zulu.532.Dead
BONA ZULU - May 2007
indaba nguNOMPUMELELO MNGADI
izithombe ngabeGREAT STOCK!
Ngabe sivusa abafile!
Njengoba amangcwaba emadolobheni eya egcwala, uhulumeni uzabalazela ukuthola isixazululo esizokwamukeleka kuwo wonke umuntu
NGABE sesiphelelwa yindawo yokufihla abathandiweyo bethu" Emadolobheni, impendulo ngu-yebo. Ayisekho indawo ngokusho koyisikhulu sabe-Ethekwini parks, recreation, cemeteries and culture uThembinkosi Ngcobo. Lokhu kuliqiniso hhayi eThekwini kuphela kodwa nakwamanye amadolobha ezweni lonkana.
Uxwayise ngokuthi izinqumo kuzomele zenziwe ngokushesha embuzweni othi ngabe omasipala bazoqhubeka nokunika abantu indawo yokungcwaba yini.
Cishe amaphesenti angu-90 amangcwaba aseThekwini asegcwele, kusho uNgcobo.
Izixazululo ziyadingeka ukubhekana nale nkinga. UNgcobo uhlongoza ukuthi wonke amangcwaba ambiwe emva kweminyaka eyisithupha kuya kwelishumi kuthi izinsalela zemizimba zishiswe noma zingcwatshwe emathuneni ajulile, ukuze kutholakale indawo yokungcwaba abanye. "Lolu udaba olushube kakhulu nokuzoba nzima kubantu abaningi ukubhekana nalo. Kodwake ngezinye zezinto ezingenzeka okumele zicutshungulwe."
UKHOLWA futhi wukuthi ukushiswa kwemizimba kufanele kukhuthazwe esikhundleni sokungcwaba. Uqhube wathi uMkhandlu weTheku ucubungula izindlela ezintathu zokwenza lokhu kwamukeleke ezinhlanganweni zamabandla. Lezo zindlela yilezi: ukwenza "ingadi yesikhumbuzo" nokuyilapho izinsalela zingafihlwa khona; ukuphinde kungcwatshwe umlotha; noma ukuwuphonsa olwandle.
Cishe okuyindida kakhulu kwabaningi wumbono wokuba ithuna elilodwa lisetshenziselwe ukufaka cishe izidumbu eziyisikhombisa.
Okunye okucatshangiwe wukuvalwa kwamatshe esikhumbuzo njengoba nawo ethatha indawo enkulu.
UNgcobo ugcizelele ukuthi ngisho ngabe yini esinqunyiwe, kodwa kuyoboniswana nabo bonke abathintekayo nemiphakathi.
"Kodwa sinenkinga enkulu esibhekene nayo njengamanje okuzothi uma singabhekani nayo ngokushesha, sigcine sesihleli nezidumbu singakwazi ukuzingcwaba," kuqhuba uNgcobo.
Indawo yaseThekwini inamahektha angu-500 endawo ebekelwe ukungcwaba. Njengoba bengaphezu kuka-19 000 abantu abangcwatshwa ngonyaka, maduze ngeke isaba khona indawo esele. Ukwenza amanye amathuna amasha akusiyo into engenzeka, ngoba amathuna agcwele kakhulu futhi izindleko zokuwanakekela ziphezulu - kodwa ngokwesweleka kwezimali, maningi amangcwaba angasanakekelwa. Ukubhidlizwa kwamatshe nezinye izinto emathuneni sekwenze le nkinga yedlulela.
Sekunezinhlelo esezimiselwe ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu unolwazi ngokuphinde kungcwatshwe emathuneni amadala nokushiswa kwemizimba. "Sihlelela izikole namalungu omphakathi kanjalo nezinhlangano zamabandla ukuba zize zizobona lapho kushiswa izidumbu," kusho uNgcobo.
ABAHOLI bamaSulumane sebekhombise ukukweseka ukuphinde kungcwatshwe emathuneni amadala, kodwa futhi abahambisani nokukhishwa kwemizimba emva kweminyaka eyisithupha kuya kwelishumi.
"Siyazi ukuthi amangcwaba kungaphinde kungcwatshwe kuwo kabusha, kodwa ngeke sivume umzimba kanoma ngubani ususwe lapho wathunwa khona. Ukumbiwa kwemizimba kabusha yinto engahambisani nenkolo yamaSulumane," kusho u-Abdul Fataag Carr, okhulumela umphakathi wabangamaSulumane.
"Asiphambani nokuphinde kusetshenziswe amathuna asesebenzile emva kokubola kwesidumbu, kodwa iminyaka eyisithupha kuya kwelishumi yisikhathi esifishane kabi ukuba isidumbu sibole."
UMbhishobhi uBarry Wood, oyi-Vicar General yesiFunda Bhishobhi saseThekwini uthi zonke izindlela ezingasetshenziswa zidinga ukubhekisiswa kahle. "Ngicabanga ukuthi ngaphambi kokuthathwa kwanoma yiziphi izinyathelo ezinkulu, abantu kufanele baziswe ngalokhu. Abanye abantu abayithandi indlela yokushiswa, ngakhoke ngineqiniso lokuthi lokhu akusiyo into abangaphoqelelwa kuyona."
UMusa Sithebe, ongummeli osebenzisana neJustice Centre eMpangeni uthi awukho umasipala ongamba kabusha izidumbu ngaphandle kwemvume yamalungu omndeni.
Uma umuntu ekwenza esinye sezifiso zakhe ukuba ashiswe lapho esengasekho, kufanele kuchazwe nasefeni lakhe ukuthi kufanele kwenziwe njani ngomlotha. Kufanele kubhekwane nesidumbu ngokwefa.
"Awukho umthetho onika amandla kunoma ngubani ukuba ambe isidumbu ngenhloso yokuyosishisa ngisho ngabe yisizathu sokuthi ayisekho indawo yokungcwaba noma yokuhlala noma yingayiphi enye inhloso," kusho uSithebe.
Uma, ngenxa yanoma yisiphi isizathu, uhulumeni ufuna ukuqhuba ngale ndlela, kufanele ulandele inqubo yokuphasiswa komthetho. Lokhu kusho ukuthi kufanele kudwetshwe umthetho sivivinyo, ukuze abantu bazwakalise uvo lwabo, mhlawumbe bese uphasiswa njengomthetho.[z]
Ucwaningo lukaBONA
BONA ZULU - May 2007
Ngabe wena ucabangani"
Luzosonjululwa kanjani lolu daba olubucayi kangaka" Sibhalele uzwakalise uvo lwakho: Izincwadi mazithunyelwe kuleli kheli: Letters To The Editor, Box 32083, Mobeni 4060.
