zulu.61.lead
Siyekeni phansi
Uphenyo lukaBONA
Umsindo osuswa wukuhlolwa kwezintombi
NJALO ngonyaka, uMkhosi woMhlanga ususa izinkulumo eziningi kanti kuhlale kubuzwa imibuzo efanayo...
Ngabe kusafanele ukuba izintombi zihlolwe kule-21st Century" Ngabe ukuhlolwa kwazo kuhlukumeza amalungelo abantu abhalwe kumthetho-sisekelo" Ngabe ukuhlola kumqoka kulo mkhosi wesizwe samaZulu" Ngabe labo abathanda ukugxambukela ezintweni zabantu kufanele bayeke ukukugxeka"
Ngabe akubalulekile, kwehlisa isithunzi - akucacisi kahle ukuthi intombazane iyintombi nto ngempela yini"
Khumbula ukuthi kulo nyaka lolu daba luthande ukushuba kakhulu emva kokwethulwa koMthetho weziNgane omusha ongahambisani nokuhlolwa kwamantombazane aneminyaka engaphansi kuka-16.
"Thina njengesizwe samaZulu asikwazi ukushayelwa umthetho ngokumele sikwenze ngamasiko ethu," kuphawula uHlanga loMhlabathi uGoodwill Zwelithini eMkhosini woMhlanga wangalo nyaka. "Asikwazi ukuxolisa ngamasiko ethu.
"Awukho umnyango esizocela kuwona imvume yokwenza usiko lwethu."
UMkhosi woMhlanga wayekwa ngo-1879 ngesikhathi amaNgisi esusa iNkosi uCetshwayo esihlalweni sobukhosi. ISilo Samabandla sawuvuselela ngo-1984 lo mkhosi "ukuze kugujwe imvelaphi yesizwe samaZulu."
"Lo mkhosi usixhumanisa nezinyanya zethu," kusho iSilo.
"Ngawo, inkosi, isizwe sayo nabangani bavuselela ubumbano lwesizwe nobumnandi bokuhlangana kwethu."
Kulo mkhosi izintombi ziphatha umhlanga eziwulanda emfuleni oseduze.
Uma kuzoba nalo mkhosi amantombazane abuye ahlolwe ngasemakhaya ngaphambi kokuba abe yingxenye yawo.
Ngokwesiko, omama abadala abahlola izintombi.
Indlela okubonakala ngayo ukuthi umuntu useyintombi yini ihlukene kuye nangendawo ahlala kuyona.
"Intombazane eseyintombi ibonakala nasemehlweni ngoba abhalwa 'ubumsulwa', kuqine amabele nezinqe kanti imisipha engemumva kwamadolo iyaqonda," kusho omunye umama osekhulile.
NgokoMthetho weziNgane omusha, yizintombi ezineminyaka engaphezulu kuka-16 kuphela okufanele zihlolwe, kanti akufanele zitshelwe imiphumela yokuhlolwa kwazo ngaphandle kokwelulekwa.
Njengoba iningi lezintombi ezibamba iqhaza eMkhosini woMhlanga lineminyaka engaphansi kuka-16, kusho ukuthi lokhu kuphambene nomthetho.
"Sizoqhubeka sihlole izintombi, mabasibophe uma bethanda," kusho uNomagugu Ngobese, weNomkhubulwana Culture And Youth Development Organisation kwabeMercury ngoSeptember emva kokuhlolwa kwezintombi ngesikhathi sekusondele uMkhosi woMhlanga ka-2007.
"Ngeke siwayeke amasiko ethu. Ngisho nohulumeni wobandlululo awuzange usibophele amasiko ethu!"
Ukwesekwa
Labo abeseka ukuhlolwa kwezintombi bakholwa wukuthi kubaluleke nangasemva koMkhosi woMhlanga.
Bakubona kuqinisekisa ukubaluleka kokuzithiba ocansini umuntu engakashadi, kulwe ne-AIDS nezinye izifo ezithathelana ngokocansi kanye nokukhulelwa kwentsha.
"Okusemqoka kakhulu ngokuhlolwa kwezintombi wukuthi kukhomba ubumsulwa bowesimame kusize nangokulwa nokubhebhetheka kwe-AIDS," kusho uMntwana uThembi Zulu-Ndlovu, ongudadewabo weSilo obuye abe ngumgqugquzeli wokuhlolwa kwezintombi.
Ngakolunye uhlangothi, lolu siko lugxekwa kakhulu.
Lugxambukela ezintweni zabantu luhlukumeze abesimame ngokukaBeatrice Ngcobo weGender And Human Rights Commission.
"Bakuthathaphi ukuthi ohlolayo uyakwazi ukubona uma owesimame eseke waya ocansini" Uma ehlola, uvula isitho sowesimame sangasese, ngesikhathi esivula, ngabe uyawasebenzisa ama-gloves" Ngabe uyawashintsha ama-gloves awasebenzisa uma ehlola"
"Amantombazane bavame ukuwahlolela ehholo noma esigangeni, nokuyizindawo ongeke waqinisekisa ukuthi zihlanzeke ngokwanele."
Abanye abagxeka lolu siko bathi lubeka izintombi engozini.
"Eminye imiphakathi imemezela esidlangalaleni ukuthi obani abayizintombi nto kanti lokho kuzibeka engozini yokudlwengulwa abantu abakholwa wukuthi ukuya ocansini nomuntu oyintombi nto kungabelapha uma bene-AIDS," kusho omunye.
Nakuba lokhu kukhathaza kakhulu - sekuthole nokugxekwa ngisho nayiNdlu yabaHoli beNdabuko - akungeni kwinkulumo-mpikiswano emayelana nokuhlolwa kwezintombi.
Akusilo usiko lokuhlolwa kwezintombi olwenza ukuba abantu babe naleyo nkolelo.
UNomagugu Ngobese uthi: "Kudlwengulwa ingane enezinyanga eziyishiyagalolunye nogogo omdala esikhathini samanje. Abantu abadlwengulwa ngoba beyizintombi kodwa basukelwa yizigangi ezingabacabangeli abanye abantu."
Uqhuba athi ngokuhlolwa kwezintombi, abadala bayakwazi ukubona uma intombazane ihlukunyezwa ngokocansi aziwe nomuntu ogila lowo mkhuba.
"Amantombazane ayaxoxa nabahlolayo ngesikhathi ehlolwa. Ngesikhathi intombazane ihlolwa, siyakwazi ukuthola uma ihlukunyezwa," kusho uNomagugu.
Kodwa ngabe ukuhlolwa kwezintombi kuyasebenza" Ngabe ngako kungabonakala ukuthi ngubani oseyintombi nongaseyona"
Ukuhlanzeka
Mhlawumbe akumqoka ukubheka indlela esetshenziswa uma kuhlolwa ngokukaSuzanne Leclerc-Madlala ocwaninga ngamasiko.
Uthi abahlola izintombi bayawasabisa amantombazane ukuze azi ukuthi uma eseke aya ocansini azobanjwa ahlazeke."
Uqhuba athi abahlola izintombi kumele banconywe ngokuphinda baqhakambise ubuhle bokuhlolwa kwezintombi.
"Abesimame kufanele baziqhenye ngokuzithiba kwabo ocansini ngoba sinenkinga yeHIV/AIDS."
Kuhle ukuzithiba kodwa kumele kwenziwe abafana namantombazane.
Ukuhlala uyintombi uze ushade akukuvikeli kwi-AIDS uma umyeni wakho enegciwane.
Uma sivuma ukuthi ukuhlolwa kwezintombi kukhuthaza ubumsulwa nokwakheka kwezimilo, usazosala umbuzo othi: ngabe kuyasiza na"
Akusizi ngokukaBeatrice Ngcobo weCommission On Gender Equality.
Uma kungukuthi ukuhlolwa kwezintombi kwavuselelwa ngenhloso yokwehlisa izinga lokudlondlobala kweHIV/AIDS, pho kudalwa yini ukuthi sande isibalo sabanalesi sifo"
"Akwehlisi nezinga lokukhulelwa kwentsha.
"Othisha nabazali kumele bakhulume nezingane ngezocansi bangazifihleli lutho," kusho uBeatrice. "Baningi abazali abangaxoxi nezingane ngalezi zinto."
Kunokuthi kube yibona abakhuluma nezingane, "izingane bazithumela komunye umuntu ozozihlola ukuze 'kuqoqeke izimilo zazo.'"
Inkulumo-mpikiswano
Kungenzeka ukuthi abahambisana nokuhlolwa kwezintombi benza konke okusemandleni ukubeka isithombe esihle ngako.
Amasiko aphatha kabi abanye abantu akufanele kuqhutshekwe nawo kanti kufanele sikulwele ukuthi ayekwe.
Kodwa uma kungaphoqwa ntombi ukuba ihlolwe, kungafi muntu ngokuhlolwa kwazo, futhi kuyingxenye yoMkhosi woMhlanga omqoka esizweni samaZulu njengokusho kweSilo, ngabe lokho akusho ukuthi lolu daba kumele luyekelwe esizweni samaZulu kube yisona esiludingidayo kunokuthi lungenwe abanye abantu"
Ngabe akufanele ukuba kube abesimame abangamaZulu abazothatha isinqumo ngokuthi ngabe ngokuhlolwa kwezintombi kuhlukumezeka amalungelo azo yini noma kulusiko olusaqhubeka nokuhlomisa isizwe" [z]
BONA ZULU - November 2007
indaba nguJOHN GUMEDE
izithombe ngabePICTURENET
Ngabe ukuhlolwa kwezintombi kuhlukumeza amalungelo abantu" Ngabe kukhuthaza ukuzithiba ocansini, kunqande ukukhulelwa kwentsha nokusabalala kwe-AIDS" Ngabe uhulumeni kumele angenelele kulolu siko" Siphendula imibuzo yakho...
BONA ZULU - November 2007
KWESOBUNXELE: UMkhosi woMhlanga wavuselelwa yiSilo uGoodwill ngo-1984 ukuze "amaZulu azigqaje ngemvelaphi yawo."
KWESOKUDLA: "Sizoqhubeka nokuhlola izintombi, mabasibophe uma bethanda," kusho uNomagugu Ngobese.
u
t
BONA ZULU - November 2007
ISILO U-GOODWILL ZWELITHINI
'Thina njengesizwe samaZulu ngeke sitshelwe ukuthi masenzeni ngamasiko ethu. Ngeke sixolise ngawo.'
Umthetho awukuvumeli ukuhlolwa kwamantombazane aneminyaka engaphansi kuka-16, kanti nemiphumela yokuhlolwa kwawo akufanele imenyezelwe.
u
t
Ukuzithiba
kumele kwenziwe abafana namantombazane!
