ZULU.54.yourstories_crime
ULynn noJay Lopez kwase kuphele iminyaka engu-16 beshadile. Baqala ukwazana besebasha. "Wayefana nomfowethu kimina, isithandwa sami engumvikeli wami engangingeke ngiphile ngaphandle kwakhe. Ngobusuku besehlakalo saya kolala ngokujwayelekile kodwa kwathi ngezikhathi zo-2 entathakusa uJay wavuka ezwa umsindo wahamba wayobheka ukuthi yini. Ngamuzwa ememeza nokuyilapho ngabona khona indoda imile emnyango iphethe ummbese. UJay wayephethe induku yokudlala i-baseball ezama ukuziphungela ngayo le ndoda kodwa yavele yazimela khona lapho. Emva kwalokho yaqala yagwaza uJay wawela phansi. Ngaleso sikhathi ngangikhala ngimemeza ngincenga le ndoda ukuba imyeke ihambe," kuchaza uLynn.
ULynn ukhumbula lesi sigebengu sithi: 'Mhlawumbe ngizothatha isihlalo sikagesi ukuze nawe ngikwenzakalise'. Emva kwalokho wamhlasela wadabula i-nightdress yakhe ngaphambi kokumdlwengula kahlanu.
"Ngakhumbula uJay uma ekhuluma ngokuqaphela nokuyilapho ngaqala ngabhekisisa izinto ezingasiza ekuboshweni kwalesi sigebengu. Ngazama ngambukisisa kodwa elokhu engivala amehlo. Amehlo akhe ayemnyama esezingoxini naye edakwe wutshwala nezidakamizwa enuka phu!"
Emva kwalesi sigameko, lesi sigebengu sahamba sayogeza esisefweni sacela nokusebenzisa indwangu yobuso kaLynn. Ngaphambi kokuba sihambe sathi: 'Zimbili izinto ezisele okufanele ngizenze. Wukukubulala nokushisa le ndlu.'
"Lawo yiwona mazwi akhe," kusho kukhumbula uLynn. "Emva kwalokho wahleka wathi: 'Cha angicabangi ukuthi ngizokubulala'. Emva kokuthungela ngomlilo i-lounge, wasuka wahamba."
ULynn wabaleka waya kwamakhelwane nokuyilapho wathathwa khona yiphoyisa lamusa esibhedlela lapho ahlolwa khona ngodokotela.
Eselapho, wezwa izindaba emsakazweni zokuthi kunesidumbu esitholakele.
"Yilapho ngafa khona umyeni wami engimthandayo esefile." ULynn waphendula yonke imibuzo abaseshi ababembuza yona phezu kobuhlungu bayo ngoba wayazi ukuthi kufanele athole umbulali.
Zahamba izinsuku amaphoyisa akhipha isithombe esasidwetshiwe sombulali nokwathi lapho engatholi mkhondo, aphendukela kunkosikazi wakhe uLynn. Waphonswa imibuzo kaningi wacelwa ukuba ayohlolwa ngomshini wamanga i-lie-detector.
Ngesikhathi efeyila ekuhlolweni, abaseshi bacabanga ukuthi kungenzeka kube nguye owamema lo mlisa endlini ngesizathu sezocansi.
"Impilo yami yayisiyisihogo soqobo sengidinga usizo lokwelashwa ngokwengqondo ngoba ngase ngiqale ukuzilimaza. Okubuhlungu wukuthi yimi engangisolwa. Icala likaJay lase liya lidamba kodwa ngizimisele ngokuba kubanjwe umbulali owayezichanasela."
Uchwepheshe wezengqondo owayesebenzisana noLynn wabona kungcono ukuba uLynn ahlele umhlangano nephoyisa ehhovisi lakhe ngoba uLynn wayengazizwa ephephile ngokuya esiteshini samaphoyisa. Kungaleso sikhathi ahlangana khona nomseshi uHarry Hoover owaluzwa usizi lwakhe walivula kabusha icala.
Ubhulankethi ne-bedspread kwaphinde kwahlolwa ngokweDNA. Kwathi lapho imiphumela ikhombisa ukuqondana nezimpahla zesikhathi edlwengulwa, kwase kufakwa ulwazi ezinqolobaneni ezigcina amaDNA angaphezu kwesigidi ezigebengu zaseMelika. Ekugcineni abaseshi balithola igama lowabulala uJay: uChatsiam Adam Lioy.
UHoover wacela uLynn ukuba akhombe uLioy esithombeni sabesilisa abayisithupha. Babefuna ukuqinisekisa ukuthi uLioy wayengamazi uLynn, ngaleyo ndlela bakhipha isithombe sikaLynn sezikhathi zesigameko sokubulala. Babehamba bengena imizi ngemizi bebuza abantu ukuthi bayamazi yini lo wesimame noma bake bambona yini phambilini. ULioy wathi akakaze nokwaba yisizathu sokuba aboshwe.
Ekuqaleni waphika emva kwalokho kwaba nguye osefuna ukutshela abaseshi konke. Watshela uHoover ukuthi selokhu kwahlaselwa uJay uyamfikela ngephupho amtshele ukuthi okuyiyona ndlela azomxolela ngayo wukuba akhulume iqiniso.
Eminyakeni eyisikhombisa leli phupho limhaqile, ekugcineni wavuma ukuthi nguye owabulala uJay wathi wayengaqondile.
ULynn uthi: "Watshela amaphoyisa ukuthi alukho usuku athola ngalo ukuphumula angacabangi ngobuhlungu bento ayenza kithina. Ngangiya njalo enkantolo ngezinsuku zecala ngifike ngimbuke. Wayengafuni ukungibuka. Wathola isigwebo sokudilikelwa yijele ngokubulala nokungidlwengula. Nakuba edonsa lesi sigwebo, nami ngibhekene nesigwebo sami sempilo yonke.
"Impilo yami ayilutho ngaphandle kukaJay. Ngeke sibe khona isiphetho kimina ngisho kungahamba isikhathi. Ngiyejabula ngokuba ngacela amaphoyisa ukuthi avule leli cala kabusha. Ukube angizange ngibe nesibindi sokuba ngilusukumele lolu daba, uLioy ngabe usakhululekile."
Umseshi uJorge Fernandez, owaba nguye owokuqala ukusesha leli cala, wasivikela isenzo samaphoyisa wathi: "Sasingenasiqiniseko sokuthi uLynn wayekhuluma iqiniso yini ngezigigaba noma mhlawumbe akaphumelelanga ekuhlolelweni amanga ngenxa yemizwa yokwethuka kwakhe. Sathola iDNA ezimpahleni ezazigqokwe ngesikhathi kudlwengulwa kanjalo namachaphazelo egazi embhedeni kodwa kwangaqondana nokwamuntu kwi-database yethu ngaleso sikhathi. Sasifuna ukwazi ukuthi ngabe kwakungokomuntu uMr noMrs Lopez ababemumemele ekhaya labo yini."
UHoover wasitusa kakhulu isibindi esakhonjiswa wuLynn. "ULynn wayelindele noma yini ukuba yenzeke nokwakuyinto owawuyibona ngisho emehlweni akhe. Iminyaka engu-7 yonke wayefuna ukuthi simthole umuntu owenza lokhu.[z]
Indaba nezithombe: Sue Thompson/Splash News
EZOBUGEBENGU
Wanukwa ekubulaweni komyeni
Isigebengu sabulala umyeni wakhe, yena samdlwengula siphindelela kodwa amaphoyisa asola unkosikazi ngoba nje afeyila ngesikhathi bemhlola nge-lie-detector test
1. ULynn Lopez nesithombe esibalulekile kuye sosuku lomshado.
2. ULynn nomyeni uJay isithandwa senhliziyo yakhe.
3. Induku ye-baseball uJay azama ukuzivikela ngayo.
4. I-lounge yasha kanje.
5. UChatsiam Adam Lioy ngesikhathi sokuboshwa kwakhe.
