Zulu.523.yourlifeguide_muthi
Ubuhlungu bokulahlwa
UMZALI
Wazama ukubulala uyise izikhathi ezine ngenxa yokuthi wamlahla
AYIKHO into ebuhlungu empilweni njengokulahlwa abazali. Make sithi ubaba ulahle indodana yakhe. Ngisho ngabe umama wayo yena uyenzela konke ukuze izibone ithandwa - kodwa iqiniso wukuthi lo baba ongekho eduze uzosho lukhulu enganeni kodwa ngendlela ephambene nokwenza.
Ingane ijika ibalekele leyo mfudumalo eyithola kumama incamele ukuqhuqhwa amakhaza idukuze ebumnyameni obudalwe ukungabikho kukayise eduze.
Ubuhlungu bokulahlwa bungaholela ekutheni ufune ukuziphindiselela.
Lena yinto omunye umfundi waseKZN ayazi kahle kamhlophe.
"Ngesikhathi umyeni kamama wami esejele, umama wathandana nomunye umuntu - bathola mina. Ngesikhathi esephumile ejele umyeni omdala kamama wathi kumama, "lahla lo doti wengane yakho uyise kuyise wayo." Umama wamlalela ekubeni nobaba wami ongizalayo wayengafuni lutho oluzomhlanganisa nami.
Lo mfana wayiswa komalume bakhe lapho afike wazizwa engamukelekile. Emva kwalokho wahamba wayohlala ePort Elizabeth nokuyilapho agula khona wacishe wafa.
Ekubuyeleni kwakhe eKZN wathola ukuthi umama wakhe akasekho emhlabeni.
Wabuyela kubaba wakhe omzalayo - wamchitha okokugcina. Wamphika wathi akasiye uyise omzalayo.
"Wathi angicele odadewabo kamama ukuba bayofunisela kunoma ngubani owake wathandana nomama - wathi mhlawumbe ngizomthola ubaba wami."
Yini oyizuzayo ngokwenza ingane ihlupheke ngenxa yezono zikamama wayo" Ubaba womfana wayengazi ukuthi kukhona okusina kumjeqeza.
"Ngathatha isibhamu ngayomcuthela kwakhe ngobunye ubusuku nokwathi lapho efika ngamdubula," kuchaza umfundi.
Wasinda, kwathi lapho esalulama, yaphinda futhi le ndodana ayilahla yamdubula, nakhona futhi wasinda.
"Ngazama ukumbulala okwesithathu - wasinda futhi." Emva kwalokho waya esibhedlela ezama ukuyomqedelela khona, ngeshwa waboshwa.
Njengoba esesejele, ufuna ukuhlolelwa ukuhlonzwa ngokofuzo. "Ngifuna ukwazi ukuthi ngingowakuphi. Uma ngiphuma ejele ngifuna ukuba yingxenye yomndeni wami. Okwamanje akukho lapho ngizokuya khona."
Lo mlisa ungibhalele ecela iseluleko sami njengesangoma. Engingakusho wukuthi ungawuhamba uwuqede umhlaba kodwa awukho umuthi ongasiza leli bhungu.
Kodwa kukhona okwedlulele okungaphezu kwalokho - uthando nokuxolela.
Ukulahla ingane - noma mhlawumbe ngabe yimuphi umuntu yinto engalungile kodwa eyenzekayo.
Ngokunjalo nokubulala nakho yinto engafanele. Ukoniwa kwale nsizwa yoniwa ngubaba wayo oyizalayo, kwakungafanele nayo iphendule ngokwenza umonakalo.
Indoda ephika igazi layo ngeke ibe ngubaba oqotho - akusizi ukuzama ukuyiguqula umqondo wayo.
Esikhundleni salokho, ngisho ngabe kunzima kanjani zitshele ukuthi akusilo iphutha lakho (wena olahliwe) kodwa ngelakhe.
Emva kwalokho zama ukuba umxolele - ngoba leyo iyona ndlela ongazikhulula ngayo uzelaphe ngayo futhi.
Naweke emva kokuhlangabezana nalokhu, hamba uyoba ngubaba oqotho kwabanye ngoba usuyazi kwenzekani uma singaziphathi kahle izingane zethu.
Kungenzeka ukuthi ubaba wakho ubeyibhubesi kuwe, kodwa lokho akusho ukuthi ngeke wena ube ngubaba oqotho.[z]
Write to Force Khashane: Muthi Talk, Box 473014, Parklands, 2121, e-mail: muthi@caxton.co.za
UKWELAPHA NGAMAKHAMBI
Ngithanda ukwazi ngingowakuphi ukuze lapho sengiphuma ejele, ngibe yingxenye yomndeni wami. Okwamanje angazi ngizokuya kuphi
EZEMITHI
AMAZWI OBUHLAKANI
Isintu sithi, uma umuntu umthanda, thanda ngisho nezingane zakhe zasothandweni olwedlule. Pho kungani senze izingane zihlupheke ngenxa yesisulu sokuzingabaza ngokwethu"
