zulu.626.trivia
IZWE LAMA- CHEETAH
ELASE-BLOEMFONTEIN lasungulwa ngokusemthethweni njengenqaba ngo-1846 nguHenry Warden owayephethe umbutho wezempi waseBritain. Leli gama lisho “izimbali zasentwasahlobo” noma “umthombo wezimbali.” Igama lesiSuthu laleli dolobha lithi Mangaung, okusho “indawo yama-cheetah.”
Leli dolobha liyikhaya labantu abangaphezulu kuka-350 000 kanti yilapho iSupreme Court Of Appeal yaseSA itholakala khona.
I-Free State Stadium nezakhiwo zezemidlalo eziyizungezile kudlalelwa kuyona kakhulu kuleli dolobha nakulesi sifundazwe. Imidlalo ye-2010 FIFA World Cup iyodlalelwa kule nkundla.
Le nkundla ibuye ibe yinkundla yeBloemfontein Celtic neFree State Cheetahs eyawina iCurrie Cup ngo-2005, yadlala i-draw kwi-final ka-2006 yaphinda yawina ngo-2007.
BONA ZULU November 2008
IMPILO IMNANDI
U-BRENDA FASSIE wazalelwa kwaLanga, eCape Town, ngoNovember 3, 1964. Wayengumagcino ebantwaneni abangu-9 kanti waqala ukusiza abazali bakhe ngemali ayeyithola ngokuculela izivakashi. Ngo-1981, eneminyaka engu-16, waya eSoweto eyofuna amadlelo aluhlaza njengomculi.
U-Brenda wajoyina iJoy wagcina esecula phambili kwiBrenda And The Big Dudes. Baduma ngezingoma ezazithi Weekend Special, Too Late For Mama nezinye.
Amahlazo ayelokhu ezwakala njalo ngoBrenda esacula. Ngo-1995 watholakala ehhotela nesidumbu sikaPoppie Sihlahla ayethandana naye okwasolakala ukuthi wabulawa yizidakamizwa. U-Brenda naye wayephuma engena emitholampilo esiza abasebenzisa izidakamizwa.
Baningi abaculi abathi uBrenda waba yisibonelo esihle kubona emculweni.
Ama-albhamu akhe ayethola ama-multi-platinum eSouth Africa.
Ngo-April 26, 2004, uBrenda waquleka esekhaya lakhe. Washona ngoMay 9 engakaze aphaphame. Ukuhlolwa kwesidumbu kwaveza ukuthi waqulekiswa wukusebenzisa i-cocaine ngokweqile.
YUMMY!
KUNAMAZWE adla izintuthane namaqanda azo. Amaqanda ezinhlobo ezimbili zezintuthane ayisidlo saseMexico esibizwa nge-escamoles. I-kilogram lala maqanda libiza u-R400 ngoba atholakala ngezikhathi ezithile zonyaka kanti awatholakali kalula.
Kwelase-India, nakulo lonke elaseBurma nelaseThailand, i-paste eyenziwe ngentuthane ebizwa nge-green weaver isevwa no-curry.
Sikhumbula...u
Iqembu abalandeli balo abalazi ngelePhunya Sele Sele naMasokolara lasungulwa ngo-1969 njengeMangaung United. Ngo-1984, usomabhizinisi uPetros Molemela wathenga leli qembu washintsha igama lalo labizwa ngeBloemfontein Celtic (elisusela kwiGlasgow Celtic).
NgoNovember 2001, emva kokudlala kwePhunya Sele Sele ehlathini, uMolemela wadayisela uJimmy Augousti owayedlala kwiCeltic amasheya akhe. Emva kweminyaka emithathu iCeltic idlala ehlathini, yabuyela kwiPSL ngesizini ka-2003/04 emva kokuba ngoshampeni bakaFirst Division.
Leli qembu libalwa kwanothe kakhulu kanti iSiwelele, abalandeli beCeltic, banomfutho omangalisayo!
Yakha igama
Bheka mangaki amagama esiNgisi anezinhlamvu ezine nezinhlanu ongawakha ngezinhlamvu ezisezikhaleni. Uhlamvu oluphakathi (olubomvu) malusetshenziswe kuwo wonke amagama. Bheka ungalithola yini igama usebenzisa zonke izinhlamvu zamagama. Uhlamvu lwegama ngalinye lungasetshenziswa kanye.
Beka ngokuyikho
Hlela lezi zinhlamvu zamagama ngendlela efanele.
UNOVEMBER ungenye yezinyanga ezine ezinezinsuku ezingu-30 kanti uyinyanga ka-11 onyakeni. Leli gama lasuselwa kwelesiLathini elithi novem, osho u- “nine” emva kokufakwa kukaJanuary noFebruary ekhalendeni lamaRoma.
1962
■ November 6: I-UN yanquma ukunswinya iSA kwezepolitiki nakwezomnotho ngaphansi kukaResolution 1761.
1963
■ November 26: Kuqala iRivonia Trial.
1977
■ November 4: I-United Nations Security Council Resolution 418 yayekisa elaseSA ukuhweba ngezikhali.
1987
■ November 28: I-South African Airways Flight 295 yaphahlazeka kwi-Indian Ocean ngaseMauritius.
1993
■ November 18: Amaqembu ezepolitiki angu-21 avumelana ngomthe-thosisekelo omusha waseSA.
1995
■ November 29: U-Desmond Tutu waqokwa uMongameli Mandela njengelinye lamalungu eTruth And Reconciliation Commission angu-17.
UTHI UBUWAZI…
Inhliziyo yomuntu ishaya izikhathi ezingu-72 ngomzuzu kanti kumuntu osephile iminyaka engu-66 ingashaya ka-2,5 billion.
