe nomvuzo omuhle.
5. UChippa enoGlodean noLoyiso Junior.
6. ULoyiso uyazifela ngama-games akhe ekhompyutha.
7. UChippa enoLJ ononyaka owodwa.
indaba nguFORCE KHASHANE
izithombe nguPAPI MORAKE
