zulu.584.dead
BONA - August 2005
Amakhaza angasese, iningi lawo
Ukubiza kokufa
AMAKHAZA azimele angalawulwa wuhulumeni axebula ezinkulu izimali emindenini ehluphekayo abathandwa bayo abaqothwa yisifo se-HIV/AIDS nokuyisifo esabulala cishe abangaphezu kuka-300 000 ngonyaka odlule - abe-United Nations bacabanga ukuthi bangaphezu kwezigidi ezinhlanu abaphila neHIV eS Africa.
Lokhu sekwenze abangabaqondisi bezemingcwabo bathole enhle imali, ekubeni abanye bamba eqolo.
Lokhu kubandakanya izimali "zobuchwepheshe", ukugcina isidumbu, eyosizo olutholayo neyamabhokisi aphambili angama-casket - namabhokisi akhushulwa kusuka kumaphesenti angu-300 kuya kwangu-700.
"Wumona wemali," kusho omunye osemusha kulo msebenzi osefundile ukuthi 'leli bhizinisi lokufa' kokunye aliyingenisi imali.
"Wonke umuntu uhlale eqiniseka ukuthi izimbangi zakhe azitholi ngisho izimvuthu. Leli sekuyibhizinisi elibi eliqola abantu abashonelwe.
Emphakathini onsundu, imingcwabo iba khona kakhulu ngezimpelasonto - ngakhoke kubakhona ukubambezeleka. Kuthi lapho kufika usuku lomngcwabo, uthole ukuthi umndeni kamufi ukweleta izinkulungwane zingakangeni izindleko zomngcwabo - nokuyisikweleti sezindleko zokugcina isidumbu emakhazeni. Ngesikhathi umndeni uzama ukuhlanganisa imali, isikweleti siyakhula usuku nosuku. Umndeni ugcina usungasitholi isidumbu njengoba abamakhaza benqaba naso kuze kukhokhwe imali.
UTheo Rix ongumongameli weNational Funeral Directors Association Of Southern Africa, uthi i-NFDA ibilokhu inxusa uhulumeni ukuba alawule le mboni.
I-NFDA imele cishe amalungu angu-540 abhalisile, kwangu-5 000-kuya phezulu okumanje ayasebenza kuyo le mboni ezweni.
"Inkinga esinayo wukuthi amalungu ethu imali enkulu ayibizayo ingu-R350, ekubeni labo abazimele babiza R3 000 kuya ku-R4 000," kusho uRix.
"Uhulumeni njengamanje usufike lapho uthi - siyafuna ukunilalela, kodwa kusazothatha eminye iminyaka emine ngaphambi kokuba kube khona okwenzekayo.
URix uthi ukungabikho komthetho kule mboni yikho okuholele ekutheni umuntu onezimoto eziningi azithathe njengomqondisi wezemingcwabo.
"EWestern Cape kuphela, sinabantu cishe abangu-527 abazibiza ngama-funeral directors (abaqondisi bezemingcwabo). Iningi labo libiza amanani amakhulu ukuze kusimame amabhizinisi abo."
Omunye umnini wamakhaza, oxoxe nathi kodwa ongathandanga ukuba simdalule, uthe leli bhizinisi alihambi kahle njengoba abaningi becabanga.[z]
elingenawo ngisho amafriji lixebula
enkulu imali ngabantu abafile...
BONA ZULU - June 2006
Umkhuba omubi
indaba nguTHOKOZANI MAGAGULA
isithombe nguCLIVE THOMPSON
Abangcwabi abangekho emthethweni - yini ongayenza...
Ngokujwayelekile ukuxhashazwa kwenzeka lapho umndeni usususa isidumbu sawo kwabanye abangcwabi ususisa kwabanye.
Abangcwabi abangathembekile baye babize izimali ezishisiwe ngoba bazi ukuthi imindeni yezidumbu izozilanda nomakanjani.
Kungakuhle imindeni isebenzise abangcwabi benhlangano egunyaziwe abanomgomo wokuziphatha futhi umsebenzi wabo osezingeni elihle.
Uma kuvela inkinga, kungalula nokuyiqondisa enhlanganweni abangaphansi kwayo. Abangcwabi abagunyaziwe ungababona ngesitifiketi e-reception uma ungena noma ubabuze ukuthi ibhizinisi labo lingaphansi kwenhlangano egunyaziwe yini.
Bhasobha abantu "abanobungani" abakuhambisa kubangcwabi abathile lapho usuzogcina usukhokha nemali yekhomishini yokukuletha kwabo.
Ngeminye imininingwane ngabangcwabi abagunyaziwe, shayela uTheo Rix kule nombolo: 021-975-1010.
u
BONA ZULU - June 2006
Uthini Umthetho
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Owalunywa yinja
Umkami nendodakazi yethu eneminyaka emihlanu bangivakashela lapho ngisebenza khona engadini. Ngesikhathi sebengaphakathi emagcekeni, indodakazi yethu yalunywa yinja. Kwadingeka ukuba ngiyihambise kudokotela yafike yathungwa izitishi ezingu-12 engalweni.
Le nja ayinalo ulaka kangangoba unkosikazi wami usengivakashele kaningi ngaphandle kwezigigaba.
Umnini muzi wenqaba ukukhokhela izindleko zokwelashwa. Wathi umkami nendodakazi babengenalo ilungelo lokuba endaweni yakhe, wagcizelela ukuthi inja yakhe ayinalo ulaka njengoba ifuyiwe.
Kodwa phambilini unkosikazi wami uma engivakashele, umnini muzi wayazi kodwa angasho lutho. Yini okufanele ngiyenze"
TT, Gauteng
lUmkakho nendodakazi babengekho egcekeni lomnini muzi ngokungemthetho.
Umkakho wayekuvakashele njengoba ayekade enza phambilini. Ukuthi phambilini le nja ayikaze ikhombise ukuba nolaka akusho ukuthi kumele ithethelelwe ekuziphatheni kwayo noma lokho kube yinto umnini muzi angazivikela ngayo kuwena.
Umthetho ukucacisa ngokusobala ukuthi, uma isilwane siziphatha ngendlela ehlukile kuneyezinye izilwane zohlobo olufanayo, nokuyilapho siziphatha ngokungafani nokwendalo yaso ngokuhlasela umuntu. Umnini wesilwane nguye okumele abhekane nezindleko zamademeshe alowo muntu ohlaseliwe.
Uma ungakhipha ubufakazi bokuthi le nja ngeyomnini muzi, nokuthi yahlasela ingasukelwanga muntu, unelungelo lokufuna amademeshe kumniniyo.
Ukufuya isilwane wukusenza silungele isimo sokuhlala nabantu ekhaya. Ngokwencwadi yakho kuyacaca ukuthi le nja yayifuyiwe.
Ukuze ukhombise ukuthi amademeshe akho angakanani, kufanele uthole amakhophi ama-akhawunti abo bonke odokotela owahambisa kubo indodakazi yakho.
Ngaphezu kwalokho, kufanele ubuyisele indodakazi yakho kudokotela ukuze ubone ukuthi idinga ukuba yenziwe i-plastic surgery (ukupheshwa emzimbeni) yini ukuze kuncishiswe izibazi okungenzeka ukuthi zikhona.
Izindleko zakho obhekene nazo nezinye zesikhathi esizayo zizoba yingxenye yamademeshe akho.
Okubalulekile futhi, wukuba udokotela wakho akubhalele umbiko wezokwelashwa.
Kulowo mbiko kufanele achaze ukuthi wabonani ngesikhathi ehlola indodakazi yakho okokuqala, iyiphi imithi ayinika yona, ukwelashwa kuqhubeka kanjani, izinhlungu nokuhlupheka indodakazi yakho edlule kukho, izindleko zayo zaba ngakanani nokuthi ezesikhathi esizayo zingaba malini.
Kufanele futhi wenze uhlu lwemithi namaphilisi adambisa izinhlungu indodakazi yakho eyawasebenzisa nokuthi konke kwabiza malini bese ubonana nommeli ozokucubungulela isamba sonke bese ekhipha isamanisi lokufuna amademeshe.
Sinethemba uzophumelela.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
t
Ukubiza kokufa
