zulu.50.read
imfundo engcono
I-Rally To Read yasungulelwa ukusiza abafundi basemaphandleni. Isisize izingane ezingu-120 000 ezikoleni ezingu-400 eminyakeni engu-10 yasungulwa…
Benza umehluko
Babasiza ngokubanika
UVUYANI MNYABISO usuka ekhaya e-East London ngo-5.30 ekuseni ahambe ngemoto amahora amabili nengxenye eya emsebenzini. “Ngisuke ngifuna ukufika esikoleni ngehora lesishiyagalombili ekuseni,” kusho yena.
Izikole eziningi zisindwe ngobulongwe phansi, azina-ceiling ophahleni, azinamanzi azinagesi.
Ezindongeni kukhona amaphepha anomsebenzi owenziwa othisha nabafundi – kunemidwebo, imibhalo, amagama nemisho yesiXhosa neyesiNgisi.
UMnyabiso wayefundisa eDuncan Village kanti manje usesebenzela i-Read Educational Trust efundisa othisha ukusebenzisa izinto zohlelo lwe-Rally To Read ezifika ngezimoto zohlobo lwama-4x4.
Othisha bafundiswa ukusebenzisa izincwadi ezicija abafundi ekufundeni nasekubhaleni. Emva kwalokho othisha nalowo obafundisayo bangena emagumbini okufundela basebenze nabafundi. Uma abafundi sebekwazi ukufunda ngolimi lwabo, bafundiswa isiNgisi.
Izivumelwano
Izikole zijoyina lolu hlelo iminyaka emithathu zisayine izivumelwano zokuba yingxenye yoqeqesho nokusetshenziswa kwezincwadi. Ezihlulekayo wukugcina isivumelwano ziphucwa izincwadi.
“Kodwa lokho akuvamile ukwenzeka,” kusho uBertus Mathee ongumqondisi we-Read.
Ucwaningo lukhomba ukuthi ngalolu hlelo abafundi bakwazi ukufunda kahle emva kweminyaka emibili kanti iminyaka emine iphela sebecijeke kahle nasekubhaleni.
Lokhu okwenziwa yi-Read yakubona kwenziwa amazwe aphesheya kanti yenza ucwaningo yahlola izincwadi ezinezinganekwane zase-Africa nezinye izifundo eziheha abafundi.
Kulo nyaka i-rally yase-Eastern Cape bese kungokwesibili ivakashela izikole ezingu-13 eziphakathi kweWillowvale neQora River eTranskei lapho uVuyani Mnyabiso esebenza khona.
Amanye ama-rally avakashela izikole eziKwaZulu-Natal, eMpumalanga, eLimpopo, eNorth-West, eFree State, eNorthern Cape naseWestern Cape.
Abashayeli bathi ibafikisela izinyembezi indlela abamukelwa ngayo nempumelelo yalolu hlelo. Abafundi bayabaculela babakhombise nokuthi sebekwazi kangakanani ukufunda.
“Kuyabonakala ukuthi umsebenzi owenziwayo unezithelo ezinhle,” kusho omunye wabashayeli.
Basemaphandleni
Lolu hlelo lwaqalwa eminyakeni engu-10 edlule emva kokuba abacwaninga ngezidingo zikazwelonke beboleke i-4x4 kwabakwaMcCarthy Motors eThekwini ukuze baye ezikoleni ezisemaphandleni.
Bathola ukuthi othisha abaqeqeshiwe kahle futhi abanamdlandla kanti nezikole zazishodelwa okokufunda.
Emva kwalokho baqala ukuthumela izincwadi ezikoleni ezisemaphandleni.
Ziningi izinkampani esezijoyine lolu hlelo. I-Rally To Read isisize izingane ezingu-120 000 ezisezikoleni ezingu-400 ezisezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe laseSouth Africa. Lokhu ikwenza ngokubambisana noMnyango wezeMfundo. ElaseGauteng kuphela elingenayo le-rally ngoba khona asikho isikole esisemaphandleni.
Kusetshenziswa izincwadi, imidwebo nokokubhala, amathoyizi afundisayo, amaCD-player-recorders, okwesayensi, ama-music centre, ama-netballs nama-soccer balls.
Kulo nyaka lama-rally azofinyelela ezinganeni ezingu- 32 000 nakothisha abangu-1 000.
Ngesikhathi kuvalwa i-rally yangalo nyaka e-Eastern Cape, uJohnny Makgato onguNgqongqoshe wezeMfundo wathi: “I-Rally To Read ithinta izimpilo zabantu. Yenza ukuba izinto zenzeke.”
Izikole sezicelwe ukuba zibhale iculo ngeRally To Read ukuze kugujwe impumelelo yalolu hlelo. [z]
BONA ZULU – August 2007
indaba nguGAVIN STEWART
izithombe nguGAVIN STEWART noGARY HORLOR
KWESOBUNXELE: U-Brand Pretorius wohlelo lwe-Rally To Read efunda enye incwadi entsha nabafundi baseBojeni Primary School.
KUDE KWESOBUNXELE: UVuyani Mnyabiso we-Read ufundisa othisha ukusebenzisa izincwadi.
PHEZULU: UNowentele Nukani noBushman Khala abangabazali, bexhensa phambi kwabafundi baseGojela Primary School ngaseWillowmore e-Eastern Cape ngesikhathi iRally To Read idilive izincwadi esikoleni sabo.
NGENHLA: Othisha baseBonde Primary School, uZoliswa Bozo, Patricia Makozi, Muriel Colo noNozethu Skolo bejabulela ukufika kwezincwadi…
NGENHLA KWESOKUDLA: Abafundi baseBojeni Primary School bephethe ibhokisi elinezinto zokufunda elidilivwe nge-4x4 esikoleni sabo.
BONA ZULU – August 2007
u
t
Kulo nyaka ama-rally azoya ezinganeni ezingu-32 000
BONA ZULU – August 2007
Kwanda abaxhasi
Kule minyaka engu-10 iRally To Read isiqoqe imali engango-R30 million yokuthenga izincwadi, izinto zokufundisa othisha nabafundi – kanti isihambe izinkulungwane ngezinkulungwane zamakhilomitha iya ezikoleni ezikude.
Ku-R4,3 million obekelwe ukusetshenziswa kulo nyaka, ngo-R2,6 million kuzothengwa izincwadi nokokufunda, u-R1,7 million uthuthukise othisha.
Inkampani exhasa nge-library nokuthuthukiswa kothisha icelwa ukuba ithumele i-4x4 nethimba layo elizodiliva izincwadi.
Lolu hlelo selunabaxhasi abangu-79. Abanye babo kuphela unyaka beyizimbangi kwezamabhizinisi kodwa bagcine behlangene kwi-rally kusizwe izikole.
NGEZANSI: Ithimba le-Rally To Read lidlula ngaseWillowmore e-Eastern Cape.
BONA – August 2007
