zulu.628.trivmar
Amakhasi
Ulimi yilona kuphela umsipha osemzimbeni womuntu ongafihliwe yisikhumba namathambo
Konke nge...
PANDA
I-panda (Ailuropoda melanoleuca noma "ibhele elinezidladla ezimnyama nezimhlophe ezifuze ezekati") yibhele elitholakala maphakathi neChina naseningizimu yaleli lizwe.
Kulula ukuyibona ngoba inezibhadu ezimnyama emehlweni, ezindlebeni nasemzimbeni. I-panda isengozini yokushabalala. Angu-1 600 ahlala endle kanti kuthiwa angu-188 ayehlala endaweni ecashile ekupheleni kuka-2005, kulawo angu-20 atholakala ngaphandle kwelaseChina. Kodwa ngokwemibiko kuthiwa isibalo sama-panda ahlala endle siyakhula.
I-panda ikhonze ukudla uqalo kanti iyaludla noju, amaqanda, inhlanzi nama-yams.
Ubude bama-panda amadala bungu-1,5m kanti isisindo saweduna singaba ngu-115kg, izinsikazi zona zivame ukungabi nesisindo esikhulu.
I-panda inomsila omncane ubude bawo obungu-15cm.
Ama-panda angahlala ezivalele isikhathi esingangeminyaka engu-20-30.
Uma ubulale i-panda wawugwetshwa ngokubulawa eChina nokuyinto eyaphela ngo-1997 emva kokuthathwa kwesinqumo sokuthi abenze lokhu mabagqunywe ejele iminyaka engu-20. I-panda yeduna ayibi nasandla ekukhulisweni kwewundlu. Iwundlu lizalwa linombala o-pink, lingenaboya futhi lingaboni. Lincela ka-14 ngosuku kube yimizuzu engu-30 ngesikhathi. Eyensikazi iyahamba iyozifunela ukudla ishiye iwundlu lodwa.
Emva kwesonto elilodwa kuya kwamabili izelwe, isikhumba sayo siyashintsha sibe-grey lapho kuzogcina kumile khona uboya obumnyama.
Iwundlu liqala ukuzama ukuhamba emva kwezinsuku ezingu-75-90.
Amawundlu akwazi ukudla uqalo emva kwezinyanga eziyisithupha ezelwe. Ama-panda asekhulile angaba nesisindo esingu-45kg emva konyaka kanti ahlala no 'mama' wawo izinyanga ezingu-18 kuya onyakeni.
isisindo somhlaba singamathani angu-
5 924 000 000 000 000 000 000
BONA ZULU - March 2007
kaBONA Athokozisayo
Ngokocwaningo,
o-mosquito bazwana nabantu abasanda kudla ubhanana
Iyini... iYOGA?
I-Yoga iyindlela yakudala eyadabuka eNdiya yokwelapha umphefumulo. I-Yoga yaqala phakathi kuka-1500 no-1200 BC.
Namuhla i-yoga ithathwa njengendlela yokugcina umzimba nomphefumulo kusesimweni esihle.
Ngaphandle kwelaseNdiya, i-yoga yeyanyaniswa nokwenziwa kwe-asanas - izindlela zokumisa umzimba zeHatha Yoga.
I-Hatha Yoga yasungulwa nguYogi Swatmarama kwelaseNdiya nge-15th Century. Igxile kakhulu kwi-shatkarma, esho ukuhlanzwa komzimba okuholela ekuhlanzweni kwengqondo namandla.
Nge-yoga kuhloswe ukuba kukhululwe umhlaba ekuhluphekeni nasezinkingeni zokuzalwa nezokufa.
Umuntu uzalwa enamathambo angu-300 emzimbeni afe enangu-206...
INDODA EYALUMA IBHELE!
EMVA kokuba uZhang Xinyan ephuze ojeke babhiya abane e-pub, wathatha isinqumo sokuthinta ibhele le-panda eBeijing Zoo. Kwathi lapho abantu bezama ukumkhuza kulokho ayefuna ukukwenza, le nsizwa eneminyaka engu-31 yabe isingene phakathi kule-zoo.
UGu Gu ibhele wayelele ngesikhathi uZhang emthinta. Ekuthukeni kwakhe uGu Gu, waluma le ndoda eyayimphazamisa, emlenzeni.
UZhang naye waziphindiselela ngokuluma uGu Gu emhlane.
Le mpi yaze yaphela emva kokuba abavakashi bememeze onogada kule-zoo bachela ngamanzi ngaphakathi bephephisa uZhang.
Iphepha laseBeijing lacaphuna uZhang ethi wake wawabona ama-panda kwiTV wathi "ayazwana nabantu."
Akekho owake wathi ayaluma. "Ngangifuna ukulithinta kuphela. Kumbalwa engikukhumbulayo ngoba ngangidakwe wubhiya."
I-Puzzle Yezithombe
BONA ZULU - March 2007
Isithombe ngasinye siyakutshela ukuthi yini okufanele uyibhale ezikhaleni ezingenalutho
WAZIVALELA!
NgoSeptember 2006, iziphathimandla zezempilo zaseMacerata e-Italy zasindisa owesimame owayeneminyaka engu-57 okwakuthiwa nguCarmela emva kokuba umfowabo ebike ukuthi akakwazi ukumlethela ukudla.
Kuthiwa uCarmela owayesaba i-influenza eminyakeni engu-26 edlule wavala amawindi ekhaya lakhe wangaphumela ngaphandle kanti wayephuma uma ethatha ukudla umfowabo ayemshiyela kona emnyango.
Ubude bezinwele zakhe babungamamitha ambalwa kanti kwadingeka ukuba abatakuli bathole imishini yokuphefumula ukuze bangene ekhaya lakhe.
U-Carl Dreher ofundisa i-yoga usungule isitayela se-yoga asibiza ngePanda-Yoga, esuselwe eminyakazweni ye-panda
Beka ngokuyikho
Amakhasi kaBONA Athokozisayo
Izindawo ezinhle -
I-Palace Of Versailles
KwelaseVersailles abesilisa nabesimame babengavunyelwe ukuhlala baphambanise imilenze emphakathini
BONA ZULU - March 2007
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele
NGO-1660, uLouis XIV owayeyinkosi yaseFrance wathatha isinqumo sokwakha isigodlo kude nesiphithiphithi saseParis. Wasakha eVersailles kanti kwathi emva kweminyaka wabe esesakhe saba yisigodlo esikhulu kakhulu e-Europe.
Ngo-1678 inkantolo nohulumeni waseFrance kwathuthela eVersailles. Imbangela yalokho kwakungukuthi uLouis wayefuna ukulawula yonke into.
Wabuye wathi iziphathimandla ezazinezikhundla mazichithe isikhathi esithile njalo ngonyaka eVersailles ngoba efuna ukuzinqunda amandla okuphatha.
I-Hall Of Mirrors iyona ndawo egqame kakhulu kulesi sigodlo. Iku-first floor kanti inezibuko ezinkulu ezingu-357. Imidwebo esophahleni iveza uLouis njengombusi wamaRoma.
Emagcekeni aseVersailles kukhona ingadi enkulu enamachibi nama-fountain ahlale ephuma amanzi.
Kwakudingeka imali enhle ukuze isigodlo saseVersailles sihlale sisihle. Kuthiwa ukusinakekela kubandakanya nokunakekelwa kwabasebenzi namalungu asesigodlweni kwakudla u-25 percent wemali yaseFrance.
Horrible rules
If you'd lived at the Palace Of Versailles there were a whole lot of strict rules of behaviour to follow. Some examples...
v People who wanted to speak to the king could not knock on his door. Instead, using the left pinkie finger, they had to gently scratch on the door, until they were granted permission to enter. As a result, many courtiers grew that fingernail longer than the others.
v A lady never held hands or linked arms with a gentleman. Besides being in bad taste, this practice would have been impossible because a woman's hooped skirts were so wide. Instead, she was to place her hand on top of the gentleman's bent arm as they strolled through the gardens and chambers of Versailles.
v When a gentleman sat down, he slid his left foot in front of the other, placed his hands on the sides of the chair and gently lowered himself into the chair. There was a very practical reason for this - if a gentleman sat too fast, his tight trousers might split.
v
Imisipha yokunambitha iphila izinsuku ezingu-10
7 AMAQINISO NGO:
MIRIAM MAKEBA
t UMama Africa wazalelwa eGoli ngomhlaka 4 March 1932. Umama wakhe wayengumSwazi eyisangoma.
t UMiriam Makeba waqala ukucula ngo-1950 ecula neManhattan Brothers ngaphambi kokuba asungule elakhe iqembu elalibizwa ngama-Skylarks becula umculo we-jazz nowesintu.
t Ngo-1959 wacula kwiKing Kong ecula noHugh Masekela ayezogcina eshade naye.
t Ngo-1960 wadlala efilimini eyayilwa nobandlululo eyayithi Come Back, Africa kanti kwathi uma emenywa nguhulumeni wase-Italy mhla kwethulwa ifilimu kwiVenice Film Festival wathatha isinqumo sokungabuyeli ekhaya. I-passport yakhe yaseSouth Africa yasulwa emva kwalokho.
t UMakeba wabe eseya eLondon lapho ahlangana khona noHarry Belafonte owamsiza kakhulu emsebenzini wakhe eseMelika kanti ziningi izingoma zakhe ezashisa izikhotha azikhipha ephesheya ezinjengaleyo ethi Pata Pata, The Click Song neMalaika.
t Ukushada kwakhe no-Stokely Carmichael owayeyisishoshovu esasilwela amalungelo esintu ngo-1968 kwasusa izinkulumo kwelaseMelika kwakhanselwa ukuqoshwa kwamarekhodi akhe nohambo ayezoba nalo ecula.
t Ngenxa yaleso sizathu, laba bashadikazi bathuthela eGhana lapho bazakhela khona ubuhlobo noMongameli u-Ahmed Sékou Touré nonkosikazi wakhe. UMiriam Makeba wahlukana noCarmichael ngo-1973 waqhubeka ecula e-Africa, South America nase-Europe. Wabuye wamela elaseGhana kwi-United Nations wawina iDag Hammarskjöld Peace Prize ngo-1986 ngenxa yaleso sizathu.
AmaMulti-Game
Thola ukuthi ulwazi kangakanani ulimi lwakho. Yisithombe esizokunika impendulo nokuthi yini igama lento oyibonayo?
BONA ZULU - March 2007
Yakha igama
Bheka ukuthi mangaki amagama anezinhlamvu ezine nezinhlanu esiNgisi ongawakha usebenzisa izinhlamvu zamagama ezisezikhaleni. Uhlamvu lwegama oluphakathi nendawo (olubomvu) kufanele lusetshenziswe kuwo wonke amagama. Emva kwalokho bheka ukuthi ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu ngalunye ungalussebenzisa kanye.
Zingu-333 izikwele zamaphepha kuleyo naleyo-roll ye-toilet paper
