zulu.540.legends
BONA ZULU – May 2006
UHULUMENI wobandlululo wawumthatha njengomuntu oyingozi ohlasela izitha zakhe, umholi “wamavukela-mbuso”, kodwa uChris Hani ekubuyeni kwakhe wakhombisa ukuthi wayeyisosha elalazi ukuthi lizibeka nini phansi izikhali zalo.
Ngesikhathi sodlame olwaholela ekuweni kombuso wasePitoli, wayehamba eshumayela ukuthula ezweni.
Ubani owaziyo ukuthi kwakuzoba njani ukube walithola ithuba lokuphila esikhathini somunye umshikashika womzabalazo wokwakha intuthuko esibhekene nawo. Ngeshwa akubanga njalo…
UMartin Thembekile Hani wazalwa endaweni yaseSabalele eCofimvaba eTranskei ngoJune 28 1942.
“Ubaba wami wayesebenza ezimayini eTransvaal,” kusho uHani encwadini exoxa ngempilo yakhe ayibhala ngeminyaka yo-1990.
“Impilo yayinzima kithina njengoba umama wethu kwakufanele aphinde alime ukuze sikwazi ukuphila…
“Kwakudingeka ukuba ngihambe ibanga elingu-20km ngiya esikoleni nsukuzonke ngiphinde ngihambe ibanga elifanayo ngiya esontweni njalo ngamaSonto. Sengineminyaka engu-8 ngase ngiyisikhonzi emaRomeni.”
Ukwazi ngezombusazwe
UHani wayefuna ukuba nguMfundisi kodwa ubaba wakhe wangahambisana nalokho. “Into engangiyithanda yisiNgisi, isiLathini nesiGreek. Ukufunda kabanzi ngalezi zilimi kwangenza ngazonda noma yiluphi uhlobo lwengcindezelo.
Ngo-1954, kwethulwa i“Bantu Education” nokwakuqondwe ngayo ukunika abansundu imfundo eyanele ukuba bagqilazeke.
“Lokhu kwasicasula kwangihlahlela indlela yokuba ngizibandakanye nomzabalazo,” kusho uHani.
Emva kokuphothula u-matric ngo-1958, waya kofunda e-University Of Fort Hare. “Kulapho ngambuleka khona umqondo ngezinkolelo zikaMarx nobubi bengcindezelo.”
Kulapha futhi uHani owayeyilungu le-ANCYL ahlangana nendoda eyayizoba nelikhulu igalelo empilweni yakhe, uGovan Mbeki.
Enkulumeni ayethula ngaphambi kokufa kwakhe, uMbeki wachaza ngokubonana kwabo. Wayesexoshiwe emsebenzini wokufundisa esesebenza njengentatheli, wahamba (uMbeki) waya eFort Hare eyothola kabanzi ngemibiko yothuthuva lwezepolitiki phakathi kwabafundi.
“Kwase kunzima ukusebenza ngokukhululeka befuna izindlela ezingcono zokuqhuba umzabalazo enyuvesi ukuze izikhulu zingabi nalwazi.
“Ngamanye amazwi uHani nabanye base bengenwa wumqondo wokusebenza ngomshoshaphansi enyuvesi.”
Ukuzalwa kweMK
Emva kwesibhicongo saseSharpeville ngo-1960, i-ANC eyayisanda kuvalwa yaba nengqungquthela eLobatsi eBotswana.
Kwathathwa isinqumo sokuqalisa umzabalazo wezikhali, kwathi ngoJanuary 1961 kwasungulwa uMkhonto weSizwe.
“UMartin Hani waba ngomunye wabokuqala ukujoyina,” kusho uMbeki.
UHani emva kwalokho waya eCape Town eyofunda ezomthetho. Nakwezemidlalo wayenegalelo elikhulu ekhuthaza intsha ukuba izibandakanye nemidlalo efana no-rugby, ibhola nekhilikithi.
Ngesikhathi eyilungu leCommittee Of Seven, wasungula izinhlaka zeMK eWestern Cape, waboshwa no-Archie Sibeko noLooksmart Goodle emotweni eyayigcwele amapheshana e-ANC.
UGovan Mbeki wayeseCape Town ngesikhathi ezwa ukuthi bobathathu libalahlile icala, kanti ungomunye walabo ababasiza beqa.
Bahamba ngemoto baya eGoli base beqa umngcele.
“Ukusuka eBotswana banyamalala baya eTanzania,” kusho uMbeki.
“Ngaleso sikhathi wayesaziwa ngoChris Hani kwaze kwaba sekufeni kwakhe.”
Iminyaka ekudingisweni
Ngo-1967 uHani waba ngu-commissar woMkhonto ophikweni lwebutho likaLuthuli ezweni elalaziwa ngokuthi yiRhodesia besizana neZimbabwe African People’s Union. Kusukela lapho waya eBotswana nokuyilapho aboshelwa khona ukutholakala nezikhali ezingekho emthethweni.
Wagwetshwa iminyaka eyisithupha kodwa wadonsa emibili kuphela ngaphambi kokubuyela eZambia.
Ngokucasuka ngokwehluleka kwabaholi be-ANC ukuba bamvikele namanye ama-comrades, uHani wathi sekuyisikhathi sokuba acabange kahle ngenqubo-mgomo yenhlangano.
Umphumela walokho kwaba yingqophamlando yeMorogoro Conference ngo-1969, lapho kwavunywa ukwamukela abamhlophe njengamalungu e-ANC.
UHani waphinde wangena eSA ngesinyenyela ngo-1973 ezovusa izindlela eziwumshosha-phansi zokuqhuba umzabalazo eWestern Cape, emva kwalokho walibangisa eZambia nokuyilapho akhethwa njengo-deputy commander woMkhonto. Ngo-1987 nguye owayeseyi-chief of staff.
Emva kokubulawa kwakhe, owayeyi-deputy secretary general ye-ANC uThenjiwe Mtintso wabeka kanje ngaleli sosha: “Njengo-commander wethu, wayelokhu enathi. UChris wawumthola noma kuphi. Uyena mholi owawazi ukuthi umthola noma nini lapho umdinga esondelene namasosha akhe nokuyinto eyayisikhuthaza.”
Waqhubeka umzabalazo
UHani wabuyela eSA ngo1990 kanti ngesikhathi sokufa kwakhe wayethathwa njengowesibili kumongameli we-ANC ngaleso sikhathi uNelson Mandela ngodumo lwakhe kwezombusazwe.
Ekuseni ngoMgqibelo womhlaka 10 April 1993, uChris Hani wadutshulwa wafa e-kwi-driveway ekhaya lakhe.
Umuntu owambulala nguJanusz Walus owaboshwa nowayeyilungu lephalamende leConservative Party uClive Derby-Lewis.
“Ukubulawa kukaHani akubona ubugebengu obekubhekiswe nje kuphela kule ndodana ethandekayo yezwe lethu, wubugebengu obubhekiswe kubo bonke abantu bezwe lethu,” kusho uNelson Mandela ngaleso sikhathi.
“Bekuyindoda enothando nesibindi efe ngesikhathi lapho siyidinga kakhulu.”
UChris Hani wayehlale emamatheka ethanda ukucaphuna abantu abafana noShakespeare, Keats noShelley. Ngaphandle kokungabaza, ubuholi bakhe yibo obenza i-ANC yasimama ngeminyaka yasekudingisweni.[z]
UHani komunye wemibuthano emva kokubuya kwakhe ekudingisweni.
UChris Hani
Wabuya ekudingisweni ezimisele ukwakha isizwe sombuso wentando yeningi esingacwasi ngokwebala, kodwa bamdubula bambulala…
Isosha lokuthula
BONA ZULU – May 2006
indaba nguWALTON GOLIGHTLY
isithombe nguPAUL VELASCO/PICTURENET AFRICA
