zulu.502.thabang
Sixoxisane noThabang Moekestane
UTHABANG Moekestane yinsizwa eseyintsha esizakhele igama njengesihlabani saseSouth Africa kwezokubhukuda. “Ugogo wami wayesebenza ekhuculula ehlanza kule ndawo ye-swimming pool kamasipala eSoweto. Ngangimvakashela njalo kusukela ngineminyaka eyisithupha.
“Ngangikuthanda ukubuka abantu bebhukuda ngazibonela ukuthi lena yiyonanto engizimisele ngokuyenza.
“Ngenxa yalokho abangama-lifeguards bakuqaphela lokhu base bengifundisa izindlela zokubhukuda.”
UThabang unekhono lokuzalwa ikakhulu kwi-breast-stroke kanti washeshe wabonwa ngabeSwim SA.
Wathola umfundaze wokuba ajoyine uhlelo lwaseHigh Performance Centre (HPC) eNyuvesi yasePitoli - nokunguhlelo lokuqeqesha lwezemidlalo olubhekiswe ikakhulu ekuqeqesheni ababhukudi abasebasha - nokuyilapho akwazi khona ukuphothula ukufunda kwakhe ngesikhathi esifanayo.
“Ngaqala ukungenela imiqhudelwano yokubhukuda ngineminyaka engu-13 nokwathi lapho sengineminyaka engu-15 ngawina indondo yami yokuqala ye-bronze,” kusho kukhumbula yena.
UThabang wawina izindondo zakhe zegolide zokuqala kwi-2006 African Senior Championships eSenegal ku-50m no-100m we-breast-stroke.
Ziningi izindondo aseziqoqile ze-bronze, silver nezegolide emiqhudelwaneni eminingi emhlabeni jikelele.
Azigqaja ngakho!
UThabang uthi umuntu oliqhawe lakhe nguMichael Phelps waseMelika ophethe irekhodi lomhlaba osethole igolide izikhathi eziyisithupha kuma-Olympics nokunguye omenza naye aziqeqeshe nsukuzonke.
“Ukubhukuda kuyimpilo yami,” kusho yena.
Le nsizwa izigqaja kakhulu ngokwazi ukuthi ingumbhukudi wokuqala omnyama eSouth Africa ukuba awine indondo kanti izimisele kakhulu ukukhuthaza athuthukise lo mdlalo entsheni emnyama.
Esikhathini esincane anaso sokuhlaba ikhefu, uqeqesha abafundi esikoleni eGoli kanjalo nezingane zomphakathi wangakubo.
“Lapho ngiphuma khona kunzima ukuba izingane zifunde ukubhukuda ngingasayibali eyasemazingeni okuncintisana. Zonke izingane kufanele zifunde ukubhukuda kangangoba ngizimisele ngokufinyelela kweziningi engingaphumelela ukufinyelela kuzona,” kusho yena.
Ama-Olympics
Ngeshwa kuThabang i-bronchitis yamvimbela ukuba abe yingxenye yalo mqhudelwano ekuqaleni kwesonto nokwakuchaza ukuthi kwakudingeka ukuba ahlale abukele.
“Kunzima ukuhlala ubuke umjaho okufanele ngabe nawe uyingxenye yawo,” kusho yena.
“Ngathola i-bronchitis ngoba i-heater ye-pool engangiziqeqesha kuyona yayingasebenzi ekubeni amanzi ayebanda kakhulu. Ngase ngivele nginomkhuhlane, ngaleyo ndlela i-bronchitis yenza isimo sedlulela.”
Njengamanje ugxile ekutheni aphumelele emiqhudelwaneni yokuhlungela eyama-Olympics ngo-2008. Inhloso yakhe ukuwina igolide nokuba enze irekhodi elisha lomhlaba kwi-breast-stroke.
Emva kosuku sixoxisene naye, wathola izindondo ezimbili zesiliva kwiFINA/Arena Swimming World Cup kanti futhi wayesezilungiselela ukuya kweminye imiqhudelwano eRussia, Sweden naseGermany.[z]
BONA ZULU – January 2008
“Ukubhukuda yimpilo yami,” kusho ushampeni oliqhamukisa eSoweto.
Sinethulela
isihlabani
sezokubhukuda saseSoweto
indaba nguGRACE KHUZWAYO
Sahlangana nalo shampeni we-breast-stroke ehhotela laseThekwini sekusele usuku ukuba aqhudelane nabanye kwiFINA/Arena Swimming World Cup. Wayeziphumulele emva kokuhlaselwa yi-bronchitis kodwa wazinika isikhathi sokuba axoxisane nabakwaBONA…
BONA ZULU – January 2008
