ZULU.497.legalfeb
BONA ZULU - February 2006
Uthini Umthetho
Inomswakama
NgoJanuary 2005 ngathenga indlu kwi-estate agent eyaziwayo. Emva kokuba isibhaliswe ngegama lami, ngathola ukuthi inomswakama ongapheli. Amanzi ayazigelezela ezindongeni agcwale phansi.
Ngabiza inkampani ehlola umswakama ezindlini yangitshela ukuthi sekuneminyaka le ndlu inenkinga yalo mswakama. Owayeyihlola wangikhombisa okwenziwa owayengumniniyo ezama ukugqiba lowo mswakama. Wathi unesiqiniseko sokuthi i-estate agent yangifihlela ngamabomu ukuthi inomswakama.
Kwathi uma ngibikela umakhelwane ngokwenzekile, wahleka wathi naye ubenolwazi ngenkinga yale ndlu kanti akekho umuntu ongazi ngayo.
Ukuyilungisa kuzodla imali engaphezulu kuka-R20 000.
Ngokwami, owangidayisela indlu ne-estate agent abathembekanga kimina ngokungifihlela kwabo ngale nkinga.
Kuyiphutha ukuthi kube yimina engizokhokha izindleko zokulungiswa kwayo. Yini engingayenza"
JW, Joburg
lUmswakama ongapheli kule ndlu uyiphutha elingakagqami kakhulu (latent).
Kodwa kuyicala ukulifihla ngamabomu iphutha eliveli obala uma nithengiselana. Kuseyicala ngisho noma ngabe umthengisi angathi leyo nto wawuyithenga injengoba injalo.
Wena mthengi kufanele ube nobufakazi bokuthi indlu inomswakama ongapheli noma kube khona okuzofakazela okunye kwalokhu okulandelayo...
tUkuthi umthengisi wagcizelela ukuthi indlu ayinankinga noma akuthengisela kona kwakuyikhwalithi.
tUkuthi umthengisi wayengumkhiqizi walokho akuthengisela kona noma wavuma ngokwakhe ukuthi unolwazi olugcwele ngento eyayithengiswa.
tUkuthi umthengisi akaphumelanga obala ngenkinga eyayikhona ayenolwazi lwayo, noma wayenolwazi ngayo kodwa wayilandula.
Iphuzu lokuqala nelesithathu liyangena kule nkinga yakho. Sikholwa wukuthi ungamvulela icala owayengumnini muzi ne-estate agent bakhokhe izindleko zomonakalo odalekile. Kulezo zindleko kuzoba khona ezomthetho nezokulungiswa kwenkinga esendlini. Kuzodingeka bakhokhele nendawo ozobe uqube kuyona okwesikhashana ngesikhathi besalungisa indlu uma kungukuthi ngeke bakwazi ukuyilungisa uhleli kuyona.
Uma usubale imali ezodingeka ngokulungiswa kwayo, babhalele incwadi ebaphoqa ukuba bakhokhe. Kufanele bakhokhe leyo mali zingakapheli izinsuku ezintathu kanti uma bengakhokhi, encwadini ozoyibhala akucace ukuthi bazothola isamanisi.
Uma i-estate agent nowayengumnini muzi bengafuni ukukhokha, kuzodingeka ukuba uthole ummeli ozoludlulisela phambili udaba lwakho.
Sinesiqiniseko sokuthi inkinga yakho izoxazululeka. [z]
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho, 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
