zulu.603.hip
Abantu bakithi
Indlela yokwenza umehluko
ISIKHATHI ngu-9.15 ekuseni esibhedlela saseMseleni KwaZulu-Natal nokuyilapho uWilson Mhlongo ezohlinzwa ukuze afakelwe inyonga entsha yakwesokudla, emva kokuba eyakhe yendalo isiyadliwa yisifo se-arthritis.
UDkt Victor Fredlund nguye ozokwenza lo msebenzi wokuhlinza ozothatha amahora amabili, esizwa nguViljoen. Njengoba lesi sibhedlela singenayo i-anaesthetist, uMhlongo uzohlinzwa engalalisiwe ngezidakamizwa.
Isibhedlela saseMseleni sinemibhede engu-190 kanti sisendaweni ephakathi kweSodwana neKosi Bay enyakatho yendawo yaseKZN nokuyindawo ongeke ucabange ukuthi kungenzelwa kuyo lolu hlobo lokuhlinzwa.
I-arthritis ekule ndawo iyuhlobo olwehlukile kangangoba isize yanikwa elayo igama - Mseleni Joint Disease (MJD). Ngisho nabantu beminyaka ephansi eko-20 nabo lesi sifo sibaphethe kangangoba sebedinga izinyonga ezintsha.
"Okudala isifo se-arthritis kule ndawo kuseyindida enkulu," kusho uFredlund. "Ukudla okungenampilo kungenzeka kube yikho okuyidalayo okungenzeka futhi ukuthi kunobuthi noma ukufa okuthile ekudleni noma emanzini - okugulisa iningi labantu bale ndawo."
Ucwaningo olwenziwa lukhomba ukuthi lokhu akuhlangene nakancane nofuzo. Njengoba iMJD iphethe iningi labantu kule ndawo, kunokwehla kwesibalo sabantu abasha futhi kuyona le ndawo.
U MHLONGO uneminyaka engu-51 kuphela kodwa amajoyinti akhe aqinise okwawomuntu osekhulile kanti uzwa obukhulu ubuhlungu uma ehamba.
Ngokwalesi sibhedlela, iziguli zaseMseleni kufanele zithunyelwe esibhedlela saseMnambithi uma ziyofakelwa inyonga.
Kodwa ngokusho kukaFredlund, iziguli kudingeka ukuba zilinde isikhathi eside ngaphambi kokuba zihlinzwe. UFredlund wayesehlele ukuba kubekhona udokotela ozoza eMseleni azokwenza lo msebenzi ngezimpelasonto kodwa ngeshwa wafa engozini yebhanoyi. Ngaleyo ndlela wazinikela ngokwakhe ukuba enze lo msebenzi.
Egunjini lokuhlinzela, uMhlongo ulele ngohlangothi lwakhe lakwesobunxele ugqokiswe izingubo eziluhlaza. Into evele yinqulu yakhe yangakwesokudla esigcotshwe isibulali-magciwane yavalwa nge-cling wrap.
Umhlengikazi ubophela isandla sikaMhlongo sangakwesokudla esitulweni ukuze angakwazi ukubuka lapho bemhlinza khona.
Bamjova benzela ukuba angazizwa izinhlungu bamlungiselela ukuba ahlinzwe. Ngehora leshumi waqala wahlinzwa.
KWATHI lapho kushaya imizuzu engamashumi amabili lishayile ihora leshumi, uFredlund wabe eseyihlukanisile inyonga kaMhlongo ngosizo lwesahha likagesi.
Emva kwalokho baqala bancwela kahle ingoxi okungena kubambelele kuyo lokhu okusabholana enyongeni belungiselela ukufaka inkomishi entsha kapulasitiki.
Ngaleso sikhathi uMhlongo wawumbona ukuthi ziyambulala izinhlungu.
Emva kwemizuzu engamashumi amahlanu lishayile ihora leshumi, uMhlongo wase efakelwe inkomishi kapulasitiki entsha yenyonga.
UMhlongo wezwakala ekhala eqhuma phezulu ngesikhathi udokotela esembhola ukuze kutholakale indawo efanele yaleli bholana lokwakhiwa.
Umhlengikazi ongu-sister nguye owayexova udaka lukakhonkolo olwaluzo-setshenziswa lufakwe engoxini bese luxhunywa nokusandukwana ezobambelela.
Emva kwalokho udokotela uFredlund usefakela leli bholana elisha ngosizo lukasimende.
Kwathi lapho sekungu-11.25am kwezwakala umsindo wokuklunyuka ngesikhathi odokotela bobabili sebexhuma umlenze kaMhlongo bewuxhumanisa nenyonga nokuyilapho sekuhlangana ibholana elisha nenkomishi okokuqala ngqa.
Iningi labantu abangahambisani nalokhu likholwa wukuthi lolu hlobo lokuhlinza akumele ukuba lenzelwe kulesi sibhedlela esikule ndawo.
Emva kosuku uMhlongo uzobe esezihambela ngezinyawo zakhe aqale aqeqeshelwe nendlela yokuhamba. UFredlund noViljoen njalo ngoLwesithathu bahlinza abantu ababili ngenhloso yokubafakela inyonga entsha.
U-FREDLUND yindoda ekholiwe ekwaziyo futhi ukumelana nezinselelo. Yena nomkakhe uRachel bafika lapha eMseleni bephuma eBhithani ngo-1981. Nakuba babezimisele ukuhlala iminyaka embalwa kuleli kodwa njengamanje sebehlale engu-25.
Ngasekupheleni kweminyaka yo-1980, emva kokucasulwa wukwelapha izifo ezazidalwa wukungahlanzeki kwamanzi nokwentuleka kwezinhlelo zokuthuthwa kwendle, uFredlund wacela ukuba amapayipi amanzi asesibhedlela axhunywe aqale esikoleni esikule ndawo bese ehamba ibanga elingu-10km.
Kwaxhunywa ompompi ezindaweni ezithile ukuze kusizakale umphakathi.
UFredlund waphinde wasiza futhi ekwakhiweni kwezindlu zangasese.
Emva kweminyaka ephethe lesi sibhedlela saseMseleni - uFredlund usabona kungcono ukuba adedele izintambo zokuphatha kuThemba Mqadi njengoba yena esephethe kuphela umsebenzi wezokwelapha.
Lesi sibhedlela siyisibonelo esihle sezikwazi ukwenza umsebenzi omkhulu kangaka ngaphandle kwezinto ezanele zokusebenza.
Kokunye abekwenza wukuqasha odokotela bangaphandle ngoba abakuleli abazimisele ukusebenza ezibhedlela ezisemaphandleni.
Okubuhlungu wukuthi umthetho omusha womnyango wezempilo ubeka ngokusobala ukuthi odokotela bokuhamba bangasebenza lapha eSA isikhathi seminyaka engu-3 kuphela. Lokhu kuyazikhubaza kakhulu izinhloso zabakwaFredlunds zokwenza umehluko ezimpilweni zabantu bakuleli.[z]
Health-e News Service
BONA ZULU - December 2006
"Udokotela wokuhamba" wenza ezibukwayo esibhedlela sasemaphandleni...
KWESIKHULU: UDkt Fredlund usaziqeqesha ngokwakhe ukwenza lolu hlinzo oluyingozi kangaka.
KWESICHWANEKIWE: Kuze kuqedwe ukuhlinzwa isiguli sisezinhlungwini ezimangalisayo.
indaba nezithombe nguKERRY CULLINAN
BONA ZULU - December 2006
u
t
Emva kosuku uzobe esezihambela
NGENHLA: Odokotela befakela inyonga yesiguli.
