zulu.60.yourlifeguide_motivation
Amandla oshintsho
Enye yezimfihlo zempumelelo empilweni, ukuzinikela nokuvuma ukwamukela ushintsho, ngisho lokho ekuqaleni kungagqilaza kanjani emqondweni
SIPHILA emhlabeni oshintsha ngokukhulu ukushesha. Akukho okulokhu kunjalo isikhathi eside. Izinto obabamkhulu bethu ababengakwazi ukuzicabanga eminyakeni eminingi eyedlule, ziyenzeka manje. Ushintsho akusiyo into entsha ngoba kade lwaba khona.
Umhlaba awumile. Yonke into iyanyakaza sonke isikhathi. UMhlaba uhamba uzungeze ilanga ekubeni inyanga yona izungeza uMhlaba.
Ngaso leso sikhathi, nawo uMhlaba uyazungeza ngokushesha usinike imini nobusuku.
Akulula ukuba ume ndawonye isikhathi eside.
Kodwa iningi labantu alizimisele ngokushintsha. Ushintsho kungenzeka lungathokozeleki, lugqilaze, lukwethuse.
Kodwa ukuhamba usuka kokuhle kuya kokukhulu ohambweni lwempilo, kufanele unethezeke ngoshintsho.
Indoda ekhaliphile yathi ichaza ukuhlanya - wukuqhubeka wenze into ngendlela efanayo kodwa ulindele imiphumela eyehlukile. Ngamanye amazwi, uma ungawuthandi umphumela owutholayo, kusho ukuthi kuzodingeka kube khona okushintshayo.
Ngisho ngabe uthole imiphumela emihle, kungenzeka udinge ukulungisa okuncane ukuze uthole imiphumela engcono.
Ngake ngezwa ngomdayisi wezimoto owayengaqhubi kahle emsebenzini wakhe. Kwaqashwa imenenja entsha, yaqala yenza izinguquko ngokushesha.
Ngaphambi kokuba ifike, iningi lezimoto lalipakwa ngemumva kwesakhiwo, hhayi endlini yokukhangisa izimoto (showroom). Waphoqelela ukuba kufakwe izimoto ngobuningi bazo e-showroom.
Wacela futhi ukuba kupendwe naphansi kwenziwe kubukeke kahle.
Umcabango wakho kwakungowokuthi, noma yimuphi umdayisi kufanele azibonakalise sengathi usebenza ngempumelelo - ahlanzeke, akwazi ukuheha amakhasimende ukuze kuhlale kuyindawo ebhizi.
Le ndawo yabadayisi yaphenduka yaba ngephambili esifundeni.
Bheka eBhayibhelini: lihlukene kabili - IThestamente eliDala neliSha.
Eminyakeni eyizinkulungwane eyedlule, uMdali Wayexhumana nathi ngemithetho namasiko. Kwakudingeka ukuba senze imihlabelo yezilwane senze nezinye izinto eziningi ukuze sikwazi ukuxhumana noNKULUNKULU sithethelelwe izono.
Kodwa safika isikhathi sokuba UNKULUNKULU Ashintshe izindlela Zakhe zokuxhumana nathi.
Ukuba indlela yokuqala yokuxhumana noMdali yayilungile, Wayengeke Ayishintshe. (Funda kumaHebheru 8:7.)
Uyamcabanga UNKULUNKULU Ethola iphutha entweni Eyadalwa Nguye?
Mfundi wami othandekayo, imiqondo yesikhathi esedlule, ayisasilungele isikhathi sanamuhla ngoba iyobe isintekenteke esikhathini esizayo.
Abantu abaphumelelayo yilabo abenza okuningi nabaziyo ukuthi kunini lapho kufanele bahlukane nemicabango engasasebenzi.
KunoMfundisi owake wenza isikhangiso somhlangano wezemishado wokufundisa bonke abesilisa ukuthi bangawenza kanjani amakhosikazi abo ukuba abaphathise okwamakhosi.
Ihholo laligcwele liphuphuma. Umyalezo wawucacile: uma ufuna umkakho akuphathise okwenkosi, mphathise okwendlovukazi.
Ngamanye amazwi, shintsha indlela ophatha ngayo umuntu wakho ukuze akuphathe kanjalo.
Kodwake kufanele siqaphele ukuba singashintshi ngezizathu ezingeyizo.
Izindlela zingashintsha, imigomo ngeke. Abanye babantu bashintsha imisebenzi njalo. Bashiya imisebenzi yabo singekho isidingo babeke impilo yabo neyemindeni yabo engcupheni.
Abanye abantu bashiya imishado yabo bengenzanga mizamo yokulungisa isimo.
IBhayibheli lisexwayisa ngabantu abaphoqeka ngokwenza ushintsho. NjengoMfundisi kufanele ngithole izindlela ezinhle zokukhuluma iqiniso ngoMsebenzi kaNKULUNKULU ngendlela engeke ixoshe abantu.
Kodwa uma uba yikho konke owadalelwa ukuba yikho, kuzodingeka ushintshe kaningi ohambweni lwakho. Kungani ungaqali namuhla?
Pastor George
Ngisho noMdali kwadi-ngeka Ashintshe izindlela zokuxhu-mana nathi
SIYAKHANA
